Sondela KuNkulunkulu
Umalusi Okhathalelayo
‘INGABE uNkulunkulu uyangikhathalela?’ Uma uke wazibuza lo mbuzo, awuwedwa. Iningi lethu liye labhekana nobunzima nezinselele, futhi ngezinye izikhathi singase sizibuze ukuthi uyasikhathalela yini uMdali wezulu nomhlaba okukhulu kangaka. Kufanele sazi ukuthi, Ingabe uJehova uNkulunkulu uyasikhathalela yini ngabantu ngabanye? Lapho esemhlabeni, uJesu, omazi kangcono uJehova, wenza umfanekiso owembula impendulo ejabulisayo.
Esebenzisa izimo ezazivamile emphakathini wabelusi, uJesu wathi: “Uma umuntu eba nezimvu eziyikhulu futhi kuduke eyodwa yazo, ngeke yini ashiye ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye phezulu ezintabeni asuke ayofuna leyo edukile? Futhi uma kwenzeka eyithola, ngiyanitshela impela, ujabula kakhulu ngayo kunangalezi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga. Ngokufanayo akuyona into efiselekayo kuBaba osezulwini ukuba kushabalale noyedwa walaba abancane.” (Mathewu 18:12-14) Ake sibone ukuthi uJesu uyiveza kanjani indlela uJehova amkhathalela ngayo ngesisa umkhulekeli wakhe ngamunye.
Lo malusi wazizwa enesibopho sokunakekela ngayinye yezimvu zakhe. Uma kwenzeka kuba nemvu edukayo, wayezokwazi ukuthi iyiphi. Wayazi imvu ngayinye ngegama ayethe lona. (Johane 10:3) Umalusi okhathalelayo wayengeke aphumule kuze kube yilapho eseyitholile wayibuyisela emhlambini. Ngokuphuma ayoyifuna, wayengeke azifake ezingozini ezingu-99 ezisele. Abelusi babevame ukuhlala ndawonye, bavumele imihlambi yabo ukuba ihlangane.a Ngakho umalusi owayephuma eyofuna imvu edukile wayengashiya izimvu zakhe ezisele zinakekelwe abanye abelusi. Lapho eyithola ingalimele, wayeba nesizathu sokujabula. Ethwala le mvu ethukile emahlombe, wayehamba nayo ayibuyisele emhlambini iphephile.—Luka 15:5, 6.
Ebonisa indlela lo mfanekiso osebenza ngayo, uJesu wathi uNkulunkulu akafuni ukuba “kushabalale noyedwa walaba abancane.” Ngaphambili, uJesu wayexwayise abafundi bakhe ngokukhubekisa “oyedwa kulaba abancane abanokholo [kuye].” (Mathewu 18:6) Yini-ke umfanekiso kaJesu osifundisa yona ngoJehova? UnguMalusi okhathalela imvu yakhe ngayinye, kuhlanganise ‘nezincane’—lezo ezingase zibonakale zingabalulekile ngokombono wezwe. Yebo, emehlweni kaNkulunkulu, umkhulekeli wakhe ngamunye uhlukile futhi uyigugu.
Uma ufuna isiqinisekiso sokuthi uyigugu kuNkulunkulu, kungani ungafundi okwengeziwe ngoMalusi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, nendlela ongasondela ngayo kuye? Ngokwenza kanjalo, ungaba nethemba njengomphostoli uPetru, okungangabazeki ukuthi wazizwela mathupha uJesu elandisa umfanekiso wakhe wemvu edukile. Kamuva uPetru wabhala: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kukaNkulunkulu, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuhlukanisa imihlambi kwakungeyona inkinga, ngoba imvu ngayinye yayisabela ezwini lomalusi wayo eliyingqayizivele.—Johane 10:4.