Ingabe Uyawujabulela ‘Umthetho KaJehova’?
“Uyajabula umuntu [onjabulo] yakhe isemthethweni kaJehova.”—IHUBO 1:1, 2.
1. Kungani sijabula njengezinceku zikaJehova?
UJEHOVA uyasisekela futhi asibusise njengezinceku zakhe ezithembekile. Yiqiniso, sibhekana nokulingwa okuningi. Nokho, sinenjabulo yangempela. Akumangalisi lokhu, ngoba sikhonza ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ futhi umoya wakhe ongcwele wakha injabulo ezinhliziyweni zethu. (1 Thimothewu 1:11; Galathiya 5:22) Injabulo yisimo sokuthokoza kwangempela esibangelwa ukulindela noma ukuthola okuthile okuhle. Futhi uBaba wethu osezulwini usinika izipho ezinhle ngempela. (Jakobe 1:17) Shono sijabula!
2. Imaphi amahubo esizoxoxa ngawo?
2 Injabulo iyaqokonyiswa encwadini yamaHubo. Izibonelo zalokhu amaHubo 1 no-2. Abalandeli bakaJesu Kristu bokuqala báthi ihubo lesibili laqanjwa inkosi yakwa-Israyeli uDavide. (IzEnzo 4:25, 26) Umqambi wehubo lokuqala ongashiwongo igama uqala ingoma yakhe ephefumulelwe ngala mazwi: “Uyajabula umuntu ongazange ahambe ngeseluleko sababi.” (IHubo 1:1) Kulesi sihloko nakwesilandelayo, masibone indlela amaHubo 1 no-2 asinika ngayo isizathu sokujabula.
Imfihlo Yenjabulo
3. NgokweHubo 1:1, iziphi ezinye zezizathu ezenza ukuba umuntu owesaba uNkulunkulu ajabule?
3 IHubo 1 libonisa isizathu esenza ukuba umuntu owesaba uNkulunkulu ajabule. Enikeza ezinye zezizathu zaleyo njabulo, umhubi uyahlabelela: “Uyajabula umuntu ongazange ahambe ngeseluleko sababi, ongazange ame endleleni yezoni, futhi ongazange ahlale endaweni yabahleka usulu.”—IHubo 1:1.
4. Iyiphi inkambo eyisibonelo eyaphishekelwa uZakariya no-Elizabethe?
4 Ukuze sijabule ngempela, kumelwe sizivumelanise nezimfuneko zikaJehova zokulunga. UZakariya no-Elizabethe, ababa nelungelo elijabulisayo lokuba abazali bakaJohane uMbhapathizi, “babelungile phambi kukaNkulunkulu ngenxa yokuhamba ngokungasoleki ngokuvumelana nayo yonke imiyalo kaJehova nezimfuneko zakhe ezingokomthetho.” (Luka 1:5, 6) Singajabula uma siphishekela inkambo efanayo futhi senqaba ngokuqinile ‘ukuhamba ngeseluleko sababi’ noma ukuqondiswa amacebiso abo amabi.
5. Yini engasisiza ukuba sigweme ‘indlela yezoni’?
5 Uma sikwenqaba ukucabanga kwababi, ngeke ‘sime endleleni yezoni.’ Empeleni, ngeke neze sitholakale lapho zivame ukuba khona—ezindaweni zokuzijabulisa ngokuziphatha okubi noma ezinedumela elibi. Kuthiwani uma silingeka ukuba sihlanganyele nezoni ekuziphatheni kwazo okungqubuzana nemiBhalo? Khona-ke, masithandazele usizo lukaNkulunkulu ukuze senze ngokuvumelana namazwi omphostoli uPawulu: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa. Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi na? Noma, ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama?” (2 Korinte 6:14) Uma sincika kuNkulunkulu futhi ‘sihlanzekile enhliziyweni,’ siyowenqaba umoya nendlela yokuphila yezoni, sibe nezisusa nezifiso ezihlanzekile, kanye ‘nokholo olungenabuzenzisi.’—Mathewu 5:8; 1 Thimothewu 1:5.
6. Kungani kufanele siqaphe ngokuqondene nabahleki bosulu?
6 Ukuze sijabulise uJehova, kumelwe nakanjani ‘singahlali endaweni yabahleka usulu.’ Abanye bakuhleka usulu kwakona nje ukwesaba uNkulunkulu, kodwa kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ ukuhleka usulu kwezihlubuki ezazingamaKristu kuvame ukuhlaba ngokukhethekile. Umphostoli uPetru waxwayisa ayekholwa nabo: “Bathandekayo, . . . niyakwazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu, beqhubeka ngokwezifiso zabo siqu bethi: ‘Kuphi lokhu kuba khona kwakhe okuthenjisiwe? Phela, kusukela osukwini okhokho bethu abalala ngalo, zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashí nasekuqaleni kwendalo.’” (2 Petru 3:1-4) Uma singalokothi ‘sihlale endaweni yabahleka usulu,’ siyogwema inhlekelele eyobehlela nakanjani.—IzAga 1:22-27.
7. Kungani kufanele silalele amazwi eHubo 1:1?
7 Ngaphandle kokuba silalele amazwi asekuqaleni kweHubo 1, singalahlekelwa ingokomoya esilizuze ngokutadisha imiBhalo. Empeleni, isimo sethu singaya siba sibi nakakhulu. Ukonakala kwezinto kungase kuqale uma silandela iseluleko sababi. Ngemva kwalokho, singase sivame ukuzihlanganisa nabo. Ekugcineni, singase size sibe abahleki bosulu abayizihlubuki ezingenalukholo. Kusobala ukuthi ukwakha ubungane nababi kungakha kithi umoya wokungamhloniphi uNkulunkulu futhi kungonakalisa ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu. (1 Korinte 15:33; Jakobe 4:4) Kwangathi singelokothe sikuvumele lokho kwenzeke kithi!
8. Yini eyosisiza ukuba sigcine izingqondo zethu zigxile ezintweni ezingokomoya?
8 Umthandazo uyosisiza ukuba sigcine izingqondo zethu zigxile ezintweni ezingokomoya futhi sigweme ukuzihlanganisa nababi. UPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” Lo mphostoli wakhuthaza ukucabanga ngezinto eziyiqiniso, ezibaluleke ngempela, ezilungileyo, ezihlanzekile, ezithandekayo, okukhulunywa kahle ngazo, eziwubuhle, nezikufanelekelayo ukudunyiswa. (Filipi 4:6-8) Masenze ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu, singalokothi sizehlise sifane nababi.
9. Nakuba siyigwema imikhuba emibi, sizama kanjani ukusiza zonke izinhlobo zabantu?
9 Nakuba siyenqaba imikhuba emibi, sishumayela ngobuhlakani kwabanye, njengoba nje umphostoli uPawulu akhuluma noMbusi uFeliksi waseRoma “ngokuqondene nokulunga nokuzithiba nokwahlulela okuzayo.” (IzEnzo 24:24, 25; Kolose 4:6) Sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuzo zonke izinhlobo zabantu, futhi sibaphatha ngomusa. Siyaqiniseka ukuthi labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’ bayoba amakholwa futhi bawujabulele umthetho kaNkulunkulu.—IzEnzo 13:48.
Uyawujabulela Umthetho KaJehova
10. Yini eyosiza ekugxiliseni izinto engqondweni nasenhliziyweni yethu lapho senza isifundo somuntu siqu?
10 Ekhuluma ngomuntu ojabulayo, umhubi uqhubeka athi: “Injabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku.” (IHubo 1:2) Njengezinceku zikaNkulunkulu, ‘siyawujabulela umthetho kaJehova.’ Lapho kungenzeka khona, lapho senza isifundo somuntu siqu futhi sizindla, singase sifunde “ngezwi eliphansi,” siphimisele. Ukwenza lokhu lapho sifunda noma iyiphi ingxenye yemiBhalo kuyosiza ekuyigxiliseni ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu.
11. Kungani kufanele silifunde “imini nobusuku” iBhayibheli?
11 “Inceku ethembekileyo neqondayo” iye yasikhuthaza ukuba sifunde iBhayibheli nsuku zonke. (Mathewu 24:45) Ngenxa yesifiso esijulile sokuwazi kangcono umyalezo kaJehova esintwini, kungaba yinto enhle ukufunda iBhayibheli “imini nobusuku”—yebo, ngisho nalapho siqwashile ngesizathu esithile. UPetru uyasinxusa: “Njengezinsana ezisanda kuzalwa, yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi, ukuze ngalo nikhulele ensindisweni.” (1 Petru 2:1, 2) Uyakujabulela yini ukufunda iBhayibheli nsuku zonke nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu nezinjongo zakhe ebusuku? Umhubi wayekujabulela.—IHubo 63:6.
12. Yini esiyoyenza uma siwujabulela umthetho kaJehova?
12 Injabulo yethu yaphakade ixhomeke ekujabuleleni kwethu umthetho kaNkulunkulu. Uphelele futhi ulungile, futhi ukuwugcina kunomvuzo omkhulu. (IHubo 19:7-11) Umfundi uJakobe wabhala: “Lowo obukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lo muntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi, uyojabula lapho ewenza.” (Jakobe 1:25) Uma siwujabulela ngempela umthetho kaJehova, ngeke kudlule usuku singazicabangelanga izinto ezingokomoya. Empeleni, siyoshukumiseleka ukuba ‘sihlole nezinto ezijulile zikaNkulunkulu’ futhi sigcine izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni.—1 Korinte 2:10-13; Mathewu 6:33.
