Imibuzo Evela Kubafundi
UmKristu angasinika yini isisebenzi sikahulumeni imadlana noma isipho sokubonga ngezinkonzo zaso, noma ingabe lokho kuyobhekwa njengokufumbathisa?
Kungakhathaliseki ukuthi ahlalaphi, amaKristu afuna ukusebenzisa ukuhlakanipha okufanele ekusingatheni izimo zendawo, ekhumbula ukuthi lokho okwamukelekayo futhi okuvunyelwa umthetho kwelinye izwe kungase kungamukeleki neze noma kungavunyelwa umthetho wakwelinye izwe. (IzAga 2:6-9) Yebo, umKristu kufanele ngaso sonke isikhathi akhumbule ukuthi noma ubani ofuna ukuba “yisimenywa etendeni [likaJehova]” kumelwe agweme ukufumbathisa.—IHubo 15:1, 5; IzAga 17:23.
Kuyini ukufumbathisa? Ngokwe-World Book Encyclopedia, “ukufumbathisa kuwukunika noma ukuthembisa ukumnika into eyigugu . . . umuntu osesikhundleni sokukhonza umphakathi, yena abese enza okungavumelekile emsebenzini wakhe noma aphule umthetho ukuze kuzuze omfumbathisile.” Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi umuntu uhlalaphi, kuwukufumbathisa ukunika umahluleli noma iphoyisa imali noma isipho ukuze bahlanekezele ubulungisa noma ukunika umhloli ukuze ashalazele isici noma isenzo esithile esiwukwephula umthetho. Kuwukufumbathisa nokupha umuntu isipho ukuze uthole impatho ekhethekile, njengokuthi igama lakho likhushulelwe phezulu ohlwini lwabantu abalindile noma ukuba udluliselwe phambi kwabanye emgqeni. Isenzo esinjalo besingabonisa nokuntula uthando.—Mathewu 7:12; 22:39.
Kodwa ingabe kuwukufumbathisa ukunika isisebenzi sikahulumeni isipho noma imadlana yokusibonga ukuze sikwenzele inkonzo ethile evunyelwe umthetho noma ukuze ugweme ukucwaswa? Ngokwesibonelo, emazweni athile izisebenzi zikahulumeni zingase zingathandi ukubhalisa izingane esikoleni, ukwamukela umuntu esibhedlela, noma ukugxiviza amafomu okuthuthela kwamanye amazwe uma zingakanikezwa imadlana ethile. Noma mhlawumbe zingase zishaye ngonyawo lonwabu lapho kufanele zisebenze ngezicelo zokuvuselela amalayisense noma izimvume ezithize.
Ukukhipha imali noma isipho nendlela umphakathi okubheka ngayo kuyehluka izindawo ngezindawo. Lapho kujwayeleke noma kulindeleke khona, amanye amaKristu angase abe nomuzwa wokuthi njengoba kuvunyelwe umthetho, awaphuli izimiso zeBhayibheli lapho enika isisebenzi imali noma isipho ukuze senze umsebenzi waso. Kwamanye amazwe abantu baze babheke ukukhokha imali enjalo njengesipho sokuthasisela emholweni wesisebenzi sikahulumeni ovame ukuba mncane. Khumbula ukuthi kunomahluko phakathi kokunika umuntu isipho ukuze akwenzele inkonzo esemthethweni nokumnika isifumbathiso ukuze akwenzele umusa ongavunyelwe umthetho.
Ngakolunye uhlangothi, lapho benza izicelo ezisemthethweni, abanye oFakazi BakaJehova baye benqaba ukunika abahloli, izisebenzi ezikhokhisa impahla evela kwamanye amazwe, nanoma ubani omunye imali noma isipho ngisho nalapho ukwenza kanjalo kuyinto eyenziwa mihla namalanga. Ngenxa yokuthi oFakazi bayaziwa endaweni ngokuthi abazenzi izinto eziphambene nonembeza wabo futhi bathembekile, ngezinye izikhathi benzelwa izinkonzo iningi labantu elizithola kuphela lapho likhokhe okuthile.—IzAga 10:9; Mathewu 5:16.
Ukuyisonga le ndaba, inceku ngayinye kaJehova kumelwe izinqumele ukuthi iyoyikhipha yini imali noma isipho ukuze yenzelwe inkonzo esemthethweni noma ukuze igweme ukucwaswa. Ngaphezu kwakho konke, kufanele iphishekele inkambo ezoyishiya inonembeza omuhle, engalethi sihlamba egameni likaJehova, futhi engabakhubi abanye.—Mathewu 6:9; 1 Korinte 10:31-33; 2 Korinte 6:3; 1 Thimothewu 1:5.