Umbono KaNkulunkulu Ngabafileyo
UKUFA komuntu esimthandayo kubuhlungu ngempela. Ukuphelelwa injabulo, isizungu nomuzwa wokulahlekelwa akunakulinganiswa. Ukufelwa kungenza umuntu abe nomuzwa wokuthi akukho lutho olungamsiza, ngoba kungakhathaliseki ukuthi umuntu unengcebo, igunya, noma ithonya elingakanani, akukho muntu njengamanje emhlabeni ongavusa umuntu ofile.
Nokho, uMdali wethu uzibheka ngendlela ehlukile izinto. Njengoba adala umuntu wokuqala ngothuli lomhlabathi, uyakwazi futhi ukuphinde amdale umuntu ofile. Ngenxa yalokhu, uNkulunkulu ubheka abantu abafile njengabaphilayo. Mayelana nezinceku zasendulo ezithembekile ezafa, uJesu wathi: “Bonke bayaphila [kuNkulunkulu],” ngamanye amazwi, bayaphila ngokombono kaNkulunkulu.—Luka 20:38.
Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wayenikwe amandla okuvusa abafileyo. (Johane 5:21) Ngakho naye unombono ofana nokaYise ngalabo abafe bethembekile. Ngokwesibonelo, lapho kufa umngane wakhe uLazaru, uJesu wathi kubafundi bakhe: ‘Ngiya komvusa ebuthongweni.’ (Johane 11:11) Ngokombono wabantu, uLazaru wayefile, kodwa kuJehova nakuJesu, uLazaru wayelele.
Lapho sekubusa uMbuso kaJesu, kuyoba khona “uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Ngokuhamba kwesikhathi, abavusiwe bayothola imfundo evela kuNkulunkulu futhi babe nethemba lokuphila phakade emhlabeni.—Johane 5:28, 29.
Yebo, ukufa komuntu esimthandayo kungabangela ubuhlungu nokudabuka okukhulu, okungase kuhlale iminyaka eminingi. Noma kunjalo, uma sibheka abafileyo ngendlela uNkulunkulu ababheka ngayo singaduduzeka kakhulu futhi sibe nethemba.—2 Korinte 1:3, 4.