Uba Njengomuthi
13-15. Kungamuphi umqondo singaba njengomuthi otshalwe ngasemanzini amaningi?
13 Eqhubeka nokuchaza umuntu oqotho, umhubi uthi: “Ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.” (IHubo 1:3) Njengabo bonke abanye abantu abangaphelele, nathi esikhonza uJehova sibhekana nezinkinga ekuphileni. (Jobe 14:1) Singase sishushiswe, futhi sehlelwe ezinye izinhlupheko ezihlobene nokholo lwethu. (Mathewu 5:10-12) Nokho, ngosizo lukaNkulunkulu siyakwazi ukukhuthazelela lolu vivinyo ngokuphumelelayo, njengoba nje umuthi ophile kahle umelana nemimoya eqinaqinile.
14 Umuthi otshalwe ngasemanzini angashi awubuni lapho kushisa noma lapho lomisile. Uma singabantu abesaba uNkulunkulu, amandla ethu avela eMthonjeni ongashi—uJehova uNkulunkulu. UPawulu wabheka kuNkulunkulu ukuze athole usizo, futhi wayengathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo [uJehova] ongipha amandla.” (Filipi 4:13) Lapho siqondiswa umoya ongcwele kaJehova futhi usisekela ngokomoya, asibuni, sibe abangatheli noma abafile ngokomoya. Siyathela enkonzweni kaNkulunkulu, sibonise nezithelo zomoya wakhe.—Jeremiya 17:7, 8; Galathiya 5:22, 23.
15 Ngokusebenzisa igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “njengo-,” umhubi usebenzisa isifaniso. Ufanisa izinto ezimbili ezihlukene, yize kunesici ezifana ngaso. Abantu bahlukile emithini, kodwa kusobala ukuthi ukuthela komuthi otshalwe ngasemanzini amaningi kwakukhumbuza umhubi ukuchuma okungokomoya kwalabo ‘abanjabulo yabo isemthethweni kaJehova.’ Uma siwujabulela umthetho kaNkulunkulu, izinsuku zethu zingaba njengezomuthi. Eqinisweni, singaphila phakade.—Johane 17:3.
16. Kungani ‘konke esikwenzayo kuphumelela’ futhi kuphumelela kanjani?
16 Njengoba siphishekela inkambo eqotho, uJehova uyasisiza sikwazi ukuthwala izingcindezi eziyizinhlupheko nezinkinga. Siyajabula futhi siyathela enkonzweni kaNkulunkulu. (Mathewu 13:23; Luka 8:15) ‘Konke esikwenzayo kuyaphumelela’ ngoba umgomo wethu oyinhloko uwukwenza intando kaJehova. Njengoba izinjongo zakhe ziphumelela njalo futhi siyijabulela imiyalo yakhe, siyachuma ngokomoya. (Genesise 39:23; Joshuwa 1:7, 8; Isaya 55:11) Lokhu kunjalo ngisho nalapho sibhekana nezinsizi.—IHubo 112:1-3; 3 Johane 2.
Ababi Babonakala Sengathi Bayachuma
17, 18. (a) Umhubi ubafanisa nani ababi? (b) Ngisho noma ababi bechuma ngokwezinto ezibonakalayo, kungani bengenakho ukulondeka okuhlala njalo?
17 Yeka indlela esihluke ngayo isimo sababi kwesabalungile! Ababi bangase babonakale bechuma ngokwezinto ezibonakalayo okwesikhashana, kodwa abachumi ngokomoya. Lokhu kubonakala ngamazwi omhubi aqhubekayo: “Ababi kabanjalo, kodwa banjengamakhoba apheshulwa umoya. Yingakho ababi bengeke bame ekwahlulelweni, nezoni emhlanganweni wabalungile.” (IHubo 1:4, 5) Phawula ukuthi umhubi uthi, “ababi kabanjalo.” Usho ukuthi abafani nabantu abesaba uNkulunkulu, abasanda kufaniswa nemithi ethelayo nehlala isikhathi eside.
18 Ngisho noma ababi bechuma ngokwezinto ezibonakalayo, abanakho ukulondeka okuhlala njalo. (IHubo 37:16; 73:3, 12) Banjengomuntu ocebile ongenangqondo uJesu akhuluma ngaye emfanekisweni lapho kuthiwa makahlulele endabeni yefa. UJesu watshela ababekhona: “Hlalani nivulé amehlo futhi niqaphe yonke inhlobo yokuhaha, ngoba ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” UJesu wafanekisa leli phuzu ngokulandisa athi izwe lomuntu othile ocebile lakhiqiza kahle kangangokuthi wahlela ukudiliza izinqolobane zakhe akhe ezinkulu ukuze abuthele kuzo zonke izinto zakhe ezinhle. Ngemva kwalokho, lo muntu wayeyobe esedla, aphuze, azijabulise. Kodwa uNkulunkulu wathi: “Muntu ongenangqondo, ngalobu busuku bayawufuna umphefumulo wakho kuwe. Khona-ke, ubani ozothola izinto ozibekelele?” Eveza iphuzu lakhe elinamandla, uJesu wanezela: “Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—Luka 12:13-21.
19, 20. (a) Chaza indlela yasendulo yokubhula nokwela okusanhlamvu. (b) Kungani ababi befaniswa namakhoba?
19 Ababi ‘abacebile kuNkulunkulu.’ Ngakho, ukungalondeki nokungazinzi kwabo kufana nokwamakhoba, izimpephelezi ezimboze ukudla okusanhlamvu. Endulo, ngemva kokuba okusanhlamvu kuvuniwe, kwakuyiswa esibuyeni, okwakuyindawo endlalekile ngokuvamile ephakeme. Lapho, izihlibhi ezinamatshe acijile noma ezinamazinyo ensimbi ngaphansi zazidonswa izilwane phezu kokusanhlamvu ukuze kufihlizwe izinhlanga kuphume izinhlamvu emakhobeni. Ngemva kwalokho, yonke le ngxube yayikhiwa ngehalavu lokwela iphonswe phezulu iphambane nomoya. (Isaya 30:24) Izinhlamvu zaziwela phansi esibuyeni, izinhlanga namakhoba kuphephuke nomoya. (Ruthe 3:2) Ngemva kokuba izinhlamvu zihlungiwe ukuze kukhishwe amatshe nokunye okunjalo, zase zikulungele ukugcinwa noma ukugaywa. (Luka 22:31) Kodwa amakhoba ayesuke engasekho.
20 Njengoba nje izinhlamvu zaziwela phansi zisale lapho amakhoba ephephuka, ngokufanayo abalungile bayosala kuthi ababi basuswe. Nokho, ngokuqinisekile siyajabula ukuthi maduze abenzi bokubi abanjalo bazobe bengasekho unomphela. Lapho bengasekho, abantu abajabulela umthetho kaJehova bayobusiseka kakhulu. Empeleni, abantu abalalelayo bayogcina bethole isipho sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade.—Mathewu 25:34-46; Roma 6:23.
“Indlela Yabalungile” Ebusisekile
21. UJehova ‘ubazi kanjani abalungile’?
21 Ihubo lokuqala liphetha ngala mazwi: “UJehova uyayazi indlela yabalungile, kodwa indlela yababi iyoshabalala.” (IHubo 1:6) UNkulunkulu ‘ubazi kanjani abalungile’? Uma siphishekela inkambo yobuqotho, singaqiniseka ukuthi uBaba wethu osezulwini uyakuqaphela ukuphila kwethu kokumhlonipha futhi usibheka njengezinceku zakhe ezamukelekayo. Ngakho, singakwazi ukuphonsa konke ukukhathazeka kwethu kuye, futhi kufanele senze kanjalo, siqiniseka ukuthi uyasikhathalela ngempela.—Hezekeli 34:11; 1 Petru 5:6, 7.
22, 23. Kuyokwenzekani kwababi nakwabalungile?
22 “Indlela yabalungile” iyohlala phakade, kodwa abantu ababi ngokungenakulungiseka bayobhujiswa ngesahlulelo esibi sikaJehova. Futhi “indlela” yabo, noma inkambo yabo yokuphila, iyophela kanye nabo. Singaqiniseka ukuthi ayogcwaliseka la mazwi kaDavide: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula. Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:10, 11, 29.
23 Yeka injabulo esiyoba nayo uma sithola ilungelo lokuphila emhlabeni oyipharadesi lapho ababi bengasekho! Ngaleso sikhathi abathobekile nabalungile bayojabulela ukuthula kweqiniso ngoba ngaso sonke isikhathi bayowujabulela ‘umthetho kaJehova.’ Nokho, ngaphambi kwalokho, kumelwe kufezwe ‘isinqumo sikaJehova.’ (IHubo 2:7a) Isihloko esilandelayo sizosisiza sibone ukuthi siyini leso sinqumo nokuthi siyosho ukuthini kithi nakuwo wonke umkhaya wesintu.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani umuntu owesaba uNkulunkulu ejabula?
• Yini ebonisa ukuthi siyawujabulela umthetho kaJehova?
• Umuntu angaba kanjani njengomuthi othola amanzi anele?
• Indlela yabalungile ihluke kanjani kweyababi?
[Isithombe ekhasini 11]
Umthandazo uyosisiza ukuba sigweme ubungane nababi
[Isithombe ekhasini 12]
Kungani umuntu olungile enjengomuthi?