Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 4/1 kk. 25-28
  • Ukwenza UJehova Abe UNkulunkulu Wakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwenza UJehova Abe UNkulunkulu Wakho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • U-Abrahama Waba “Nokholo KuJehova”
  • Ukholo Olunjengoluka-Abrahama Namuhla
  • Umuntu Othandwa Yinhliziyo KaJehova
  • Lapho Sona
  • “Umuntu Onemizwa Efana Neyethu”
  • Impi Yethu Engokomzwelo
  • Masenze UJehova Abe UNkulunkulu Wethu
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Ingabe Uyothembeka Njengo-Eliya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?
    Fundisa Izingane Zakho
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 4/1 kk. 25-28

Ukwenza UJehova Abe UNkulunkulu Wakho

NGEZIKHATHI zeBhayibheli, kunabantu abajabulela ubuhlobo obuseduze noJehova kangangokuthi wabizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo. Ngokwesibonelo, imiBhalo ichaza uJehova ngokuthi “uNkulunkulu ka-Abrahama,” “uNkulunkulu kaDavide” nangokuthi “uNkulunkulu ka-Eliya.”—Genesise 31:42; 2 AmaKhosi 2:14; 20:5.

Kwenzeka kanjani ukuba ngayinye yala madoda ibe nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu? Yini esingayifunda kuwo ukuze nathi sakhe futhi silondoloze ubuhlobo obuqinile bomuntu siqu noMdali?

U-Abrahama Waba “Nokholo KuJehova”

U-Abrahama ngumuntu wokuqala iBhayibheli elikhuluma ngaye lithi waba nokholo kuJehova. Ukholo yimfanelo eyinhloko u-Abrahama ayenayo eyamenza wamukelwa uNkulunkulu. Empeleni, u-Abrahama wajabulela umusa kaJehova kangangokuthi kamuva uMdali wazethula kuMose wathi ‘unguNkulunkulu ka-Abrahama’ nowendodana yakhe u-Isaka nomzukulu wakhe uJakobe.—Genesise 15:6; Eksodusi 3:6.

U-Abrahama waba kanjani nalolo kholo kuNkulunkulu? Okokuqala, wakhela ukholo lwakhe esisekelweni esiqinile. Kungenzeka wayefundiswe ngezindlela zikaJehova yindodana kaNowa, uShemi, owayengufakazi wokuzibonela wezenzo zikaNkulunkulu zokusindisa. UShemi wayengufakazi wokuzibonela wokuthi uJehova ‘wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (2 Petru 2:5) Kungenzeka ukuthi u-Abrahama wezwa ngoShemi ukuthi uma uJehova ethembisa okuthile, uyakugcwalisa nakanjani. Kunoma ikuphi, lapho u-Abrahama ngokwakhe ethenjiswa uNkulunkulu, wajabula futhi waphila ukuphila kwakhe ngendlela ebonisa ukuthi wayeqiniseka ukuthi leso sithembiso siyogcwaliseka.

Njengoba lwalwakhelwe esisekelweni esiqinile, ukholo luka-Abrahama lwaqiniswa imisebenzi. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokholo u-Abrahama, lapho ebizwa, walalela ngokuphuma aye endaweni ayemiselwe ukuyamukela njengefa; waphuma, nakuba ayengazi ukuthi uyaphi.” (Hebheru 11:8) Leso senzo sokulalela sanezela okholweni luka-Abrahama, futhi umfundi uJakobe wabhala ngalo: “Uyabona ukuthi ukholo lwakhe lwasebenza kanye nemisebenzi yakhe futhi ukholo lwakhe lwapheleliswa ngemisebenzi yakhe.”—Jakobe 2:22.

Ngaphezu kwalokho, uJehova wavumela ukuba ukholo luka-Abrahama luvivinywe, okwalwenza lwaqina nakakhulu. UPawulu waqhubeka wathi: “Ngokholo u-Abrahama, lapho evivinywa, kwafana nokuthi usenikele ngo-Isaka.” Ukuvivinywa kuyalucwengisisa futhi kuluqinise ukholo, kulwenze lube ‘nenani elikhulu kakhulu kunegolide.’—Hebheru 11:17; 1 Petru 1:7.

Nakuba u-Abrahama engazange aphile aze abone ukugcwaliseka kwazo zonke izithembiso zikaNkulunkulu, wajabulela ukubona abanye belandela isibonelo sakhe. IBhayibheli liyalutusa nokholo oluvelele lomkakhe uSara namanye amalungu amathathu omkhaya wakhe—u-Isaka, uJakobe noJosefa.—Hebheru 11:11, 20-22.

