Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 6/1 k. 3
  • Ububi—Ingabe Abusalawuleki?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ububi—Ingabe Abusalawuleki?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuhle Buqhathaniswa Nobubi—Impi Esinesikhathi Eside
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe Ubuhle Buyoke Bunqobe Ububi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Yini Esenza Sibe Abalungile Noma Abangalungile?
    I-Phaphama!—2010
  • Indlela Ubuhle Obuyobunqoba Ngayo Ububi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 6/1 k. 3

Ububi—Ingabe Abusalawuleki?

Umfanyana onelukuluku lokwazi ucosha okuthile esigangeni—ibhomu eligqitshwayo—asale eyimpumputhe futhi ekhubazekile ukuphila kwakhe konke. Umama ulahla usana asanda kuluzala, aluthukuse kudoti ongasemgwaqweni. Isisebenzi esisanda kuxoshwa emsebenzini sibuyela lapho besisebenza khona sifike sidubule wonke umuntu esimbonayo, bese sizibulala naso. Isakhamuzi esihlonishwayo sidlwengula izingane ezingenakuzivikela.

KUYADABUKISA ukuthi imibiko enjalo isiyinsakavukela esikhathini sethu. Okudabukisa nakakhulu ukuthi le mibiko ngokuvamile igqitshwa imibiko yokuqothulwa kohlanga nokwesizwe kanye nobuphekula. Incwadi yomhleli wephephandaba elithile eyanyatheliswa ngo-1995 yathi: “Ngenxa yobubi balo obukhulu, leli khulu leminyaka bekungelikaSathane. Ayikaze ibe khona inkathi ngaphambili lapho abantu beye baba nekhono nequngo elikhulu kangaka lokubulala izigidi zabanye abantu ngezizathu zobuhlanga, inkolo noma izigaba zomphakathi.”

Ngesikhathi esifanayo abantu bangcolisa umoya, bangcolise umhlaba, bawuphundle umnotho wawo futhi babeke ezinye izinto eziphila kuwo engcupheni yokuqothulwa. Singakwazi yini isintu ukubuqeda bonke lobu bubi futhi senze umhlaba ube indawo engcono, ephephe kakhudlwana? Noma ingabe ukuzama ukwenza kanjalo kungafana nokuthela amanzi emhlane wedada? Uprofesa othile osebhale okuningi ngobubi: “Ngangilokhu nginesifiso esinamandla sokuletha ubungcono emhlabeni, sokuthuthukisa leli zwe. Kodwa leli zwe alibonakali lithuthuka.” Mhlawumbe nawe uzizwa ngendlela efanayo.

Isimo saleli zwe siya siba sibi futhi singafaniswa nesomkhumbi obheke engxenyeni yolwandle enamagagasi agubhayo futhi eya iba ingozi nsuku zonke. Nakuba engekho ofuna ukuya khona, yonke imizamo yokunqanda lo mkhumbi ayiphumeleli. Umane nje uqonde ngqo esijwini sesiphepho esiyingozi, unganqandeki.

Ngezinga elithile, lesi simo esiqhubeka siwohloka sibangelwa ukungapheleli kwabantu. (Roma 3:23) Noma kunjalo, izinga lobubi, ubukhulu babo nokubhebhetheka kwabo kubonakala kukukhulu ngendlela yokuthi akunakubangelwa abantu kuphela. Kungenzeka yini ukuthi isintu silawulwa umuntu othile ongabonakali kodwa onamandla futhi omubi? Uma kunjalo, ungubani, futhi singazivikela kanjani kuye? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula le mibuzo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

© Heldur Netocny/Panos Pictures

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela