Ukwazisa Kwakho Makuqhubeke Njalo Kukhula
“Yeka indlela imicabango yakho eyigugu ngayo kimi! O Nkulunkulu, yeka ukuthi ingqikithi yayo iba ngakanani!”—IHUBO 139:17.
1, 2. Kungani kufanele silazise iZwi likaNkulunkulu, futhi umhubi wakuzwakalisa kanjani ukwazisa kwakhe?
KWAKUTHOLAKALE into eyigugu ngempela. Ngesikhathi kulungiswa ithempeli likaJehova eJerusalema, umPristi Ophakeme uHilikiya wathola “incwadi yomthetho kaJehova owanikezwa ngesandla sikaMose,” cishe okwakuyikhophi yokuqala eyayisineminyaka eyayingaba ngu-800 ibhaliwe! Ungayicabanga yini indlela uJosiya, inkosi eyesaba uNkulunkulu, okumelwe ukuba wazizwa ngayo lapho le ncwadi ibekwa phambi kwakhe? Ngempela, wayazisa futhi akapholisanga maseko, wayaleza unobhala, uShafani, ukuba ayifunde ngokuzwakalayo.—2 IziKronike 34:14-18.
2 Namuhla, izigidi zabantu zingakwazi ukufunda iZwi likaNkulunkulu lilonke noma ingxenye yalo. Kodwa ingabe lokho kwenza imiBhalo ingabi yigugu, futhi ingabaluleki kangako? Lutho neze! Kakade, iqukethe imicabango yoMninimandla onke uqobo, elotshelwe ukuzuzisa thina. (2 Thimothewu 3:16) Ezwakalisa indlela azizwa ngayo ngeZwi likaNkulunkulu, umhubi uDavide wabhala: “Yeka indlela imicabango yakho eyigugu ngayo kimi! O Nkulunkulu, yeka ukuthi ingqikithi yayo iba ngakanani!”—IHubo 139:17.
3. Yini ebonisa ukuthi uDavide wayengumuntu ojulile ngokomoya?
3 Ukwazisa uDavide ayenakho ngoJehova, iZwi lakhe nangelungiselelo lakhe lokukhulekela kweqiniso akuzange kunciphe nakanye. Amahubo amahle amaningi uDavide awaloba abonisa indlela ayezizwa ngayo. Ngokwesibonelo, kumaHubo 27:4 wabhala: “Yinye into engiyicelé kuJehova—iyilokho engiyokufuna, ukuba ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuphila kwami, ukuze ngibone ubuhle bukaJehova futhi ngibuke ithempeli lakhe ngokwazisa.” NgesiHebheru sokuqala, inkulumo ethi ‘ngibuke ngokwazisa’ isho ukuninga ngento, ukuyicubungula, ukuyibuka ngamehlo okuyijabulela, okuyithokozela nawokubabaza. Ngokusobala, uDavide wayejulile ngokomoya futhi ewazisa ngempela amalungiselelo kaJehova angokomoya futhi azisa wonke amaqiniso angokomoya uNkulunkulu ayewembula kungakhathaliseki ukuthi mancane kangakanani. Kuhle ukulingisa isibonelo sakhe sokwazisa.—IHubo 19:7-11.
Yazisa Ilungelo Lokwazi Iqiniso LeBhayibheli
4. Yini eyabangela uJesu ukuba ‘achichime injabulo ngomoya ongcwele’?
4 Ukuzuza ukuqonda iZwi likaNkulunkulu akuxhomekile ekukhalipheni noma emfundweni yezwe, okuvame ukukhuthaza ukuqhosha. Kunalokho, kuxhomeke emseni ongafanele kaJehova, awubonisa abantu abathobekile, abanhliziyo ziqotho nabasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya. (Mathewu 5:3; 1 Johane 5:20) Ngesikhathi uJesu ecabanga ngokuthi kunabantu abangaphelele abamagama abo abhaliwe ezulwini, “[wachichima] injabulo ngomoya ongcwele [wathi]: ‘Ngiyakudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihle ngokucophelela lezi zinto kwabahlakaniphileyo nakongqondongqondo, wazambulela izingane.’”—Luka 10:17-21.
