Imibuzo Evela Kubafundi
Iziphi izimo ezabangela ukuba uJuda alale nowesifazane ayecabanga ukuthi uyisifebe, njengoba isho kanjalo incwadi kaGenesise 38:15, 16?
Nakuba uJuda alala nowesifazane ayecabanga ukuthi uyisifebe, eqinisweni wayengesona. NgokukaGenesise isahluko 38, nakhu okwenzeka.
Ngaphambi kokuba indodana kaJuda eyizibulo ibe namadodana nomkayo, uThamari, yabulawa ngoba ‘yayiyimbi emehlweni kaJehova.’ (Genesise 38:7) Ngaleso sikhathi, kwakusalandelwa isiko lokuba umuntu angene umkamfowabo. Lokhu kwakusho ukuthi lapho indoda ishona ingakabi nayo indlalifa, umfowabo kwakumelwe angene umfelokazi ukuze abe nendlalifa. Kodwa indodana kaJuda yesibili, u-Onani, yenqaba ukufeza lesi sibopho sayo. Ngakho, yafa ngenxa yesahlulelo sikaNkulunkulu. UJuda wabe-ke esethi kumalokazana wakhe uThamari makabuyele emzini kayise kuze kube yilapho indodana yakhe yesithathu, uShela, isikhule ngokwanele ukuba ihlanganiswe naye ngomshado. Nokho, njengoba iminyaka ihamba uJuda akazange amshadise noShela uThamari. Ngakho lapho uJuda eshonelwa ngumkakhe, uThamari wakha icebo ukuze akwazi ukuthola indlalifa ngoJuda, umIsrayeli owayekade enguyisezala. Lokhu wakwenza ngokuba azenze isifebe sasethempelini wayeseyohlala ngasemgwaqweni ayazi kahle ukuthi uJuda wayezodlula kuwo.
Engazi ukuthi lo kwakunguThamari, uJuda walala naye. Ngobuhlakani uThamari wacela izibambiso kuJuda ngalokho amenzele kona, futhi kamuva wanikeza ubufakazi ngalezi zinto bokuthi nguyena owayemkhulelisile. Lapho selivelile iqiniso, uJuda akazange amsole uThamari kodwa ngokuthobeka wathi: “Ulungé ngaphezu kwami, ngesizathu sokuthi angimnikanga uShela indodana yami.” Futhi “akaphindanga walala naye,” kube kufanele impela.—Genesise 38:26.
UJuda wona ngoba akazange afeze isithembiso sakhe sokuba ashadise uThamari nendodana yakhe uShela. Wabuye walala nowesifazane ayecabanga ukuthi uyisifebe sasethempelini. Lokhu kwakuphambene nenjongo kaNkulunkulu, eyayiwukuba owesilisa alale kuphela nomuntu ashade naye. (Genesise 2:24) Nokho, empeleni uJuda akazange alale nesifebe. Kunalokho, engazi wathatha isikhundla sendodana yakhe uShela ngokungena uThamari futhi ngenxa yalokho wazala izingane ezingokomthetho.
Ngokuqondene noThamari, lokho akwenza kwakungekona ukuziphatha okubi. Amadodana akhe angamawele ayengabhekwa njengamadodana obufebe. Lapho uBhowazi waseBhetlehema engena uRuthe umMowabikazi, amadoda amadala aseBhetlehema akhuluma kahle ngendodana kaThamari uPherezi, ethi kuBhowazi: “Kwangathi indlu yakho ingaba njengendlu kaPherezi, lowo uThamari amzalela uJuda, ngenzalo uJehova azokunika yona ngale ntombazane.” (Ruthe 4:12) UPherezi futhi uyabalwa ohlwini lokhokho bakaJesu Kristu.—Mathewu 1:1-3; Luka 3:23-33.