Izilimi, Ukukhuluma Ngazo
Incazelo: Amandla akhethekile anikezwa ngomoya ongcwele kwabathile babafundi ebandleni lobuKristu lokuqala enza bakwazi ukushumayela noma ukukhazimulisa uNkulunkulu ngezinye izindlela ngolimi okungelona olwabo.
Ingabe iBhayibheli lithi bonke ababeyoba nomoya kaNkulunkulu ‘babeyokhuluma ngezilimi’?
1 Kor. 12:13, 30: “Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe-mzimba munye, . . . Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na?” (Neyoku-1 Korinte 14:26)
1 Kor. 14:5: “Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.”
Ingabe inkulumo yokungenwa umoya yolimi umuntu angakaze alufunde ibonisa ukuthi unomoya ongcwele?
Ingabe amandla ‘okukhuluma ngezilimi’ angavela komunye umthombo ngaphandle kukaNkulunkulu weqiniso?
1 Joh. 4:1: “Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya [“izinkulumo eziphefumlelwe,” NW], kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini.” (Bheka futhi uMathewu 7:21-23; 2 Korinte 11:14, 15.)
Phakathi kwalabo ‘abakhuluma ngezilimi’ namuhla kuneSonto Likamoya namaBaptisti, kanye namaRoma Katolika, amaEpiscopal, amaWeseli, amaLuthela, nabebandla laseHabe. UJesu wathi umoya ongcwele ‘wawuzoholela abafundi bakhe kulo lonke iqiniso.’ (Joh. 16:13) Ingabe amalungu alezinkolo ngayinye akholelwa ukuthi amanye ‘akhuluma ngezilimi’ aye aholelwa “kulo lonke iqiniso”? Kungenzeka kanjani lokho, ngoba awavumelani wonke? Imuphi umoya owenza akwazi ‘ukukhuluma ngezilimi’?
Inkulumo eyahlanganyelwa yiFountain Trust neChurch of England Evangelical Council yavuma: “Nathi siyaqaphela ukuthi isimangaliso esifanayo singenzeka ngaphansi kwethonya lamademoni.” (Gospel and Spirit, April 1977, eyakhishwa yiFountain Trust neChurch of England Evangelical Council, k. 12) Incwadi ethi Religious Movements in Contemporary America (eyahlelwa nguIrving I. Zaretsky noMark P. Leone, icaphuna uL. P. Gerlach) ibika ukuthi eHaiti ‘ukukhuluma ngezilimi’ kuyingxenye yakho kokubili izinkolo zikaMoya, nezokukhulekela oKhokho.—(Princeton, N.J.; 1974), k. 693; bheka futhi eyesi-2 Thesalonika 2:9, 10.
Ingabe ‘ukukhuluma ngezilimi’ okwenziwa namuhla kuyafana nalokho okwakwenziwa amaKristu ekhulu lokuqala?
Ekhulwini lokuqala, iziphiwo zomoya eziyisimangaliso, kuhlanganise namandla ‘okukhuluma ngezilimi,’ kwafakazela ukuthi umusa kaNkulunkulu wawusukile esimisweni sobuJuda sokukhulekela waya ebandleni lobuKristu elalisanda kumiswa. (Heb. 2:2-4) Njengoba leyonjongo yafezwa ngekhulu lokuqala, ingabe kudingekile ukuqinisekisa into efanayo ngokuphindaphindiwe osukwini lwethu?
Ekhulwini lokuqala, amandla ‘okukhuluma ngezilimi’ anikeza ugqozi emsebenzini womhlaba wonke wokufakaza uJesu ayethume abalandeli bakhe ukuba bawenze. (IzE. 1:8; 2:1-11; Math. 28:19) Ingabe ileyondlela labo ‘abakhuluma ngezilimi’ abasebenzisa ngayo lawomandla namuhla?
Ekhulwini lokuqala, lapho amaKristu ‘ekhuluma ngezilimi,’ ayekusho kwakunengqondo kubantu ababezazi lezozilimi. (IzE. 2:4, 8) Namuhla, akulona yini iqiniso ukuthi ‘ukukhuluma ngezilimi’ ngokuvamile kuhilela ukudazuluka ngomsindo ongaqondakali?
IBhayibheli libonisa ukuthi ekhulwini lokuqala, amaKristu kwakumelwe alinganisele ‘ukukhuluma ngezilimi’ kubantu ababili noma abathathu ababengenza lokho kunoma imuphi umhlangano; kwakumelwe benze lokho “badedelane,” futhi uma engekho umhumushi kwakumelwe bathule. (1 Kor. 14:27, 28) Ingabe ilokho okwenziwayo namuhla?
Bheka futhi amakhasi 370, 371, ngaphansi kwesihloko esithi “Umoya.”
Kungenzeka yini ukuthi umoya ongcwele uqondisa abantu abakholelwa komoya emikhubeni efinyelela ngalé kwalokho okutholakala emiBhalweni?
2 Thim. 3:16, 17: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.” (Uma umuntu ethi unesigijimi esiphefumlelwe esiphikisanayo nezambulo ezenziwa umoya kaNkulunkulu ngoJesu nabaphostoli bakhe, bekungenzeka yini ukuba zivela emthonjeni ofanayo?)
Gal. 1:8: “Noma kungaba-yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe-ngoqalekisiweyo.”
Ingabe indlela yokuphila yamalungu ezinhlangano ezikubheka ngokukujabulela ‘ukukhuluma ngezilimi’ inikeza ubufakazi bokuthi anomoya kaNkulunkulu?
Njengeqembu ingabe azibonakalisa ngokuvelele izithelo zomoya ezinjengobumnene nokuzithiba? Ingabe lezimfanelo zibonakala kalula kubantu abaya ezinkonzweni zabo?—Gal. 5:22, 23.
Ingabe ngempela ‘awayona ingxenye yezwe’? Ngenxa yalokhu ingabe azinikela ngokuphelele eMbusweni kaNkulunkulu noma ingabe ahileleka ezindabeni zezwe zezombangazwe? Ingabe aye ahlala engenacala legazi ngesikhathi sempi? Njengeqembu ingabe anedumela elihle ngenxa yokugwema ukuziphatha okubi kwezwe?—Joh. 17:16; Isaya 2:4; 1 Thes. 4:3-8.
Ingabe amaKristu eqiniso namuhla abonakala ngamandla ‘okukhuluma ngezilimi’?
Joh. 13:35: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
1 Kor. 13:1, 8: “Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.”
UJesu wathi umoya ongcwele wawuyokwehlela kubalandeli bakhe babe ngofakazi bakhe kuze kube sekugcineni komhlaba. (IzE. 1:8) Wabayala ukuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe abafundi.’ (Math. 28:19) Wabikezela futhi ukuthi ‘lezi zindaba ezinhle zombuso zaziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe.’ (Math. 24:14, NW) Obani namuhla, kokubili njengeqembu nangabantu ngabanye, abenza lomsebenzi? Ngokuvumelana nalokho uJesu akusho, akumelwe yini sibheke lokhu njengobufakazi bokuthi iqembu linomoya ongcwele?
Ingabe ‘ukukhuluma ngezilimi’ kuyoqhubeka kuze kufike “okupheleleyo”?
Kweyoku-1 Korinte 13:8 kubhekiselwa eziphiweni eziningana eziyisimangaliso—ukuprofetha, izilimi, ulwazi. Ivesi lesi-9 libhekisela futhi kwezimbili zalezizipho—ulwazi nokuprofetha—lithi: “Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye.” Noma, njengoba iRS ifundeka: “Ngoba ulwazi lwethu aluphelele nokuprofetha kwethu akuphelele.” Khona-ke ivesi le-10 lithi: “Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.” Igama elithi “okupheleleyo” lihunyushwe kwelesiGreki elithi teʹlei·on, eliveza umqondo wokukhula ngokugcwele, noma ukuphelela. IRo, By, neNW lapha zilihumusha ngokuthi “okupheleleyo.” Phawula ukuthi akusona isiphiwo sezilimi okuthiwa ‘asiphelele,’ noma “inxenye.” Lokho kushiwo mayelana ‘nokuprofetha’ kanye ‘nolwazi.’ Ngamanye amazwi, ngisho nangalezoziphiwo eziyisimangaliso, amaKristu okuqala ayenokuqonda okungaphelele noma okuyingxenye ngenjongo kaNkulunkulu. Kodwa lapho lezoziprofetho sezigcwalisekile, lapho injongo kaNkulunkulu iyobe isifeziwe, khona-ke “okupheleleyo,” kuyofika. Ngakho-ke, lokhu ngokusobala akukhulumeli ukuthi ‘isiphiwo sezilimi’ siyoqhubeka isikhathi eside kangakanani.
Nokho, iBhayibheli liyabonisa ukuthi ‘isiphiwo sezilimi’ sasiyoba yingxenye yokuhlangenwe nakho kwamaKristu isikhathi eside kangakanani. Ngokomlando, lesisiphiwo nezinye iziphiwo zomoya ngaso sonke isikhathi zazidluliselwa kubantu ngokubekwa izandla ngabaphostoli bakaJesu Kristu noma lapho bekhona. (IzE. 2:4, 14, 17; 10:44-46; 19:6; bheka futhi izEnzo 8:14-18.) Ngakho-ke, ngemva kokufa kwabo nalapho labo ababethole leziziphiwo ngaleyondlela sebefile, iziphiwo eziyisimangaliso eziwumphumela wokusebenza komoya kaNkulunkulu kumelwe ukuba zaphela. Umbono onjalo uyavumelana nenjongo yalezoziphiwo njengoba iphawulwe kumaHeberu 2:2-4.
Ingabe uMarku 16:17, 18 akabonisi yini ukuthi amandla ‘okushumayela ngezilimi ezintsha’ ayeyoba isibonakaliso sokwehlukanisa abakholwayo?
Kumelwe kuphawulwe ukuthi lamavesi awabhekiseli nje kuphela ‘ekukhulumeni ngezilimi ezintsha’ kodwa futhi nasekubambeni izinyoka nokuphuza okubulalayo. Ingabe bonke ‘abakhuluma ngezilimi’ bayakukhuthaza nalokhu?
Ngokuqondene nokukhulumela ngezizathu zokuthi kungani lamavesi engamukelwa yizo zonke izazi zeBhayibheli, bheka amakhasi 325, 326, ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuphulukisa.”
Uma Umuntu Ethi—
‘Uyakholelwa ekukhulumeni ngezilimi?’
Ungase uphendule: ‘OFakazi BakaJehova bakhuluma izilimi eziningi, kodwa asihileleki ekukhulumeni “ngezilimi ezingaziwa” okuqhutshwa yimimoya. Kodwa ngicela ukubuza, Ingabe ukholelwa ukuthi “ukukhuluma ngezilimi” okwenziwa namuhla kuyefana nalokho okwakwenziwa ngamaKristu ekhulu lokuqala?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Nanka amaphuzu ongaqhathanisa ngawo engiye ngawathola ethakazelisa kakhulu. (Mhlawumbe sebenzisa indaba esemakhasini 168, 169.)’
Noma ungase uthi: ‘Siyakholelwa ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala “akhuluma ngezilimi” nokuthi lokhu kwafeza izidingo ezithile ngaleso sikhathi. Ingabe uyazi ukuthi zaziyini lezozidingo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Kwasebenza njengesibonakaliso sokuthi uNkulunkulu wayewususile umusa wakhe esimisweni sobuJuda waya ebandleni lobuKristu elalisanda kwakhiwa. (Heb. 2:2-4)’ (2) ‘Kwakuyindlela ephumelelayo yokusakaza izindaba ezinhle ngezinga lomhlaba wonke ngesikhathi esifushane. (IzE. 1:8)’