Liphetheni Ikusasa?
KUNGANI IMPENDULO IBALULEKILE? Lokho umuntu akulindele ngekusasa kuthonya indlela aphila ngayo namuhla. Ngokwesibonelo, labo abanethemba elincane ngekusasa bangase bacabange ngale ndlela: “Masidle siphuze, ngoba kusasa sizokufa.” (1 Korinte 15:32) Isimo sengqondo esinjalo sivame ukuholela ekuminzeni, ekuphuzeni ngokweqile nasekukhathazekeni—hhayi ekuthuleni kwengqondo kwangempela.
Kuyavunywa, ukube ikusasa belishiyelwa ngokuphelele ezandleni zabantu, besingeke sibe nalo ithemba. Umoya osemhlabeni, amanzi nendawo kungcoliswa ngendlela engakaze ibonwe ngaphambili. Ukusongela kwempi yenuzi nokuhlasela kwamaphekula kuyanda. Izifo nobumpofu kuthinta izigidi emhlabeni wonke. Kodwa kunezizathu ezizwakalayo zokuba nethemba.
Nakuba abantu bengenakulibikezela ngokunembile ikusasa, uJehova uNkulunkulu uzichaza ‘njengaLowo owazisa isiphetho kwasekuqaleni, nalowo owazisa izinto ezingakenziwa kusukela kudala.’ (Isaya 46:10) Uthini uJehova ngalokho esikuphathelwe yikusasa?
Lokho IBhayibheli Elikushoyo
UJehova ngeke avume ukuba umhlaba noma izinto eziphila kuwo zonakaliswe ngokuphelele. Empeleni, iBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu ‘uyochitha abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) NgoMbuso wakhe, noma uhulumeni wakhe wasezulwini, uJehova uyosusa bonke ububi emhlabeni futhi alethe izimo ayezihlosile ekuqaleni. (Genesise 1:26-31; 2:8, 9; Mathewu 6:9, 10) Amavesi eBhayibheli alandelayo asinika amazwibela ekusasa, achaza izenzakalo ezizothinta bonke abantu emhlabeni maduzane.
IHubo 46:8, 9. “Wozani, bukani imisebenzi kaJehova, ukuthi uzimisé kanjani izenzakalo ezimangalisayo emhlabeni. Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.”
U-Isaya 35:5, 6. “Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza. Ngoba kuyobe kuqhume amanzi ehlane, nezifufula ethafeni eliwugwadule.”
U-Isaya 65:21, 22. “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye.”
UDaniyeli 2:44. “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”
UJohane 5:28, 29. “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu] baphume.”
IsAmbulo 21:3, 4. “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”
Indlela Impendulo YeBhayibheli Eletha Ngayo Ukuthula Kwengqondo
Ekuqaleni, izimo ezichazwe ngenxa zingase zingakholeki. Kodwa lezi zithembiso zenziwa uNkulunkulu, hhayi abantu. Futhi uJehova uNkulunkulu ‘akanakuwaqamba amanga.’—Thithu 1:2.
Uma ufunda ukuzethemba izithembiso zikaNkulunkulu futhi uphile ngemithetho yakhe, uyokulondoloza ukuthula kwakho kwengqondo naphezu kwezimo ezivivinya kakhulu. Impi, ubumpofu, ukugula ngisho nezinselele zokuguga noma ukucabanga ngokufa—ayikho neyodwa kulezi zinto eyokuphuca ukuthula kwakho unomphela. Ngani? Ngenxa yokuthi uyobe uqiniseka ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyosusa imiphumela yazo zonke lezi zinkinga.
Ungalithola kanjani lolo hlobo lwethemba ngekusasa? Kumelwe ‘ushintshe ingqondo yakho’ futhi uzitholele ngokwakho “okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Cishe uyodinga ubufakazi obengeziwe bokuthi izithembiso zeBhayibheli zinokwethenjelwa. Uphenyo olunjalo luyazuzisa. Zimbalwa izinto ozenza ekuphileni eziyokulethela ukuthula kwengqondo okukhulu.
[Izithombe ekhasini 8]
Lithini iZwi likaNkulunkulu ngekusasa?