Wayewuthanda Umusa
UMILTON G. HENSCHEL, ilungu elingumakad’ ebona leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, waphothula inkambo yakhe yasemhlabeni ngoMgqibelo, ngo-March 22, 2003. Wayeneminyaka engu-82 ubudala.
Lapho eseyinsizwa, uMilton Henschel wajoyina izisebenzi zasendlunkulu yoFakazi BakaJehova, wakhonza khona ngokwethembeka iminyaka engaphezu kwengu-60. Ngokushesha waziwa ngokwahlulela kwakhe okuhle nokuba kwakhe nesithakazelo esiqotho emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Ngo-1939 waba ngunobhala kaN. H. Knorr, ngaleso sikhathi owayengumqondisi wendawo yokunyathelisa yoFakazi BakaJehova eBrooklyn. Lapho uMfoweth’ uKnorr ethatha izintambo ekuholeni oFakazi emhlabeni wonke ngo-1942, wagcina uMfoweth’ uHenschel engumsizi wakhe. UMfoweth’ uHenschel washada noLucille Bennett ngo-1956, bazihlanganyela ndawonye izinjabulo nezinselele zokuphila.
UMfoweth’ uHenschel wayesebenzelana eduze noMfoweth’ uKnorr kwaze kwaba sekufeni kukaKnorr ngo-1977. Njengoba ayehamba noMfoweth’ uKnorr njalo, uMfoweth’ uHenschel wahambela amazwe angaphezu kwangu-150, ekhuthaza oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, ikakhulukazi izithunywa zevangeli nalabo abasemahhovisi amagatsha. Ukuhamba okunjalo kwakuba nzima ngezinye izikhathi, kuze kube nayingozi. Ngo-1963, lapho ehambele umhlangano wesigodi eLiberia, uMfoweth’ uHenschel waba yisisulu sokushushiswa ngonya ngenxa yokwenqaba ukuhlanganyela emkhosini wokushisekela izwe.a Ngesibindi, uMfoweth’ uHenschel waphindela khona eLiberia ezinyangeni ezimbalwa nje eyohlangana nomongameli wezwe futhi azamele noFakazi bakhona inkululeko enkudlwana yokukhulekela.
Ekusingatheni izinkinga nezinselele ezinzima, uMfoweth’ uHenschel wayenedumela lokuba umuntu obhekana namaqiniso, ovumelana nezimo, nonengqondo. Ozakwabo babekwazisa ngokukhethekile ukuhleleka kwakhe, isizotha sakhe, nokuba kwakhe umuntu onamancoko. Ebusiswe ngenkumbulo emangalisayo, wayejabulisa izithunywa zevangeli eziningi emhlabeni wonke ngokushesha kwakhe ukukhumbula amagama azo, ngokusho umusho owodwa noma emibili ngolimi lwendawo, nangokutekula—ayekwenza emamatheka.
UMika 6:8 usikhumbuza ukuthi uJehova uNkulunkulu ufuna ‘sithande umusa.’ UMilton Henschel uyokhunjulwa ngokubeka isibonelo esihle kulokhu. Naphezu komthwalo wakhe wemfanelo osindayo, wayelokhu engeneka, emnene, futhi enomusa. Wayethanda ukuthi, “Lapho ungaqiniseki ngokumelwe ukwenze, khumbula ukuthi into ewumusa iyona elungile.” Nakuba sidabuka ngokushona kwalo mzalwane othandekayo, siyajabula ngokuthi ukhuthazele kwaze kwaba sekugcineni, eqiniseka ngokwamukela umvuzo wakhe, “umqhele wokuphila.”—IsAmbulo 2:10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1977 (yesiNgisi), amakhasi 171-7.
[Isithombe ekhasini 31]
UM. G. Henschel enoN. H. Knorr
[Isithombe ekhasini 31]
EnoLucille, umkakhe