Umhlaba Ongenabulungisa
CISHE uyavuma ukuthi siphila emhlabeni ongenabulungisa. Ingani noma singaba neziphiwo ezinjani, noma singakuhlela ngokuhlakanipha kanjani ukuphila kwethu, asikho isiqinisekiso sokuthi siyoceba noma siyophumelela ngisho nesokuthi siyoba nakho yini okuya ngasethunjini. Izinto zivame ukwenzeka njengoba uSolomoni, inkosi yasendulo ehlakaniphile, asho: “Awutholi ukudla ngoba uhlakaniphile, noma ingcebo ngenxa yokukhalipha, noma ukuphumelela ngoba unamakhono.” Ngani? USolomoni uqhubeka athi kungenxa yokuthi “bonke babuswa isikhathi nethuba.”—UmShumayeli 9:11, The New English Bible.
“Lapho Izikhathi Ezinzima Zifika Singazelele”
Yebo, “isikhathi nethuba,” ngokuvamile okusho ukuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele, konakalisa izinhlelo zethu esizihlele kahle nezinto esizithandayo esifisa ukuzifeza. NgokukaSolomoni, ‘sinjengezinhlanzi ezibanjwa yinetha, njengenyoni ebanjwa isicupho, lapho izikhathi ezinzima zifika singazelele.’ (UmShumayeli 9:12, NE) Ngokwesibonelo, izigidi zabantu ziyazikhandla zilime ukuze zikwazi ukondla imikhaya yazo, kodwa zizithole ‘zisezikhathini ezinzima’ lapho imvula ingani nesomiso sibulala izitshalo zazo.
Abanye bayazama ukusiza, kodwa ngisho nosizo umhlaba wonke olunikeza izisulu ezibhekene ‘nezikhathi ezinzima’ luvame ukubonakala lungenabulungisa. Ngokwesibonelo, ngomunye unyaka wamuva emzamweni wokulwa nendlala, enye inhlangano enkulu esiza abantu yathi “lonke izwekazi [lase-Afrika] lasizwa ngemali eyingxenye eyodwa kwezinhlanu uma kuqhathaniswa nemali eyayinqunyelwe ukusetshenziswa empini yaseGulf.” Kwakuwubulungisa yini ngalabo abanemali ukuba bachithe imali eningi ngokuphindwe kahlanu belwa nezwe elilodwa kunemali abayichitha emizamweni yokunciphisa usizi nokuhlupheka okubangelwa indlala ezwekazini lonke? Kuwubulungisa yini nokuthi kube nedlanzana elifinya ngendololwane kube kunenqwaba yabantu abadla imbuya ngothi emhlabeni noma kube kunezigidi zezingane ezifayo unyaka nonyaka ngenxa yezifo ebezingavimbeka? Lutho neze!
Yiqiniso, kusuke kungeyona nje indaba ‘yesikhathi nethuba’ lapho ‘izikhathi ezinzima zisehlela singazelele.’ Amathonya amakhulu esingenakuwalawula nawo abusa ukuphila kwethu alawule nokuthi kwenzekani ngako. Yilokho kanye okwenzeka eBeslan, e-Alania, ngekwindla lango-2004, lapho amakhulu abantu, abaningi babo kuyizingane okwakuwusuku lwazo lokuqala esikoleni, befa kabuhlungu ngesikhathi kulwa amaphekula namabutho empi ezokulondeka. Yiqiniso, kwamane kwaqondana nje ukuthi ubani ofayo nosindayo kuleyo nhlekelele—kodwa imbangela eyiyonayona yalezo “zikhathi ezinzima” kwakuyingxabano phakathi kwabantu.
Ingabe Kuyohlale Kunje?
Lapho bekhuluma ngokungabi khona kobulungisa, abanye bathi, “Kunjalo ukuphila. Selokhu kwathi nhló kunje, futhi kuyohlale kunje.” Ngokwabo, abanamandla bayohlale becindezela ababuthaka, futhi abacebile bayohlale bexhaphaza abampofu. Uma lokho kuhlangene ‘nesikhathi nethuba,’ bathi siyohlale sibhekana nezinto ezimbi uma nje sisaphila.
Ingabe kumelwe kube nje ngempela? Kuyoke kwenzeke yini ngalabo abasebenzisa amakhono abo ngokukhalipha nangokuhlakanipha ukuba bavune imivuzo emihle ngawo wonke umsebenzi wabo onzima abawenzayo? Ikhona yini into umuntu angayenza ukuze alethe izinguquko zaphakade kulo mhlaba ongenabulungisa? Woza nendlebe, uzwe ukuthi isihloko esilandelayo sithini ngale ndaba.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
COVER: Man with a child: UN PHOTO 148426/McCurry/Stockbower
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
MAXIM MARMUR/AFP/Getty Images