Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 10/15 k. 32
  • Ungakubona Yini Ngeso Lengqondo Lokho Okufundayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakubona Yini Ngeso Lengqondo Lokho Okufundayo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 10/15 k. 32

Ungakubona Yini Ngeso Lengqondo Lokho Okufundayo?

UKUZE uzibone ngeso lengqondo izenzakalo ezithile, uyokuthola kusiza ukuzijwayelanisa nezindawo ofunda ngazo. Ngokwesibonelo, cabanga ngokuhamba komphostoli uPawulu njengesithunywa sevangeli njengoba kulandiswa encwadini yeBhayibheli yezEnzo. Ohambweni lwakhe lokuqala lwezithunywa zevangeli, waqala e-Antiyokiya, lapho abalandeli bakaJesu baqala khona ukubizwa ngokuthi amaKristu. Wasuka lapho waya ezindaweni ezifana neSalami, i-Antiyokiya yasePhisidiya, i-Ikoniyu, iListra, neDerbe. Ungakwazi yini ukubona ngeso lengqondo ukuthi zazikuphi lezi zindawo?

Cishe ngeke ukwazi, ngaphandle uma unebalazwe. Likhona ibalazwe elinjalo encwajaneni entsha enamakhasi angu-36, ethi “Bona Izwe Elihle.” Umfundi othile waseMontana, e-U.S.A., ubonga uyanconcoza: “Ngiyalubona uhambo lukaPawulu futhi ngizame ukubona ngeso lengqondo ukuthi wayehamba ngani, ngibone nomsebenzi yena namanye amaKristu ekhulu lokuqala abawenza ekusakazeni izindaba ezinhle. Siyabonga ngaleli thuluzi elihle kangaka elisiza ukuba ubone izindawo ngeso lengqondo.”

Ibalazwe lezindawo uPawulu azihambela limane lingelinye lamabalazwe amaningi akule ncwajana azosiza umfundi akubone ngeso lengqondo lokho okulandiswa iBhayibheli. Ungacela ikhophi yencwajana ethi “Bona Izwe Elihle” ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 2 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi “Bona Izwe Elihle.”

Bonisa ulimi

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela