Ukwethembeka Nokuba Qotho—Kudala Nanamuhla
Eningizimu yePoland, ngasemngceleni wayo neSlovakia neCzech Republic, kunedolobhana okuthiwa iWisła. Nakuba kungenzeka awukaze uzwe ngeWisła, inomlando cishe oyothakazelisa kumaKristu eqiniso. Lona umlando wobuqotho nokushisekela ukukhulekelwa kukaJehova. Kanjani?
IWISŁA isendaweni enhle esezintabeni, lapho imvelo ibukisa khona ngobuhle bayo. Imifudlana egijimayo nemifula emibili ithela eMfuleni iVistula, othubeleza ezintabeni nasezigodini ezinamahlathi. Abantu bendawo abanomusa nesimo sezulu esingavamile kwenza iWisła ibe isikhungo sezokwelapha esithandwayo, indawo yamaholide asehlobo neyokungcebeleka ebusika.
Kubonakala sengathi indawo yokuqala eyayinaleli gama yaba khona ngawo-1590. Kwakhiwa indawo yokusaha izingodo, futhi ngokushesha kwase kunabantu abahlala emashashalazini asezintabeni ababefuye izimvu nezinkomo futhi belima. Laba bantu abaphansi babanjwa umsinga woshintsho lwenkolo. Ushintsho lwenkolo olwaqalwa uMartin Luther lwayithinta kakhulu le ndawo, ubuLuthela baba “inkolo yoMbuso ngo-1545,” ngokusho komcwaningi u-Andrzej Otczyk. Nokho, iMpi Yeminyaka Engamashumi Amathathu kanye neNkathi Yokumelana Nenguquko eyalandela kwasishintsha kakhulu isimo. U-Otczyk uyaqhubeka: “Ngo-1654 amaProthestani aphucwa wonke amasonto, izinkonzo zawo zavinjelwa, kwathathwa namaBhayibheli nezinye izincwadi zenkolo.” Nokho, iningi labantu bendawo laqhubeka lingamaLuthela.
Imbewu Yokuqala Yeqiniso LeBhayibheli
Ngokujabulisayo, kwakuseza ushintsho lwenkolo olubaluleke kakhulu. Ngo-1928 imbewu yokuqala yeqiniso leBhayibheli yatshalwa abaFundi BeBhayibheli ababili abashisekayo, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi. Ngonyaka olandelayo, kwafika uJan Gomola eWisła enegilamafoni ayedlala kulo izinkulumo ezingokomBhalo eziqoshiwe. Wabe esethuthela esigodini esiseduze lapho athola khona umuntu owayelalelisisa—u-Andrzej Raszka, isigqigqi sasezintabeni esasinenhliziyo elalelayo. Ngokushesha uRaszka wakhipha iBhayibheli lakhe ukuze aziqinisekise ngalokho okwakushiwo ezinkulumweni zegilamafoni. Wabe esebabaza: “Mzalwane, sengize ngalithola iqiniso! Kusukela ngisesemngceleni eMpini Yezwe I ngangilokhu ngifuna izimpendulo!”
Echichima injabulo, uRaszka wathatha uGomola wayombonisa abangane bakhe, uJerzy no-Andrzej Pilch, abasabela ngokuzimisela esigijimini soMbuso. U-Andrzej Tyrna, owayethole iqiniso leBhayibheli eFrance, wasiza la madoda ukuba ajulise ulwazi lwawo lwesigijimi sikaNkulunkulu. Ngokushesha abhapathizwa. Ukuze basize iqembu elincane labaFundi BeBhayibheli elaliseWisła, abazalwane basemadolobhaneni angomakhelwane babevakasha phakathi nawo-1930. Imiphumela yamangalisa.
Kwaba nenqwaba yabantu abathakazelayo. Imikhaya yamaLuthela endaweni yayinomkhuba wokufunda iBhayibheli ekhaya. Ngakho, abaningi babethi bangabona amaphuzu angokomBhalo akholisayo mayelana nemfundiso yesihogo somlilo noZiqu-zintathu, bakwazi ukuhlukanisa phakathi kweqiniso namanga. Imikhaya eminingi yakhetha ukuhlukana nezimfundiso zenkolo ezingamanga. Ngakho, ibandla laseWisła lakhula, kwathi ngo-1939 labe selinamalungu angaba ngu-140. Nokho, okumangalisayo ukuthi iningi labantu abadala kulelo bandla lalingabhapathiziwe. UHelena, omunye walabo Fakazi bakudala, uthi: “Lokho akusho neze ukuthi labo bamemezeli ababengabhapathiziwe babehluleka ukumelela uhlangothi lukaJehova.” Uyanezela: “Ovivinyweni lokholo ababhekana nalo ngokushesha, babubonisa ubuqotho babo.”
Kuthiwani ngezingane? Zabona ukuthi abazali bazo babethole iqiniso. UFranciszek Branc uyalandisa: “Lapho ubaba ebona ukuthi wayethole iqiniso, waqala ukuligxilisa kimi nakumfowethu. Yena wayeneminyaka engu-10 mina nginengu-8 ubudala. Ubaba wayesibuza imibuzo elula, enjengokuthi: ‘Ungubani uNkulunkulu, futhi ubani igama lakhe? Nazini ngoJesu Kristu?’ Kwakudingeka sibhale izimpendulo zethu phansi futhi sizisekele ngamavesi eBhayibheli.” Omunye uFakazi uthi: “Ngenxa yokuthi abazali bami basabela ngokuzimisela esigijimini soMbuso futhi balishiya iSonto LamaLuthela ngo-1940, ngaphikiswa futhi ngashaywa esikoleni. Ngiyababonga abazali bami ngokugxilisa izimiso zeBhayibheli kimi. Lokho kwakubalulekile ekungisizeni ukuba ngiqhubeke ngiqotho kulezo zikhathi ezinzima.”
Ukubonisa Ukholo Ovivinyweni
Lapho kugqashuka iMpi Yezwe II futhi amaNazi ethatha le ndawo, ayezimisele ukubashanela oFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, abantu abadala—ikakhulu obaba—bakhuthazwa ukuba basayine iphepha lobuzwe baseJalimane ukuze bathole izinzuzo ezithile. OFakazi benqaba ukuchema namaNazi. Abazalwane abaningi nabantu abathakazelayo ababebadala ngokwanele ukubuthelwa empini babhekana nenkinga: Babengajoyina ibutho lempi, noma bangathathi hlangothi nhlobo kodwa bajeziswe kanzima. U-Andrzej Szalbot, owaboshwa amaGestapo ngo-1943, uyachaza: “Ukwenqaba inkonzo yezempi kwakusho ukuthunyelwa ekamu lokuhlushwa, ngokuvamile okwakuba i-Auschwitz. Mina ngangingakabhapathizwa, kodwa ngangisazi isiqinisekiso sikaJesu esikuMathewu 10:28, 29. Ngangazi ukuthi uma ngifela ukholo lwami kuJehova, wayengangivusa.”
Ngasekuqaleni kuka-1942, amaNazi abopha abazalwane baseWisła abangu-17. Ngezinyanga ezintathu, kwafa abangu-15 babo e-Auschwitz. Kwaba namuphi umphumela lokhu koFakazi ababesele eWisła? Kunokuba kubenze bashiye ukholo lwabo, kwabakhuthaza ukuba banamathele kuJehova bangahlehli! Ezinyangeni eziyisithupha ezalandela, inani labamemezeli eWisła laphindeka kabili. Ngokushesha kwaboshwa nabanye. Isidlozane esicolisayo sikaHitler sathinta abazalwane, abantu abathakazelayo, nezingane, abangu-83 sebebonke. Abangu-53 babo bathunyelwa emakamu okuhlushwa (ikakhulu e-Auschwitz) noma emakamu okufukuziswa ezimayini nasezinkwalini ePoland, eJalimane, naseBohemia.
Bathembeka Futhi Bahlala Beqotho
E-Auschwitz, amaNazi azama ukuyenga oFakazi ngokubathembisa ukubakhulula ngaso leso sikhathi. Unogada oyi-SS wathi komunye umzalwane: “Uma nje ungasayina iphepha elilahla abaFundi BeBhayibheli, sizokukhulula, uphindele kwakho.” Leso sithembiso saphindwa kaningi, kodwa lo mzalwane akayekanga ukunamathela kuJehova. Ngenxa yalokho, washaywa, waklolodelwa, futhi wafukuziswa, kokubili e-Auschwitz naseMittelbau-Dora, eJalimane. Ngaphambi nje kokukhululwa, lo mzalwane wasinda ngokulambisa lapho ikamu ayeboshwe kulo lihlaselwa ngamabhomu.
UPaweł Szalbot, uFakazi osanda kushona, wake wathi: “Lapho ngiphenywa, amaGestapo ayelokhu engibuza ukuthi kungani ngenqaba ukujoyina ibutho laseJalimane nokuphakamisa uHitler.” Ngemva kokuchaza isisekelo esiseBhayibhelini sokungathathi kwakhe uhlangothi njengomKristu, wagwetshwa ukusebenza efektri yezikhali. “Kwakusobala ukuthi ngenxa kanembeza ngangingenakuwamukela lo msebenzi, ngakho bangithumela ukuyosebenza emayini.” Noma kunjalo, wahlala ethembekile.
Labo ababengaboshiwe—abesifazane nezingane—babathumelela amaphasela okudla labo ababese-Auschwitz. Umzalwane owayesemusha ngaleso sikhathi uthi: “Ehlobo sasikha ama-cranberry ehlathini bese sihweba ngawo sithole ukolo. Odade babebhaka izinkwana bazifake emafutheni. Lezo zinkwana sasibe sesizithumela kubafowethu nodadewethu ababoshiwe.”
Sebebonke, bangu-53 oFakazi baseWisła abangabantu abadala abathunyelwa emakamu okuhlushwa futhi bayofukuziswa. Kwafa abangu-38.
Kuvela Isizukulwane Esisesisha
Izingane zoFakazi BakaJehova nazo yazithinta ingcindezelo yamaNazi. Ezinye zathunyelwa nonina emakamu esikhashana eBohemia. Ezinye zathathwa kubazali bazo zathunyelwa ekamu lezingane laseLodz elidume kabi.
Ezintathu zazo ziyakhumbula: “Eqenjini lokuqala elathunyelwa eLodz, amaJalimane asithatha saba yishumi, sineminyaka esuka kwengu-5 kuya kwengu-9. Sasikhuthazana ngokuthandaza nangokuxoxa ngezindaba eziseBhayibhelini. Kwakungelula ukukhuthazela.” Ngo-1945 zonke lezo zingane zaphindela emakhaya. Zaziphila kodwa zihwabhekile futhi ziphazamisekile engqondweni. Kodwa akukho lutho olwakwazi ukuphula ubuqotho bazo.
Kwabe Sekwenzekani?
Lapho iMpi Yezwe II iya ngasekupheleni, oFakazi baseWisła babesaqinile okholweni futhi bekulungele ukuphinde baqale umsebenzi wabo wokushumayela ngentshiseko nangokuzimisela. Amaqembu abazalwane áhambela abantu abaqhelelene neWisła ngamakhilomitha afika kwangu-40, eshumayela futhi esakaza izincwadi zeBhayibheli. UJan Krzok uthi: “Ngokushesha kwase kunamabandla amathathu akhuthele edolobhaneni lethu.” Nokho, inkululeko engokwenkolo ayiqhubekanga isikhathi eside.
Uhulumeni wobuKhomanisi, owathatha ngemva kwamaNazi, wavimbela umsebenzi woFakazi BakaJehova ePoland ngo-1950. Ngakho abazalwane bakhona kwadingeka babe namasu enkonzweni yabo. Ngezinye izikhathi babehambela abantu emizini yabo benze sengathi bazothenga imfuyo noma okusanhlamvu. Imihlangano yobuKristu yayivame ukuba sebusuku, ihlelwe ngamaqenjana. Nokho, amaphoyisa omshoshaphansi akwazi ukubopha abakhulekeli bakaJehova abaningi, ethi basebenzela inhlangano yobunhloli yelinye izwe—into eyayingenaso nesincane isisekelo. Amanye amaphoyisa asongela uPaweł Pilch embhuqa: “UHitler akakugobanga, kodwa thina sizokugoba.” Nokho, wahlala eqotho kuJehova, waboshwa iminyaka emihlanu. Lapho oFakazi abambalwa abasebasha benqaba ukusayina incwadi yokusekela umbuso, babexoshwa esikoleni noma emisebenzini yabo.
UJehova Waqhubeka Ebasekela
Ngonyaka ka-1989 kwaba noshintsho esimweni sezombusazwe, futhi oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho ePoland. Abakhulekeli bakaJehova abagxilile eWisła bakhuphula izinga lomsebenzi wabo, njengoba kubonakala ngamanani amaphayona, noma izikhonzi zesikhathi esigcwele. Abazalwane nodade bale ndawo abangaba ikhulu baye bangenela inkonzo yobuphayona. Ngakho akumangalisi ukuthi lelo dolobhana liteketiswa ngokuthi iFektri Ekhiqiza Amaphayona.
Uma likhuluma ngokusekela kukaNkulunkulu izinceku zakhe esikhathini esidlule, iBhayibheli lithi: “Ukube kwakungekhona ukuthi uJehova waba ngakithi lapho abantu besivukela, khona-ke ngabe basigwinya siphila.” (IHubo 124:2, 3) Esikhathini sethu, naphezu kokunganakwa okwandile nokuwohloka kwesimilo eningini labantu, abakhulekeli bakaJehova eWisła balwela ukugcina ubuqotho babo futhi bavuzwa ngokucebile. Izizukulwane ezilandelayo zoFakazi kuleyo ndawo zingakufakazela ukuba yiqiniso kwamazwi omphostoli uPawulu: “Uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi?”—Roma 8:31.
[Isithombe ekhasini 26]
U-Emilia Krzok wathunyelwa ekamu lesikhashana laseBohemia nezingane zakhe uHelena, u-Emilia, noJan
[Isithombe ekhasini 26]
Lapho enqaba inkonzo yezempi, uPaweł Szalbot wathunyelwa ukuyosebenza emayini
[Isithombe ekhasini 27]
Lapho abazalwane bethunyelwa e-Auschwitz futhi befela khona, umsebenzi awuyekanga ukwanda eWisła
[Isithombe ekhasini 28]
UPaweł Pilch noJan Polok bayiswa ekamu lezingane laseLodz
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
Berries and flowers: © R.M. Kosinscy / www.kosinscy.pl