5. Kungani abafundi bakaJesu kwakungafanele bawathathe kalula amaqiniso oMbuso ababewembulelwe?
5 Ngemva kokwenza lowo mthandazo osuka enhliziyweni, uJesu waphendukela kubafundi bakhe wathi: “Ayajabula amehlo abona izinto enizibonayo. Ngoba ngithi kini, Abaprofethi abaningi namakhosi babefisa ukubona izinto enizibonayo kodwa abazibonanga, nokuzwa izinto enizizwayo kodwa abazizwanga.” Yebo, uJesu wakhuthaza abalandeli bakhe abathembekile ukuba bangawathathi kalula amaqiniso oMbuso ayigugu ababewembulelwa. La maqiniso ayengazange embulelwe izinceku zikaNkulunkulu zezizukulwane zangaphambili, futhi ngokuqinisekile awazange embulelwe ‘abahlakaniphileyo nongqondongqondo’ bosuku lukaJesu!—Luka 10:23, 24.
6, 7. (a) Sinaziphi izizathu zokwazisa iqiniso laphezulu? (b) Imuphi umehluko obonakalayo namuhla phakathi kwenkolo yeqiniso neyamanga?
6 Thina, namuhla sinezizathu eziningi ngokwengeziwe zokwazisa iqiniso laphezulu, ngoba uJehova unikeze abantu bakhe ukuqonda okujule nakakhulu kweZwi lakhe esebenzisa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45; Daniyeli 12:10) Ngokuqondene nesikhathi sokuphela, umprofethi uDaniyeli wabhala: “Abaningi bayozulazula, futhi ulwazi lweqiniso luyoba luningi.” (Daniyeli 12:4) Awuvumi yini ukuthi ulwazi ngoNkulunkulu namuhla luye lwaba “luningi” nokuthi izinceku zikaJehova zondliwa kahle ngokomoya?
7 Yeka umehluko esiwubonayo phakathi kokuchuma okungokomoya kwabantu bakaNkulunkulu nokudideka ngokwenkolo kweBhabhiloni Elikhulu! Ngenxa yalokho, abaningi abadumele noma abacikwe inkolo yamanga baphendukela ekukhulekeleni kweqiniso. Bangabantu abanjengezimvu “[abangafuni] ukuhlanganyela [neBhabhiloni Elikhulu] ezonweni zalo” noma “ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.” UJehova nezinceku zakhe bamema bonke abantu abanjalo ukuba beze ebandleni lamaKristu eqiniso.—IsAmbulo 18:2-4; 22:17.
Abantu Abanokwazisa Babuthanela KuNkulunkulu
8, 9. Amazwi kaHagayi 2:7 agcwaliseka kanjani namuhla?
8 Ngokuphathelene nendlu yakhe yokukhulekela engokomoya, uJehova wabikezela: “Ngizozamazamisa zonke izizwe, futhi izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe zizongena; ngizoyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo.” (Hagayi 2:7) Lesi siprofetho esimangalisayo sagcwaliseka esikhathini sikaHagayi lapho insali ebuyiselwe yabantu bakaNkulunkulu yakha kabusha ithempeli eJerusalema. Namuhla, amazwi kaHagayi ayagcwaliseka futhi ngokuphathelene nethempeli likaJehova elikhulu elingokomoya.
9 Izigidi sezibuthanele kuleli thempeli elingokomfanekiso ukuze zikhulekele uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso,” futhi minyaka yonke amakhulu ezinkulungwane ‘ezinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe’ ayaqhubeka ethuthelekela khona. (Johane 4:23, 24) Ngokwesibonelo, umbiko womhlaba wonke wonyaka wenkonzo ka-2006 ubonisa ukuthi kwabhapathizwa abangu-248 327 bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova. Ngesilinganiso kusho ukuthi kwakubhapathizwa abantu abangu-680 nsuku zonke! Uthando lwabo ngeqiniso nesifiso sabo sokukhonza uJehova njengabamemezeli boMbuso kunikeza ubufakazi bokuthi ngempela badonswe uNkulunkulu.—Johane 6:44, 65.
10, 11. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa indlela okwenzeka ngayo ukuba abantu abathile bazise iqiniso leBhayibheli.
10 Iqiniso labakhanga abaningi balaba bantu abanhliziyo ziqotho ngoba babona “umehluko phakathi kolungileyo nomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongazange amkhonze.” (Malaki 3:18) Cabanga ngokuhlangenwe nakho kukaWayne noVirginia, umbhangqwana oshadile owawusonta esontweni lobuProthestani kodwa unemibuzo eminingi. Wawuyizonda impi ngakho wakhungatheka futhi waphazamiseka lapho ubona abefundisi bebusisa amasosha nezikhali. Njengoba lo mbhangqwana uguga, wazizwa ungasanakwa abanye esontweni, nakuba uVirginia ayefundise uSonto-sikole iminyaka eminingi. Wathi: “Akekho owayesivakashela noma owayebonisa isithakazelo enhlalakahleni yethu engokomoya. Isonto lalizifunela imali yethu nje kuphela. Sazizwa singenabani.” Indumalo yabo yedlulela lapho isonto labo livuna ubungqingili.
11 Ngokuhamba kwesikhathi, umzukulu wabo waba omunye woFakazi BakaJehova nonina walandela kamuva. Nakuba lokhu kwabacasula oWayne noVirginia ekuqaleni, kamuva bashintsha umqondo bamukela isifundo seBhayibheli. UWayne wathi: “Ngezinyanga ezintathu nje kuphela safunda okuningi ngeBhayibheli kunalokho esasikufunde eminyakeni engu-70 edlule! Sasingakaze sazi ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, futhi sasingazi lutho ngoMbuso nangomhlaba oyiPharadesi.” Kungakabiphi, lo mbhangqwana oqotho waqala ukuba khona emihlanganweni yobuKristu futhi wahlanganyela enkonzweni. UVirginia wathi: “Sifisa ukutshela wonke umuntu iqiniso.” UWayne noVirginia baneminyaka engaphezu kuka-80 futhi bobabili babhapathizwa ngo-2005. Bathi: “Sithole ikhaya lamaKristu eqiniso.”
Kwazise Ukuthi ‘Uhlonyiselwe Yonke Imisebenzi Emihle’
12. Ikuphi uJehova akunikeza izinceku zakhe ngaso sonke isikhathi, futhi yini okumelwe siyenze ukuze sizuze?
12 UJehova uyazisiza njalo izinceku zakhe ukuba zenze intando yakhe. Ngokwesibonelo, uNowa wathola iziqondiso ezicacile neziqondile zendlela yokwakha umkhumbi—umsebenzi okwakudingeka awenze kahle ngehlandla lokuqala! Futhi kwaba njalo. Ngani? Ngoba uNowa “wenza njengakho konke uNkulunkulu ayemyale ngakho. Wenza kanjalo nje.” (Genesise 6:14-22) Nanamuhla, uJehova uzihlomisa ngokugcwele izinceku zakhe ukuze zenze intando yakhe. Yiqiniso, umsebenzi wethu ngokuyinhloko ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe nokusiza abantu abafanelekayo ukuba babe abafundi bakaJesu Kristu. Futhi njengoba kwakunjalo ngoNowa, nathi ukuphumelela kwethu kuxhomeke ekulaleleni. Kumelwe silalele, silandele isiqondiso uJehova asinikeza ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.
13. UJehova usebenzisa ziphi izindlela ukuze asiqeqeshe?
13 Ukuze sifeze lo msebenzi, kumelwe sifunde ‘ukuliphatha ngokufanele’ ithuluzi lethu eliyinhloko—iZwi likaNkulunkulu—“[elinenzuzo] yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 2:15; 3:16, 17) Njengasekhulwini lokuqala, uJehova usinikeza ukuqeqeshwa okuyigugu ngebandla lobuKristu. Namuhla, emabandleni angu-99 770 emhlabeni wonke, masonto onke kuqhutshwa iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo ngenjongo yokusisiza enkonzweni. Ingabe ubonisa ukuthi uyayazisa le mihlangano ngokuba khona njalo nangokusebenzisa izinto ozifundayo?—Hebheru 10:24, 25.
14. Izinceku zikaJehova zibonisa kanjani ukuthi ziyalazisa ilungelo lokukhonza uNkulunkulu? (Hlanganisa neshadi elisemakhasini 27-30.)
14 Izigidi zabantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke zibonisa ukuthi ziyakwazisa ukuqeqeshwa ezikutholayo ngokuzikhandla enkonzweni. Ngokwesibonelo, phakathi nonyaka wenkonzo ka-2006, abamemezeli boMbuso abangu-6 741 444 basebenzisa ingqikithi yamahora angu-1 333 966 199 kuzo zonke izici zalo msebenzi ezihlanganisa nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezingu-6 286 618. Lena imininingwane ekha phezulu nje kweminingi ekhuthazayo esohlwini lombiko womhlaba wonke. Sicela ukuba uwubhekisise lo mbiko futhi kwangathi ungakukhuthaza, njengoba nje nabafowethu bekhulu lokuqala ngokungangabazeki babekhuthazeka kakhulu lapho bethola imibiko eyayibonisa ukwanda komsebenzi wokushumayela esikhathini sabo.—IzEnzo 1:15; 2:5-11, 41, 47; 4:4; 6:7.
15. Kungani engekho okufanele azizwe edangele ngenkonzo yakhe kuJehova ayenza ngomphefumulo wonke?
15 Inhlokomo enkulu yokudumisa enyukela kuNkulunkulu minyaka yonke ibonisa ukwazisa okujulile izinceku zikaJehova ezinakho ngelungelo lokwazi uJehova nokufakaza ngaye. (Isaya 43:10) Yiqiniso, umhlatshelo wokudumisa wabanye babafowethu nodadewethu asebekhulile, abagulayo noma abaxhwalile, ungase ufaniswe nomnikelo omncane womfelokazi. Kodwa masingakhohlwa ukuthi uJehova neNdodana yakhe babazisa ngempela bonke labo abakhonza uNkulunkulu ngomphefumulo wonke, njengoba benza konke okusemandleni.—Luka 21:1-4; Galathiya 6:4.
16. Imaphi amathuluzi okufundisa uNkulunkulu asinikeze wona ezikhathini zamuva?
16 Ngaphandle kokusiqeqeshela inkonzo, uJehova usihlomisa nangamathuluzi okufundisa amahle kakhulu esebenzisa inhlangano yakhe. Emashumini eminyaka amuva, la mathuluzi aye ahlanganisa izincwadi ezinjengethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade nethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? esiyisebenzisayo manje. Labo abawazisa ngempela la malungiselelo bawasebenzisa kahle enkonzweni.
Yisebenzise Kahle Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
17, 18. (a) Iziphi izingxenye zencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli othanda ukuziqokomisa enkonzweni yakho? (b) Omunye umbonisi wesifunda wathini ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli?
17 Njengoba incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? inezahluko ezingu-19, izithasiselo ezinemininingwane ejulile futhi isebenzisa ulimi olulula nolucacile, isiqalile ukuba isibusiso enkonzweni. Ngokwesibonelo, isahluko 12 sidingida isihloko esithi “Ukuphila Ngendlela Ejabulisa UNkulunkulu.” Ukwaziswa okukulesi sihloko kuchazela umfundi indlela angaba ngayo umngane kaNkulunkulu, into abaningi abangakaze bayicabangele noma bacabange ukuthi ingenzeka. (Jakobe 2:23) Linjani isasasa ngale nsiza kufunda iBhayibheli?
18 Umbonisi wesifunda e-Australia ubika ukuthi incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli “ibakhanga masinyane abaninikhaya futhi ibahilele engxoxweni.” Unezela ngokuthi kulula ukuyisebenzisa le ncwadi kangangokuthi “isinikeze abamemezeli boMbuso abaningi isibindi esisha yavuselela nenjabulo yabo enkonzweni. Shono abanye beyibiza ngokuthi iGolide!”