Ukholo Olunjengoluka-Abrahama Namuhla

Wonke umuntu ofisa ukwenza uJehova abe uNkulunkulu wakhe kudingeka abe nokholo. UPawulu wabhala: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa [uNkulunkulu].” (Hebheru 11:6) Inceku kaNkulunkulu namuhla ingalwakha kanjani ukholo oluqine njengoluka-Abrahama?

Njengo-Abrahama, ukholo lwethu kumelwe lusekelwe esisekelweni esiqinile. Indlela engcono kakhulu yokwenza lokhu ukutadisha njalo iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalokho esikufundayo kungasiqinisekisa ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu ziyogcwaliseka. Lokhu kuyosishukumisela ukuba sishintshe indlela yethu yokuphila siyivumelanise nalelo themba eliqinisekile. Ukholo lwethu luqiniswa nayizenzo zokulalela, ezihlanganisa ukushumayela nokuba khona emihlanganweni yobuKristu.—Mathewu 24:14; 28:19, 20; Hebheru 10:24, 25.

Ngokuqinisekile, ukholo lwethu luzovivinywa, mhlawumbe ngokuphikiswa, ngokugula okukhulu, ngokufa komuntu esimthandayo, noma nangokunye. Ukuhlala sithembekile kuJehova lapho sibhekene novivinyo kuqinisa ukholo lwethu, kulwenze lube nenani elikhulu kakhulu kunegolide. Kungakhathaliseki ukuthi siyophila size sibone ukugcwaliseka kwazo zonke izithembiso zikaNkulunkulu noma cha, ukholo lwethu luyosenza sisondelane noJehova. Ngaphezu kwalokho, isibonelo sethu siyokhuthaza abanye ukuba balingise ukholo lwethu. (Hebheru 13:7) Lokhu kwenzeka kuRalph, owayelubona ukholo lwabazali bakhe futhi walulingisa. Uyachaza:

“Ngisahlala ekhaya, abazali bami babesikhuthaza sonke njengamalungu omkhaya ukuba sivuke ekuseni ukuze sifunde iBhayibheli ndawonye. Ngaleyo ndlela salifunda lonke iBhayibheli.” URalph usalifunda iBhayibheli njalo ekuseni, futhi lokhu kumenza aluqale kahle usuku. URalph wayejwayele ukuhamba noyise ayoshumayela masonto onke. “Ngafunda ngaleso sikhathi ukwenza izimpindelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya.” Manje uRalph ukhonza njengesikhonzi sokuzithandela kwelinye lamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova eYurophu. Yeka umvuzo omuhle wokholo lwabazali bakhe!

Umuntu Othandwa Yinhliziyo KaJehova

UDavide, owazalwa cishe sekudlule iminyaka engu-900 u-Abrahama afa, ungumuntu ovelele ezincekwini zikaJehova okukhulunywa ngazo emiBhalweni. Ngokuqondene nendlela uJehova amkhetha ngayo uDavide njengenkosi yesikhathi esizayo, umprofethi uSamuweli wathi: “Ngokuqinisekile uJehova uzozitholela umuntu ovumelana nenhliziyo yakhe.” UJehova noDavide babesondelene kakhulu kangangokuthi kamuva umprofethi u-Isaya wakhuluma neNkosi uHezekiya ‘ngoJehova uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho.’—1 Samuweli 13:14; 2 AmaKhosi 20:5; Isaya 38:5.

Nakuba uDavide ayengumuntu othandwa inhliziyo kaJehova, kwake kwaba nezikhathi lapho avumela khona izifiso zakhe ukuba zimnqobe. Kathathu, wenza amaphutha amabi kakhulu: Wavumela ukuba umphongolo wesivumelwano uyiswe eJerusalema ngendlela engafanele; waphinga noBhati-sheba wabe esenza icebo lokubulala umyeni wakhe, u-Uriya; futhi wabala abantu bakwa-Israyeli nakwaJuda uJehova engamyalanga ukuba enze kanjalo. Esenzakalweni ngasinye kulezi, uDavide weqa uMthetho kaNkulunkulu.—2 Samuweli 6:2-10; 11:2-27; 24:1-9.

Nokho, lapho izono zikaDavide zibekwa phambi kwakhe, wazivuma futhi akazange agudlulele icala kwabanye. Wavuma ukuthi yayingalungiselelwanga kahle indlela yokuhambisa uMphongolo, wathi futhi ‘asizange simfune uJehova ngokuvumelana nenkambiso.’ Lapho umprofethi uNathani esembula isono sikaDavide sokuphinga, waphendula ngokuthi: “Ngonile kuJehova.” Futhi lapho uDavide eseqaphela ukuthi wayenze ubuwula ngokubala abantu, wavuma: “Ngoné kakhulu kulokhu engikwenzile.” UDavide waphenduka ezonweni zakhe futhi wahlala esondelene noJehova.—1 IziKronike 15:13; 2 Samuweli 12:13; 24:10.

Lapho Sona

Isibonelo sikaDavide siyasikhuthaza njengoba sizama ukwenza uJehova abe uNkulunkulu wethu. Uma umuntu owayethandwa kangaka inhliziyo kaJehova ayengenza izono ezinkulu kangaka, thina-ke akufanele sidangale uma kwenzeka ngezikhathi ezithile sona mhlawumbe size senze namaphutha amakhulu naphezu kwemizamo yethu yokwenza okulungile. (UmShumayeli 7:20) Kufanele lisiduduze iqiniso lokuthi uDavide wayethethelelwa izono lapho ephenduka. Yilokho okwenzeka ku-Uwea eminyakeni ethile edlule.

U-Uwe wayengumdala kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova. Kwenzeka ngesinye isikhathi wanqotshwa izifiso ezimbi futhi waziphatha kabi ngokobulili. NjengeNkosi uDavide, u-Uwe waqala ngokuzama ukufihla isono sakhe, ethemba ukuthi uJehova wayezosishalazela. Ekugcineni, unembeza ka-Uwe wamhlupha kakhulu waze watshela omunye umdala ngesono sakhe futhi kwathathwa isinyathelo esifanele ukuze asizwe avuselele ingokomoya lakhe.

U-Uwe waphenduka esonweni sakhe futhi wahlala esondelene noJehova kanye nebandla. Walujabulela kakhulu usizo aluthola kwaze kwathi ngemva kwamasonto athile wabhalela abadala incwadi ebonisa ukubonga kwakhe okuqotho nokujulile ngosizo ayelutholile. Wabhala: “Ningisizile ukuba ngisuse isihlamba egameni likaJehova.” U-Uwe wakwazi ukulondoloza ubuhlobo bakhe noJehova futhi ngemva kwesikhathi esithile, waphinde wamiswa njengenceku kulo lelo bandla.

“Umuntu Onemizwa Efana Neyethu”

U-Eliya wayengomunye wabaprofethi abavelele bakwa-Israyeli abaphila ekhulwini leminyaka langemva kukaDavide. Wayengumlweli wokukhulekela kweqiniso ngesikhathi kudlange ukonakala nokuziphatha okubi, kodwa akazange antengantenge ekuzinikeleni kwakhe kuJehova. Shono u-Elisha owalandela u-Eliya, abiza uJehova ngokuthi ‘unguNkulunkulu ka-Eliya’!—2 AmaKhosi 2:14.

Noma kunjalo, u-Eliya wayengumuntu ovamile. UJakobe wabhala: “U-Eliya wayengumuntu onemizwa efana neyethu.” (Jakobe 5:17) Ngokwesibonelo, lapho eseqothe imbokodo nesisekelo kubakhulekeli bakaBhali kwa-Israyeli, iNdlovukazi uJezebeli yasongela u-Eliya ngokumbulala. Wasabela kanjani? Wathuthumela futhi wabalekela ehlane. Esehlane, u-Eliya wafike wahlala ngaphansi kwesihlahla sonwele, walila: “Kwanele! Manje, Jehova, susa umphefumulo wami, ngoba angingcono kunokhokho bami.” U-Eliya wayengasafuni ukuba umprofethi, esencamela ukufa.—1 AmaKhosi 19:4.

Nokho, uJehova wayiqonda indlela u-Eliya ayezizwa ngayo. UNkulunkulu wamqinisa, wamqinisekisa ngokuthi wayengeyedwa ngoba kwakunabanye ababesanamathele ekukhulekeleni kweqiniso. Ngaphezu kwalokho, uJehova wayesamethemba u-Eliya futhi wayesazomthuma ukuba enze omunye umsebenzi.—1 AmaKhosi 19:5-18.

Ukucindezeleka ngokomzwelo kuka-Eliya kwakungelona uphawu lokuthi uNkulunkulu wayengasamenameli. Ngemva kweminyaka ecishe ibe ngu-1 000, lapho uKristu Jesu eguqulwa isimo phambi kukaPetru, uJakobe, noJohane, ubani uJehova amkhetha ukuba avele embonweni noJesu? UMose no-Eliya. (Mathewu 17:1-9) Kusobala ukuthi uJehova wayebheka u-Eliya njengomprofethi oyisibonelo. Nakuba u-Eliya “ayengumuntu onemizwa efana neyethu,” uNkulunkulu wakwazisa ukuzikhandla kwakhe ukuze kubuyiselwe ukukhulekela okumsulwa futhi kungcweliswe igama laKhe.

Impi Yethu Engokomzwelo

Namuhla, izinceku zikaJehova zingase zizizwe zidikibele noma zikhathazekile ngezikhathi ezithile. Yeka ukuthi kuyinduduzo kanjani ukwazi ukuthi u-Eliya wabhekana nemizwa efanayo! Futhi akuve kusiqinisekisa nathi ukuthi njengoba nje uJehova ayiqonda imizwa ka-Eliya, uyayiqonda neyethu impi engokomzwelo.—IHubo 103:14.

Siyamthanda uNkulunkulu nomakhelwane bethu futhi sifisa ukufeza umsebenzi kaJehova wokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso. Ngakolunye uhlangothi, singase sidumazeke ngenxa yokuthi abantu abasabeli lapho sibashumayeza mhlawumbe sikhathazwe nayizinsongo ezivela ezitheni zokukhulekela kweqiniso. Nokho, njengoba nje uJehova ahlomisa u-Eliya ukuba aqhubeke nomsebenzi wakhe, uyazihlomisa nanamuhla izinceku zakhe. Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba kaHerbert noGertrud.

UHerbert noGertrud babhapathizwa njengoFakazi BakaJehova ngo-1952, eLeipzig, ezweni elaliyiGerman Democratic Republic. Ngaleso sikhathi ukuphila kwakunzima ezincekwini zikaNkulunkulu ngoba umsebenzi wazo wokushumayela wawuvinjelwe. UHerbet wazizwa kanjani ngomsebenzi wokushumayela endlini ngendlu?

“Ngezinye izikhathi sasikhathazeka kakhulu. Lapho sisendlini ngendlu sasihlala sisovalweni lokuthi iziphathimandla zingafika ngokushesha zisibophe.” Yini eyasiza uHerbert nabanye ukuba banqobe uvalo? “Sasizikhandla kakhulu esifundweni seBhayibheli somuntu siqu. Futhi uJehova wasinika amandla ukuze siqhubeke nomsebenzi wokushumayela.” UHerbert waba nokuhlangenwe nakho okuningi akuthola emsebenzini wokushumayela okwamqinisa—okunye kwako okwamhlekisa nokumhlekisa.

UHerbert wahlangana nowesifazane oseqinile owabonisa isithakazelo eBhayibhelini. Lapho uHerbert ebuyela ngemva kwezinsuku ezithile, wathola kunanensizwa ethile eyalalela njengoba babexoxa. Ngemva kwemizuzu engemingaki uHerbert wabona okuthile okwamethusa. Esihlalweni esasisekhoneni kulelo kamelo wabona isigqoko samaphoyisa. Kwakungesale nsizwa, okusobala ukuthi yayiyiphoyisa elalizimisele ukubopha uHerbert.

“Ungomunye woFakazi BakaJehova!” kumemeza le nsizwa. “Letha lapha ipasi lakho.” UHerbert wayinika ipasi lakhe. Kwabe sekwenzeka ayengakulindele. Lona wesifazane engangifunda naye wabheka iphoyisa wabe eselixwayisa: “Uma nje kungake kwenzeke okuthile kulo muntu kaNkulunkulu, ungaphinde ulibeke la kwami.”

Le nsizwa yathi ukuthula okwesikhashana, yabuyisela ipasi likaHerbert yase imdedela ukuba ahambe. UHerbert wezwa kamuva ukuthi leli phoyisa lalithandana nendodakazi yalona wesifazane. Kusobala ukuthi labona ukuthi kungcono lingalahlekelwa yile ntokazi kunokuba lizihluphe ngokubopha uHerbert.

Masenze UJehova Abe UNkulunkulu Wethu

Yini esingayifunda kulezi zindaba? Njengo-Abrahama, kumelwe sibe nokholo oluqinile ezithembisweni zikaJehova. NjengoDavide, noma nini lapho sona kufanele sibuyele kuJehova futhi siphenduke ngempela ezonweni zethu. Futhi njengo-Eliya, kudingeka sincike kuJehova ukuze asiqinise lapho sicindezelekile. Uma senza kanjalo, singamenza uJehova abe uNkulunkulu wethu manje naphakade, ngoba ‘unguNkulunkulu ophilayo, onguMsindisi wazo zonke izinhlobo zabantu, ikakhulukazi wabathembekile.’—1 Thimothewu 4:10.

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

[Izithombe ekhasini 25]

Izenzo zokulalela zanezela okholweni luka-Abrahama

[Isithombe ekhasini 26]

Njengo-Davide, kufanele siphenduke lapho sonile

[Isithombe ekhasini 28]

Njengoba uJehova ayiqonda imizwa ka-Eliya, uyayiqonda neyethu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela