Ingabe Kufanele NgamaKristu Ukuba Agembule?
INGABE kufanele ngomKristu ukuba agembule ukuze azame ukuthola okuthile mahhala? Cha, ngoba iZwi likaNkulunkulu limkhuthaza ukuba asebenze ukuze azinakekele yena nomkhaya wakhe: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli. . . . Basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa.”—2 Thesalonika 3:10, 12.
Isazi sezenhlala-kahle sabiza umdlalo wokugembula ngokuthi ‘indlela abantu abaningi abampofu abacebisa ngayo abantu abambalwa,’ futhi lokhu kunjalo ngokugembula nje kukonke. Ingabe umKristu ubengafuna ukuzicebisa kube ukulahlekelwa ngalabo okubahambela kabi? AmaKristu kufanele ‘athande omakhelwane bawo njengalokhu ezithanda wona.’ (Marku 12:31) Kodwa ukugembula kubangela ubugovu esikhundleni sothando, ukuzithela ngabandayo esikhundleni sozwela.
Ukugembula ngokuvamile kushukunyiswa ukuhaha—ubugovu—umoya okude lé nobuKristu. KumaRoma 7:7, uPawulu wathi: “Ungafisi.” Igama elithi “ukufisa” lisho “ukulangazelela, ukunxanela.” Ingabe lokho akusichazi yini isifiso eseqisayo somgembuli sokuwina imali kamakhelwane wakhe? Isifiso esinjalo siphambene nomgomo wamaKristu wokwabelana nokupha.
IBhayibheli lithi: “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa . . . bazigwaza ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:10) Lokhu kuchaza isimo somlutha wokugembula, ogqilazwa umkhuba omgwaza kabuhlungu, ngokuphindaphindiwe.
UJesu wathi abantu bangabonakala “ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:20) Ngaphandle kosizi imilutha yokugembula nemikhaya yayo ababhekana nalo, sekuyisikhathi eside ukugembula kuhlanganiswa nokungathembeki nobugebengu. INew Encyclopædia Britannica iyaphawula: “Okuningi kwedumela elibi elihlangene nokugembula kuye kwabangelwa ukungathembeki kwabaxhasi bako.” Ubugebengu obuhleliwe buye bahlanganiswa kokubili nokugembula okungokomthetho nokungemthetho. Ingabe umKristu ubengafuna ukuxhasa lemboni, ngisho nangendlela engaqondile?
Njengoba kuchaziwe esihlokweni sesibili saloluchungechunge, ukugembula ngokuvamile kuhilela ukufuna izinombolo zenhlanhla, izinsuku zenhlanhla, noma inhlanhla yokuwina njalo ngezindlela zenkolelo-ze. Sekungamakhulu eminyaka iNkosazana Yenhlanhla iqonyiswa abagembuli abashisekela ukunxenxa umusa wayo. AmaRoma ayeyibiza ngokuthi uFortuna, futhi umuzi waseRoma ekugcineni waba namathempeli angu-26 amiswa ngenjongo yokuyidumisa.
Umprofethi uIsaya wabhekisela kunkulunkulu ofanayo, obizwa ngokuthi ugadh, owayekhulekelwa amaIsrayeli ayizihlubuki. Wabhala: “Nina enimshiya uJehova, . . . nihlelele iNhlanhla [ngesiHeberu, gadh] itafula.” (Isaya 65:11) Ngosuku lokugcina lonyaka, kwakuwumkhuba ukulungiselela unkulunkulu weNhlanhla itafula eligcwele izinhlobonhlobo zokudla. Ngalendlela abantu basendulo babenethemba lokuqikelela ukuthi ngonyaka olandelayo babe nenhlanhla.
UNkulunkulu akazange abamukele labo ngobuwula ababethembela kugadh, noma iNkosazana Yenhlanhla, ukuba axazulule izinkinga zabo. Ukwethembela enhlanhleni kwakubhekwa njengokufanayo nokushiya uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Esikhundleni sokukhulekela umqondo oguquguqukayo weNhlanhla, amaKristu kufanele athembele kuNkulunkulu weqiniso, uJehova, Lowo osithembisa ingcebo ebaluleke kakhulu, Lowo ongasoze asiphoxe.