19-21. Landisa okuhlangenwe nakho okuthile okuqokomisa ukubaluleka kwencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
19 Owesifazane othile eGuyana wathi komunye umzalwane oyiphayona owayefike kwakhe: “Kumelwe ukuba uthunyelwe uNkulunkulu.” Umasihlalisane wakhe wayesanda kumshiya nezingane zabo ezimbili. Iphayona lavula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli esahlukweni 1 futhi lafunda isigaba 11 ngokuzwakalayo ngaphansi kwesihlokwana esithi “UNkulunkulu Uzizwa Kanjani Ngokungalungi Esibhekana Nakho?” Iphayona lathi: “Amaphuzu avezwe lapho amthinta ngokujulile. Empeleni kwadingeka ukuba asukume aye ngemva kwesitolo sakhe ayokhalela khona.” Lona wesifazane wavuma ukuba udade wakuleyo ndawo amqhubele isifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo futhi uyaqhubeka ethuthuka.
20 UJosé, ohlala eSpain, washonelwa umkakhe engozini yemoto. Wazama ukuziduduza ngezidakamizwa, wafuna nosizo lochwepheshe. Nokho, izazi zokusebenza kwengqondo azikwazanga ukuphendula umbuzo owawuhlupha uJosé kakhulu: “Kungani uNkulunkulu avumela umkami ukuba afe?” Ngolunye usuku uJosé wahlangana noFrancesc, owayesebenza naye enkampanini efanayo. UFrancesc wasikisela ukuba bafunde isahluko 11 sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, esinesihloko esithi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?” Incazelo engokomBhalo ayithola kanye nomfanekiso kathisha nomfundi yamthinta ngokujulile uJosé. Waqala ukufunda ngenkuthalo, waya emhlanganweni wesifunda, futhi manje uba khona emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso lendawo.
21 URoman, ongusomabhizinisi wasePoland oneminyaka engu-40 ubudala, wayelokhu elihlonipha iZwi likaNkulunkulu. Kodwa ngenxa yokuthi wayexineke kakhulu emsebenzini, wayengathuthuki kangako esifundweni sakhe seBhayibheli. Noma kunjalo, waba khona emhlanganweni wesigodi futhi wathola ikhophi yencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Ngemva kwalokho, wathuthuka ngokuphawulekayo. Uthi: “Ngale ncwadi, zonke izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli zibonakala zihlangana kahle zakhe isithombe esiphelele.” URoman manje unesifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo futhi uthuthuka kahle kakhulu.
Qhubeka Ukhulisa Ukwazisa Kwakho
22, 23. Singaqhubeka kanjani sibonisa ukuthi siyalazisa ithemba elibekwe phambi kwethu?
22 Njengoba kwachazwa eMihlanganweni Yesigodi ethi “Ukukhululwa Kuseduze!” eyayivusa amadlingozi, amaKristu eqiniso alangazelela “ukukhululwa okuphakade” uNkulunkulu akwethembisa futhi okwenziwe kwaba nokwenzeka ngegazi likaJesu Kristu elachitheka. Ayikho enye indlela engcono yokubonisa ukuthi silazisa ngokusuka enhliziyweni leli themba ngaphandle kokuqhubeka sihlanzwa “emisebenzini efile ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo.”—Hebheru 9:12, 14.
23 Yebo, kuyisimangaliso impela ukuthi kunabamemezeli abangaphezu kwezigidi eziyisithupha abakhuthazela ngokwethembeka enkonzweni kaNkulunkulu esikhathini esinjengalesi lapho ingcindezi yokusebenzela izidingo zomuntu siqu inkulu kangaka. Futhi kuwubufakazi bokuthi izinceku zikaJehova zilazisa ngokujulile ilungelo lokukhonza uNkulunkulu, zazi ukuthi “umshikashika [wazo] awulona ize eNkosini.” Kwangathi lokho kwazisa kungelokothe kunciphe!—1 Korinte 15:58; IHubo 110:3.
Ungaphendula Kanjani?
• Umhubi usifundisani ngokwazisa uNkulunkulu namalungiselelo akhe angokomoya?
• Amazwi akuHagayi 2:7 agcwaliseka kanjani namuhla?
• UJehova uye wazihlomisa kanjani izinceku zakhe ukuze zimkhonze ngokuphumelelayo?
• Yini ongayenza ukuze ubonise ukuthi uyabazisa ubuhle bukaJehova?
[Ishadi ekhasini 27-30]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-2006 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(Bheka umqulu)
[Izithombe ekhasini 25]
UJehova usihlomisa ngokugcwele ukuba senze intando yakhe