Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 9/15 k. 32
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izilimi, Ukukhuluma Ngazo
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ingabe Isipho Sezilimi Siyingxenye YobuKristu Beqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukuqiniswa Ingabe Kuyimfuneko YobuKristu?
    I-Phaphama!—1991
  • Lithini IBhayibheli Ngokukhuluma Ngezilimi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 9/15 k. 32

Imibuzo Evela Kubafundi

Encwadini ayibhalela amaHebheru, umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngokubeka izandla.’ Ingabe wayebhekisele ekumisweni kwabadala noma kokuthile okuhlukile?—Heb. 6:2.

Asikho isizathu sokugomela ngalokhu, kodwa kungenzeka ukuthi uPawulu wayebhekisele ekubekeni izandla ukuze kudluliselwe izipho zomoya.

IBhayibheli liyakhuluma ngokubekwa izandla lapho umuntu etuselwa amalungelo angokwasezulwini. UMose ‘wabeka isandla sakhe phezu’ kukaJoshuwa lapho emmisa njengozomlandela ekuholeni. (Dut. 34:9) Ebandleni lobuKristu, amadoda athile afanelekayo ámiswa ngokubekwa izandla. (IzE. 6:6; 1 Thim. 4:14) UPawulu weluleka ngokumelene nokushesha ukubeka umuntu izandla.—1 Thim. 5:22.

Nokho, uPawulu wanxusa amaKristu angamaHebheru ukuba ‘aphokophelele ekuvuthweni’ njengoba ayeseshiye “imfundiso yokuqala.” Wabe esebala “ukuphenduka emisebenzini efile, nokholo kuNkulunkulu, imfundiso ngobhapathizo nokubeka izandla.” (Heb. 6:1, 2) Ingabe ukumiswa kwabadala kwakuyoba into yokuqala amaKristu okwakufanele ayithole bese ephokophelela kokunye? Cha. Ukuba umdala webandla kuyilungelo abazalwane abavuthiwe okufanele bazame ukulifinyelela futhi balazise ngokuqhubekayo.—1 Thim. 3:1.

Kodwa abantu babebekwa izandla nangenye injongo. Ekhulwini lokuqala, uJehova wamlahla u-Israyeli ongokwemvelo njengabantu bakhe, wakhetha u-Israyeli ongokomoya, ibandla lamaKristu agcotshiwe. (Math. 21:43; IzE. 15:14; Gal. 6:16) Izipho zomoya eziyisimangaliso, njengokukhuluma ngezilimi, zaba ubufakazi balolo shintsho. (1 Kor. 12:4-11) Lapho uKorneliyu nendlu yakhe beba amakholwa, bathola umoya ongcwele, njengoba kwabonakala lapho ‘bekhuluma ngezilimi.’—IzE. 10:44-46.

Ngezinye izikhathi, izipho ezimangalisayo zazidluliselwa ngokubekwa izandla. Lapho uFiliphu eshumayela izindaba ezinhle eSamariya, abaningi babhapathizwa. Indikimba ebusayo yathumela umphostoli uPetru noJohane kuleyo ndawo. Ngani? Siyafunda: “Khona-ke [laba ababili] bababeka izandla [abantu ababesanda kubhapathizwa], bamukela umoya ongcwele.” Kumelwe ukuba lokho kwakusho ukuthi bathola izipho zomoya, amakhono ayeyobonwa abanye. Siyakwazi lokhu ngoba uSimoni, owayenza imilingo ngaphambili, wakubona lokhu kusebenza komoya futhi ngobugovu wazama ukuthenga lawo mandla ngenjongo yokuba abeke abanye izandla ukuze bathole umoya ongcwele benze izimangaliso. (IzE. 8:5-20) Kamuva, abantu abangu-12 base-Efesu babhapathizwa. Siyafunda: “Lapho uPawulu ebabeka izandla, umoya ongcwele wehlela phezu kwabo, baqala ukukhuluma ngezilimi nokuprofetha.”—IzE. 19:1-7; qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 1:6.

Ngakho, encwadini yamaHebheru 6:2, kusobala ukuthi uPawulu wayebhekisele ekubekeni izandla ukuze adlulisele izipho zomoya emakholweni amasha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela