Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 11/15 k. 27
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengazigubhi Izinsuku Zokuzalwa?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Ingabe Kufanele NgamaKristu Ukuba Agembule?
    I-Phaphama!—1992
  • Imikhosi Engamjabulisi UNkulunkulu
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 11/15 k. 27

Imibuzo Evela Kubafundi

AmaKristu kufanele akubheke kanjani ukusetshenziswa kwamatshe ahlotshaniswa nezinyanga zokuzalwa (birthstones)?

Kwezinye izizwe, ama-birthstone ahlotshaniswa nenyanga umuntu azalwa ngayo. Ukuthi umKristu uyayifaka yini indandatho enetshe elithile eliyigugu kuyindaba okumelwe azinqumele yona. (Galathiya 6:5) Kunezici ezibalulekile okumelwe zicatshangelwe lapho umuntu enza leso sinqumo.

I-Encyclopaedia Britannica ithi ama-birthstone “amatshe ahlotshaniswa nosuku umuntu azalwa ngalo, ngokuvamile okukholelwa ukuthi abalethela inhlanhla noma impilo enhle labo abawafakayo.” Le ncwadi inezela ithi: “Sekuyisikhathi eside abahlola izinkanyezi behlobanisa amatshe athile ayigugu namandla angaphezu kwawemvelo.”

Abantu abaningi, ikakhulukazi ezikhathini zasendulo, babekholelwa ukuthi la matshe abalethela inhlanhla abawafakayo. Ingabe umKristu weqiniso uyakukholelwa lokhu? Cha, ngoba uyaqaphela ukuthi uJehova wabalahla labo ababemshiya bethembela ‘kunkulunkulu weNhlanhla.’—Isaya 65:11.

NgeNkathi Ephakathi, ababikezeli benhlanhla bakhethela inyanga ngayinye yonyaka itshe eliyigugu. Babekhuthaza abantu ukuba bafake amatshe ezinyanga abazalwa ngazo, okwakuthiwa azobavikela ekulimaleni abawafakile. Kodwa kungaba yinto ephambene nemiBhalo ukuba amaKristu alandele isiqondiso sababikezeli bezenzakalo ngoba iBhayibheli liyabalahla.—Duteronomi 18:9-12.

Kungaba okungafanelekile futhi ukuba amaKristu akubheke njengokubalulekile ukuthi indandatho ine-birthstone. OFakazi BakaJehova abazigubhi izinsuku zokuzalwa. Lokhu kungenxa yokuthi imigidi enjalo igxila kakhulu kumuntu futhi ukugujwa kwezinsuku zokuzalwa okukhulunywa ngakho eBhayibhelini okwababusi ababengamkhonzi uNkulunkulu.—Genesise 40:20; Mathewu 14:6-10.

Abanye abantu bacabanga ukuthi ukufaka indandatho ehlotshiswe nge-birthstone kunethonya elihle ebuntwini balowo oyifakile. Nokho, amaKristu eqiniso awakukholelwa lokhu, ngoba ayaqaphela ukuthi “ubuntu obusha” bugqokwa ngaphansi kwethonya lomoya ongcwele kaNkulunkulu nangokusebenzisa izimiso zemiBhalo.—Efesu 4:22-24.

Isici esibaluleke kakhulu isisusa. Lapho umKristu enquma ukuthi ayifake yini indandatho ene-birthstone, angase azibuze, ‘Ingabe ngifuna ukufaka le ndandatho ngenxa nje yokuthi itshe layo liyangikhanga, nakuba futhi lihlotshaniswa nenyanga yokuzalwa? Noma, ingabe ngandlela-thile ngithonywe izinkolelo-ze abantu abathile abanazo ngamatshe anjalo ayigugu?’

UmKristu kufanele ahlole inhliziyo yakhe ukuze athole ukuthi siyini isisusa sakhe. ImiBhalo ithi: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.” (IzAga 4:23) Kuyoba kuhle ukuba lapho umKristu ngamunye enza isinqumo ngokuqondene nama-birthstone, acabangele isisusa sakhe nokuthi akwenzayo kungase kubathinte kanjani abanye kanye naye ngokwakhe.—Roma 14:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela