Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 12/15 kk. 23-25
  • Usuku Lokuthweswa Iziqu Lwaba Usuku Oluhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usuku Lokuthweswa Iziqu Lwaba Usuku Oluhle
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafundi Bathola Amazwi Akhuthazayo
  • Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo Ezimnandi Zabafundi
  • Bashukunyiselwa Ukukhonza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Umoya Wokuzithandela Uletha Abantu EGileyadi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • IGileyadi Ithumela Izithunywa Zevangeli “Ezingxenyeni Eziqhele Kakhulu Zomhlaba”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Abathweswe Iziqu EGileyadi Bakhuthazwa Ukuba Bakhulume ‘Izinto Ezinhle Kakhulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 12/15 kk. 23-25

Usuku Lokuthweswa Iziqu Lwaba Usuku Oluhle

“SIBUSISWE ngosuku oluhle. Ilanga libalele. Isibhakabhaka sicwathile. Utshani buluhlaza. Izinyoni ziyatshiyoza. Kubonakala kuzoba usuku oluhle, futhi ngeke sidumale. UJehova akayena uNkulunkulu odumazayo. UnguNkulunkulu wezibusiso.”

UMfoweth’ uSamuel Herd, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wasiqala ngalawo mazwi isimiso sokuthweswa iziqu sekilasi le-117 le-Watchtower Bible School of Gilead. Kwakungomhla ka-11, September 2004. Isimiso esihle sahlanganisa iseluleko esakhayo esisekelwe eBhayibhelini, okuhlangenwe nakho abafundi abakuthola besesikoleni, kanye nokuhlangenwe nakho kwezithunywa zevangeli esezisezabelweni kakade. Impela, kwakuwusuku oluhle kubo bonke abantu abangu-6 974 ababeseWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York, nasezakhiweni eziseBrooklyn naseWallkill, ababexhunyaniswe ngethelevishini.

Abafundi Bathola Amazwi Akhuthazayo

UJohn Kikot, oyilungu leKomiti Yegatsha Yase-United States, washo amazwi akhuthazayo enkulumweni enesihloko esithi, “Londoloza Injabulo Njengesithunywa Sevangeli.” Waveza ukuthi abafundi baseGileyadi baziwa ngenjabulo yabo, njengoba kwakubonakala kulokhu kuthweswa iziqu. Imfundo evela emiBhalweni eyatholwa abafundi phakathi nesikole yabalethela injabulo, futhi manje base behlonyiselwe ukusiza abanye ukuba bathole injabulo efanayo. Kanjani? Ngokuzidela enkonzweni yabo njengezithunywa zevangeli. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Njengoba zilingisa uJehova uNkulunkulu, ‘uNkulunkulu ojabulayo’ nophanayo, onikeza abanye iqiniso, izithunywa zevangeli ezintsha ziyokwazi ukulondoloza injabulo yazo.—1 Thimothewu 1:11.

Esimisweni kwalandela elinye ilungu leNdikimba Ebusayo, uDavid Splane, owayenenkulumo enesihloko esithi, “Uzophilisana Kanjani Nabanye?” Akungatshazwa ukuthi kuhle futhi kumnandi ukuhlala ngobunye, nakuba lokhu kungase kudinge ukuba umuntu abe “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Korinte 9:22; IHubo 133:1) UMfoweth’ uSplane wathi abafundi ababethweswa iziqu babeyosebenzelana nabantu abaningi emsebenzini wezithunywa zevangeli—abantu ensimini, ezinye izithunywa zevangeli abakanye nazo, abazalwane nodade emabandleni abo amasha, nalabo abasehhovisi legatsha abaqondisa umsebenzi wokushumayela nokufundisa. Wanikeza amacebiso angokoqobo okusebenzelana kahle ngangokunokwenzeka nabanye: Funda ulimi lwendawo, funa ukwazi amasiko endawo futhi uzivumelanise nawo, hlonipha ukuphila kwangasese kwezinye izithunywa zevangeli, futhi ulalele labo abaholayo.—Hebheru 13:17.

Kwabe sekulandela ofundisa eGileyadi, uLawrence Bowen, owabuza, “Ucabanga Imicabango Kabani?” Wakhumbuza abafundi ukuthi labo ‘abahlulela ngokubonakala kwangaphandle’ abamamukelanga uJesu njengoMesiya. (Johane 7:24) Njengabantu abangaphelele, sonke kudingeka siqaphele ‘singacabangi imicabango yabantu’ esikhundleni sokucabanga “imicabango kaNkulunkulu.” (Mathewu 16:22, 23) Ngisho nabantu abangokomoya kumelwe baqhubeke belungisa ukucabanga kwabo. Njengomkhumbi olwandle, ukulungisa manje kungaba nomphumela wokuba umuntu afinyelele lapho eya khona, noma aphukelwe umkhumbi ongokomoya. Ukutadisha iBhayibheli ngokuqhubekayo siqonde lokho elikushoyo kusisiza ukuba sicabange “imicabango kaNkulunkulu.”

UWallace Liverance, omunye wabafundisa eSikoleni SaseGileyadi, waphetha le ngxenye yesimiso. Inkulumo yakhe esekelwe ku-Isaya 55:1 yayinesihloko esithi, “Uyothengani?” Wakhuthaza abafundi ukuba ‘bathenge’ ukuqabuleka, injabulo, nokondleka okutholakala esigijimini sikaNkulunkulu sanamuhla esiyisiprofetho. Isiprofetho sika-Isaya safanisa leli zwi likaNkulunkulu namanzi, iwayini, nobisi. Lingathengwa kanjani leli zwi “ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo”? UMfoweth’ uLiverance wachaza ukuthi lingathengwa ngokusinakisisa isiprofetho seBhayibheli nokwamukela imicabango nezindlela zikaNkulunkulu silahle imicabango nezindlela zenyama. (Isaya 55:2, 3, 6, 7) Ngokwenza lokhu, izithunywa zevangeli ezintsha zingakwazi ukondleka ezabelweni zazo zakwamanye amazwe. Abantu abangaphelele bavame ukucabanga ukuthi injabulo ixhomeke ekufuneni ukunethezeka kwezinto ezibonakalayo. “Ungathonywa yilokho,” kunxusa isikhulumi. “Ningathonywa yilokho kucabanga. Qinisekani ukuthi nizibekela isikhathi sokulitadisha ngenjongo iZwi likaNkulunkulu eliyisiprofetho. Linganiqabula, liniqinise, linilethele injabulo esabelweni senu sezithunywa zevangeli.”

Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo Ezimnandi Zabafundi

Abafundi babehlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela. Beqondiswa uMark Noumair, omunye ofundisa eGileyadi, abathile ekilasini balingisa ngokoqobo okuhlangenwe nakho okwakuqokomisa isihloko esithi, “Anginamahloni Ngezindaba Ezinhle.” (Roma 1:16) Izilaleli zakujabulela ukulalela indlela lezi zikhonzi ezingomakad’ ebona ezazishumayela ngayo endlini ngendlu, emgwaqweni, nasezitolo eziyinxanxathela. Abafundi abazi ezinye izilimi bathatha izinyathelo kuqala zokufinyelela labo abasensimini yebandla abakhuluma lezo zilimi. Abanye bazisebenzisa kahle izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova, bazisebenzisa ezimpindelweni nalapho beqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. ‘Babengenamahloni’ okushumayela izindaba ezinhle.

UMfoweth’ uWilliam Nonkes, osebenza eMnyangweni Wenkonzo, waxoxa nezithunywa zevangeli ezingomakad’ ebona ezivela eBurkina Faso, eLatvia, naseRussia. Zanikeza iseluleko esisebenzayo esasigxile esihlokweni esithi, “UJehova Ubavuza Ngothando Abathembekile.” Omunye wabazalwane okwaxoxwa naye wakhuthaza abafundi ukuba bakhumbule ibutho likaGideyoni elalinamasosha angu-300. Isosha ngalinye lalinomsebenzi eliwabelwe owasiza ekuphumeleleni kukaGideyoni empini. (AbaHluleli 7:19-21) Ngokufanayo, izithunywa zevangeli ezihlalayo ezabelweni zazo ziyavuzwa.

Isihloko esithi, “Yiba Yizinto Zonke Kubantu Bazo Zonke Izinhlobo” saqokonyiswa ezingxoxweni ezalandela, ezazisingethwe uSamuel Roberson, ofundisa ePatterson. Waxoxa namalungu amane amaKomiti Amagatsha, avela eSenegal, eGuam, eLiberia, naseMadagascar. Zingu-170 izithunywa zevangeli ezikhonza kula mazwe. Abafundi abathweswa iziqu bafunda kulokho abakuzwa ngokuqondene nendlela amaKomiti Amagatsha azisiza ngayo izithunywa zevangeli ezintsha ukuba zijwayele izabelo zazo. Lokho kuvame ukuhlanganisa ukufunda ngemikhuba engase ibonakale ingajwayelekile ngokwezindlela zesiLungu. Ngokwesibonelo, kwamanye amazwe kuvamile impela ukubona amadoda, kuhlanganise nalawo asebandleni lobuKristu, ebambene ngezandla njengabangane ezihambela. Kwezinye izindawo ezingaphansi kwegatsha laseGuam, kudliwa ukudla okungavamile. Kodwa abanye sebejwayele, kanti nezithunywa zevangeli ezintsha nazo zingajwayela.

UGuy Pierce, oyilungu leNdikimba Ebusayo, wadingida isihloko esithi, “Hlala Uthembekile ‘EMbusweni WeNkosi Yethu.’” Wakhumbuza izilaleli: “UJehova wadala izinto ngenjongo. Wayenenhloso ethile ngendalo yakhe. Injongo yakhe ngale mbulunga ayikashintshi. Isizofezeka. Akukho lutho olungayishintsha.” (Genesise 1:28) UMfoweth’ uPierce wakhuthaza bonke ukuba bazithobe ngokwethembeka ekubuseni kukaNkulunkulu kwendawo yonke naphezu kobunzima obavela ngenxa yokona komuntu wokuqala, u-Adamu. “Siphila esikhathini sokwahlulela. Sisalelwe isikhathi esincane sokufinyelela abanhliziyo ziqotho sibasize bazi iqiniso.” UMfoweth’ uPierce wanxusa: “Sisebenziseni kahle isikhathi ukuze nifinyelele abanye ngezindaba ezinhle zoMbuso.” Labo abawusekela ngokwethembeka uMbuso kaNkulunkulu bangaqiniseka ukuthi uJehova uyobasekela.—IHubo 18:25.

Ekuphetheni, usihlalo wafunda imikhonzo nezilokotho ezivela emagatsheni ahlukahlukene emhlabeni jikelele. Wabe esenika abafundi abathweswa iziqu ama-diploma abo, omunye kubafundi wafunda incwadi evela ekilasini eyayibonisa ukwazisa okujulile ngokuqeqeshwa elalikutholile. Lokhu kwaluphetha kahle usuku oluhle oluyohlala lukhunjulwa yibo bonke ababekhona.

[Ibhokisi ekhasini 23]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 11

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 22

Inani labafundi: 48

Isilinganiso seminyaka yobudala: 34,8

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 18,3

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13,4

[Isithombe ekhasini 24]

Ikilasi Le-117 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Thompson, E.; Norvell, G.; Powell, T.; Kozza, M.; McIntyre, T. (2) Reilly, A.; Clayton, C.; Allan, J.; Blanco, A.; Muñoz, L.; Rustad, N. (3) Guerrero, Z.; Garcia, K.; McKerlie, D.; Ishikawa, T.; Blanco, G. (4) McIntyre, S.; Cruz, E.; Guerrero, J.; Ritchie, O.; Avellaneda, L.; Garcia, R. (5) Powell, G.; Fiskå, H.; Muñoz, V.; Baumann, D.; Shaw, S.; Brown, K.; Brown, L. (6) Shaw, C.; Reilly, A.; Peloquin, C.; Münch, N.; McKerlie, D.; Ishikawa, K. (7) Münch, M.; Peloquin, J.; Kozza, T.; Avellaneda, M.; Allan, K.; Ritchie, E.; Norvell, T. (8) Cruz, J.; Baumann, H.; Clayton, Z.; Fiskå, E.; Thompson, M.; Rustad, J.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela