Ukukhuphuka IBottom YaseSaba
ISIQHINGI saseSaba esibuswa amaDashi sake sagcwala izigcwelegcwele ezazihamba ngemikhumbi oLwandle LwaseCaribbean zifuna impango. Namuhla, lesi siqhingi esincane, esingamakhilomitha angu-240 ukusuka empumalanga yePuerto Rico, sihlala izakhamuzi ezingaba ngu-1 600, ezinhlanu kuzo ezingoFakazi BakaJehova. Nokho, lezi zikhonzi ezinesibindi zifuna okuthile okuyigugu kakhulu kunempango. Ngenkuthalo zifuna abantu ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’—IzEnzo 13:48.
Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zafika okokuqala kulesi siqhingi ngo-June 22, 1952, lapho umkhumbi onoseyili woFakazi BakaJehova okuthiwa i-Sibia ongamamitha angu-18, umiswa ogwini lwaseSaba. (Mathewu 24:14) Izithunywa zevangeli uGust Maki noStanley Carter zakhuphuka iLadder, indlela enezitebhisi ezingaphezu kuka-500 zaya phezulu eBottom, inhloko-dolobha yeSaba.a Sekungamakhulu eminyaka, le ndledlana kuyiyo kuphela indlela yokufinyelela izakhamuzi zalesi siqhingi.
Umbiko wokuqala owanyatheliswa womsebenzi wamaKristu wokushumayela eSaba wavela kuyi-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1966 yesiNgisi. Ngokwalowo mbiko, kwakunoFakazi oyedwa kuphela oshumayelayo kulesi siqhingi. Kamuva, kwafika umkhaya owawuvela eCanada wachitha iminyaka ethile ushumayela izindaba ezinhle lapho. Muva nje, uRussel noKathy, umbhangqwana wase-United States osuthathe umhlala-phansi, uvakashele eSaba futhi washumayela lapho. Funda indaba yawo.
Ukuvakashela ISaba
Mina nomkami sifika ngendiza sivakashele uRonald, okwakunguye kuphela uFakazi kulesi siqhingi phakathi neminyaka yawo-1990. URonald usesilinde esikhumulweni sezindiza. Uyasijabulela isipho esimphathele sona, ibhokisi elincane elinemifino, ngoba izilimo azithengiswa kulesi siqhingi. Sibe sesigibela iloli elincane, sihambe kancane sizungeza uhlangothi lweNtaba iScenery silibangise esiqongweni esasiyintaba-mlilo.
Sima edolobhaneni laseHell Gate, futhi uRonald uhlola ibhodi lomphakathi lezaziso ukuze abone ukuthi sisachonyiwe yini isimemo senkulumo yeningi yangeSonto. Siyajabula uma sibona ukuthi sisekhona. Uphinde agibele elolini, futhi siqhubeka nokukhuphuka siqonde edolobhaneni elikhulu kunawo wonke esiqhingini, iWindwardside. Njengoba igama lizisho, leli dolobhana elikhanga kakhulu lisohlangothini olunomoya lwalesi siqhingi, endaweni engaba ngamamitha angu-400 ngaphezu kolwandle. Njengoba singena emgwaqweni omncane oya endlini kaRon, kuvulandi sibona uphawu olunemibala egqamile olubhalwe ukuthi iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.
Ngesikhathi sokudla kwasemini ngibuza uRon umbuzo osenze sivakashe kulesi siqhingi, “Kwenzeka kanjani ukuba ube ummemezeli woMbuso la eSaba?”
“Lapho ukwakhiwa kwegatsha loFakazi BakaJehova ePuerto Rico kuphela ngo-1993, mina nomkami sasinesithakazelo sokuqhubeka sikhonza kwamanye amazwe,” kusho uRon. Sasike savakashela iSaba ngaphambili sikanye nomunye umbhangqwana ongamaphayona futhi sathola ukuthi kunezakhamuzi ezingu-1 400 kodwa abekho oFakazi. Ngakho sakhuluma neKomiti Yegatsha YasePuerto Rico maqondana nokuthuthela lapha.
“Izinto zenzeka njengoba sasihlelile, ekugcineni sayithola imvume yokuba sithuthe. Okudabukisayo ukuthi ngemva kweminyaka emibili umkami wagula kakhulu, futhi sabuyela eCalifornia. Eseshonile ngabuyela eSaba. Uyabona, angithandi ukuqala into bese ngingayiqedi.”
Ukushumayela Endlini Ngendlu ESaba
Ikamelo lokuphumula lendlu kaRon eneminyaka eyikhulu liphinde libe iHholo LoMbuso.b Njengoba sidla ekuseni futhi silungiselela ukuya enkonzweni, imvula yamafu adlulayo iswakamisa ikhishi elingafulelwe. Sesiqedile ukudla, liyaphenya bese siyahamba siye enkonzweni yendlu ngendlu endaweni okuthiwa iBottom. Emzini ngamunye uRon ubingelela umninikhaya ngegama. Ingxoxo yethu igxila esenzakalweni samuva sendawo esikhishwe ezindabeni. Abantu abaningi bamjwayele uRon nomsebenzi wakhe wokushumayela, futhi abaningi bazamukela ngokunganqikazi izincwadi zeBhayibheli.
Kungaba inselele ukugcina umbiko wabantu abanesithakazelo esigijimini soMbuso uma ungabazi abantu bendawo. Ngani? Ngenxa yokuthi “umthetho uthi zonke izindlu kufanele zibe nombala owodwa,” kusho uRon. Ngiyakuqaphela lokhu ukuthi kuyiqiniso, ngoba uma ngibheka kuyo yonke indawo yaseSaba zonke izindlu zakhona zimhlophe zinophahla olubomvu.
Ngemva kokuxoxa nomninikhaya ngeBhayibheli, simmema ukuba eze azolalela inkulumo yeningi esekelwe eBhayibhelini ezoba ngeSonto eHholo LoMbuso. Uma uRon ekhona kulesi siqhingi, ubeka inkulumo yeningi masonto onke. Manje, kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-17 eSaba. Babengu-20 ababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngo-2004. Nakuba lelo nani lingabonakala lilincane kakhulu, liyiphesenti elilodwa labo bonke abantu baseSaba!
Ngempela, oFakazi BakaJehova bayazikhandla ukuze bafinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngesigijimi sikaNkulunkulu sensindiso. Kungakhathaliseki ukuthi basesiqhingini esincane njengeSaba noma ezwekazini, ngokwethembeka oFakazi BakaJehova bafeza umyalo ‘wokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’—Mathewu 28:19.
Okudabukisayo ukuthi iholide lethu seliphelile. Njengoba sigibela indiza, siyavayiza. Siyohlale sikukhumbula ukuvakashela kwethu eSaba nesikhathi esasichitha sikhuphuka iBottom!
[Imibhalo yaphansi]
a Kubonakala sengathi izigcwelegcwele zabiza le ndawo ngokuthi iBottom ngoba zazicabanga ukuthi yayiphansi emgodini wentaba-mlilo.
b Ngo-September 28, 2003, izisebenzi zokuzithandela ezivela eFlorida, e-U.S.A., zaya eSaba futhi zavuselela isakhiwo esiseduze, manje esesiyiHholo LoMbuso.
[Amabalazwe ekhasini 10]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
PUERTO RICO
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Background: www.sabatourism.com