Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 8/15 kk. 25-28
  • Ingabe Umfuna Ngobuqotho UJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umfuna Ngobuqotho UJehova?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Labo Abamfuna Ngobuqotho UJehova
  • Ngokwentando Yakhe
  • Uqotho Kangakanani Wena?
  • Imizamo Yobuqotho Iba Nemivuzo
  • Sifune Ngobuqotho Isibusiso SikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • “Umvuzi Walabo Abamfuna Ngobuqotho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • UJehova Ukubusisa Nini Ukuzikhandla?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Imivuzo Yokuphikelela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 8/15 kk. 25-28

Ingabe Umfuna Ngobuqotho UJehova?

INDODA engumKristu yayifisa kakhulu ukukhuluma izindaba ezinhle eziseBhayibhelini nabantu eyayigibela nabo isitimela. (Marku 13:10) Kodwa yayivinjwa ukwesaba. Ingabe yayeka? Cha, yakuthandazela ngentshiseko yase ilwela ukufunda indlela yokuqala ingxoxo. UJehova uNkulunkulu wasiphendula isicelo sale ndoda wayinika amandla okufakaza.

Ubuqotho obunjalo bubalulekile uma sifuna uJehova kanye nesibusiso sakhe. Umphostoli uPawulu wathi: “Lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Hebheru 11:6) Akwanele ukumane nje simfune uJehova. Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi ‘ukufuna ngobuqotho’ sisesimweni esisikisela ukujula kanye nomzamo wamandla. Lokhu kuhilela yonke inhliziyo, ingqondo, umphefumulo namandla omuntu. Uma sifuna uJehova ngobuqotho, asenzi ngokungabi nandaba, sizigodle noma sivilaphe. Kunalokho, simfuna ngentshiseko yangempela.—IzEnzo 15:17.

Labo Abamfuna Ngobuqotho UJehova

EmiBhalweni kunezibonelo eziningi zabantu abenza imizamo emikhulu ekufuneni uJehova. Omunye owenza kanjalo nguJakobe, owalwa kanzima kwaze kwantwela ukusa nengelosi kaNkulunkulu eyayiphenduke umuntu. Ngenxa yalokho, uJakobe waqanjwa ngokuthi u-Israyeli (Olwa NoNkulunkulu) ngoba walwa, noma waphikelela, wazikhama amandla elwa noNkulunkulu. Ingelosi yambusisa ngenxa yomzamo wakhe oqotho.—Genesise 32:24-30.

Kukhona nowesifazane waseGalile ongashiwongo ngegama okwase kuyiminyaka engu-12 enesifo somopho, esasimbangela “ubuhlungu kaningi.” Njengoba ayekulesi simo kwakungafanele abathinte abanye abantu. Kodwa waqunga isibindi sokuya kuJesu. Wayelokhu ethi: “Uma nje ngingathinta ingubo yakhe yangaphandle, ngizophila.” Mbone ngeso lengqondo njengoba echusha ‘esixukwini esasilandela [uJesu] futhi simcindezela.’ Lapho ethinta ingubo kaJesu yangaphandle, wezwa ukuthi ‘umthombo wakhe wegazi uyanqamuka’—ukugula kwakhe okungapheli kwakwelashiwe! Lapho uJesu ebuza ethi, “Ubani othinte izingubo zami zangaphandle?” wesaba. Kodwa ngomusa uJesu wathi kuye: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.” Imizamo yakhe yaba nomvuzo.—Marku 5:24-34; Levitikusi 15:25-27.

Ngesinye futhi isikhathi, owesifazane ongumFenike wanxusa uJesu ngobuqotho ukuba aphulukise indodakazi yakhe. UJesu waphendula ngokuthi kwakungafanele anike izinjana ukudla kwabantwana. Wayesho ukuthi wayengenakunakekela abantu abangewona ama-Israyeli ayeke amaJuda okuyiwona afanelwe. Elithola iphuzu lomfanekiso kaJesu, lona wesifazane wancenga naphezu kwalokho, wathi: “Yebo, Nkosi; kodwa empeleni izinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni lamakhosi azo.” Ukholo lwakhe oluqinile kanye nobuqotho kwabangela ukuba uJesu athi: “O sifazane, lukhulu ukholo lwakho; makwenzeke kuwe njengoba ufisa.”—Mathewu 15:22-28.

Kwakuyokwenzekani kulaba bantu ukube abazange baphikelele emizamweni yabo? Babeyozithola yini izibusiso ukube bayeka lapho behlangana nesithiyo sokuqala? Cha! Lezi zibonelo zilibonisa kahle iphuzu uJesu alifundisa, lokuthi ‘ukuphikelela ngesibindi’ kufanelekile, kuze kubalulekile, ekufuneni uJehova.—Luka 11:5-13.

Ngokwentando Yakhe

Kulezi zindaba ezilandisiwe zalabo abaphulukiswa ngokuyisimangaliso, ingabe kwakudingeka ubuqotho kuphela ukuze belashwe? Cha, izicelo zabo kwakudingeka zivumelane nentando kaNkulunkulu. UJesu wayephiwe amandla okwenza izimangaliso ukuze anikeze ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu, uMesiya othenjisiwe. (Johane 6:14; 9:33; IzEnzo 2:22) Ngaphezu kwalokho, izimangaliso uJesu azenza zazinikeza umbono wezibusiso ezinhle uJehova azozilethela isintu emhlabeni ngokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.—IsAmbulo 21:4; 22:2.

Akuseyona intando kaNkulunkulu ukuba labo abaqhuba inkolo yeqiniso babe namandla okwenza izimangaliso, njengokukwazi ukuphulukisa nokhuluma ngezilimi. (1 Korinte 13:8, 13) Intando yakhe osukwini lwethu ihlanganisa nokuba kushunyayelwe izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke ukuze “zonke izinhlobo zabantu . . . zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4; Mathewu 24:14; 28:19, 20) Izinceku zikaNkulunkulu zingakulindela zifanele ukuthi uyoyizwa imithandazo yazo yentshiseko uma zenza imizamo eqotho evumelana nentando yakhe.

Abanye bangase bazibuze bathi, ‘Kungani kumelwe sizikhandle uma kanti vele intando kaNkulunkulu izofezeka?’ Nakuba kuyiqiniso ukuthi uJehova uyoyifeza intando yakhe naphezu kwemizamo yabantu, uyajabula ukuba nabantu abahileleke ekufezeni intando yakhe. UJehova angase afaniswe nomuntu owakha indlu. Umakhi unepulani ephelele yomsebenzi, kodwa izinto zokwakha uzikhetha kulezo ezitholakala endaweni. Ngokufanayo, uJehova unomsebenzi afuna ukuwufeza namuhla futhi kuyamjabulisa ukusebenzisa izinceku zakhe, ezizinikela ngokuzithandela.—IHubo 110:3; 1 Korinte 9:16, 17.

Cabanga ngendaba kaToshio osemncane. Lapho efika esikoleni esiphakeme, wayefuna ukufakaza kwabaningi ngangokunokwenzeka kule nsimu yakhe engavamile. IBhayibheli lakhe lalihlala liseduze futhi ezama ngokuzimisela ukuba ngumKristu oyisibonelo. Ngasekupheleni konyaka wakhe wokuqala esesikoleni, laziveza ithuba lokuba akhulume nekilasi. UToshio wathandaza kuJehova ecela usizo futhi wajabula kakhulu ukubona lonke ikilasi licijise izindlebe lilalele inkulumo yakhe eyayinesihloko esithi “Umgomo Wami Wokusebenza Njengephayona.” Wachaza ukuthi wayefuna ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele esinguFakazi kaJehova. Omunye wabafundi wavuma ukufunda naye iBhayibheli wathuthuka waze wabhapathizwa. Yabusiswa kakhulu imizamo kaToshio eqotho evumelana nemithandazo yakhe.

Uqotho Kangakanani Wena?

Ziningi izindlela ongabonisa ngazo ukuthi umfuna ngobuqotho uJehova nezibusiso zakhe. Okokuqala, kukhona izinto eziyisisekelo ongazenza, njengokulungiselela kahle imihlangano yobuKristu. Ngokunikeza izimpendulo ezilungiselelwe kahle, izinkulumo ezishukumisayo, nangokwenza imiboniso esebenzayo, ubonisa ukujula kobuqotho bakho ekufuneni uJehova. Ubuqotho bakho futhi ungabubonisa ngokuthuthukisa izinga lenkonzo yakho. Kunganjani uzame ukuba nobungane ngokwengeziwe lapho ukhuluma nabantu ensimini futhi usebenzise izingeniso ezisebenza ensimini yenu? (Kolose 3:23) Ngokuzikhandla ngomphefumulo wonke, indoda engumKristu ingakwazi ukwamukela izabelo ebandleni, njengokukhonza njengenceku ekhonzayo noma umdala. (1 Thimothewu 3:1, 2, 12, 13) Ngokuzenza utholakale, ungathola injabulo yokupha. Ungakwazi ukufaka isicelo sokusebenza ekwakhiweni kwegatsha noma ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Uma ungumzalwane ongashadile ofanelekayo, ungase ufune ukuya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo, esihlomisela amadoda angokomoya ukuba abe abelusi abahle. Uma ushadile, inkonzo yezithunywa zevangeli ingaba indlela ongabonisa ngayo isifiso sakho esiqotho sokukhonza uJehova ngokwengeziwe. Kungenzeka ukwazi ukuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona yabashumayeli boMbuso.—1 Korinte 16:9.

Okuyikhona okubalulekile ngempela umoya owenza ngawo isabelo onaso. Noma ngabe imuphi umthwalo onikezwe wona, wenze ngenkuthalo, ngentshiseko “nangobuqotho benhliziyo.” (IzEnzo 2:46; Roma 12:8) Kuhle ukuba isabelo ngasinye usibheke njengethuba lokubonisa isifiso sakho sokudumisa uJehova. Luthandazele njalo usizo lukaJehova, futhi wenze konke okusemandleni akho. Khona-ke uyothola umvuzo omkhulu.

Imizamo Yobuqotho Iba Nemivuzo

Uyayikhumbula leya ndoda engumKristu eyathandazela ukunqoba ukwesaba ukuze ikwazi ukushumayeza eyayigibela nabo isitimela? UJehova wasibusisa isifiso sayo esiqotho. Lo mzalwane wasebenzela ukukhuluma nabantu ngomusa nokuba nezindaba ezihlukahlukene angaqala ngazo izingxoxo. Wakwazi ukusebenzisa iBhayibheli ngokuphumelelayo ekufakazeni endodeni eyayikhathazeke ngezingcindezi zokusebenzelana nabantu. Ngemva kokuxoxa kaningana nale ndoda esitimeleni waqala isifundo seBhayibheli sasekhaya. Ngempela uJehova wambusisa ngemizamo yakhe eqotho!

Nawe ungathola imiphumela efanayo uma uqhubeka ufuna uJehova ngobuqotho. Uma ukhuthazela ngokuthobeka futhi uwenza ngenhliziyo yonke noma ngabe imuphi umsebenzi ongokwasezulwini ohileleke kuwo, uJehova uyokusebenzisa ngokuvumelana nezinjongo zakhe akuthululele isibusiso esicebile.

[Isithombe ekhasini 26]

Kwakuyokwenzekani kulona wesifazane ukube akazange aphikelele?

[Isithombe ekhasini 27]

Ingabe uyaphikelela unxuse isibusiso kuJehova?

[Izithombe ekhasini 28]

Ungabonisa kanjani ukuthi umfuna ngobuqotho uJehova?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela