Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 2/1 kk. 3-4
  • Ungubani UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungubani UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Esenza Izimpendulo Zibaluleke
  • Ukukhulekela Kobani UNkulunkulu Akwamukelayo?
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • “Iqiniso Liyonikhulula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • “Indlela Neqiniso Nokuphila”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 2/1 kk. 3-4

Ungubani UNkulunkulu?

UBUNGAWUPHENDULA kanjani lowo mbuzo? Abanye banomuzwa wokuthi bamazi kahle uNkulunkulu, bathi ungumngane oseduze. Abanye bambheka njengesihlobo sabo esikude. Bayakholelwa ukuthi ukhona, kodwa kuncane abakwaziyo ngaye. Uma ukholelwa kuNkulunkulu, ungayiphendula kanjani le mibuzo elandelayo?

1. Ingabe uNkulunkulu ungumuntu ongokoqobo?

2. Ingabe uNkulunkulu unalo igama?

3. Ingabe uJesu unguNkulunkulu uMninimandla onke?

4. Ingabe uNkulunkulu uyangikhathalela?

5. Ingabe zonke izindlela zokukhulekela ziyemukeleka kuNkulunkulu?

Uma ungacela abanye ukuba baphendule le mibuzo, cishe uyothola izimpendulo eziningi ezingefani. Khona-ke akumangalisi ukuthi izinganekwane nemibono eyiphutha ngoNkulunkulu kuye kwanda.

Isizathu Esenza Izimpendulo Zibaluleke

Lapho ekhuluma nowesifazane okholwayo ahlangana naye emthonjeni, uJesu Kristu wagcizelela isidingo sokwazi iqiniso ngoNkulunkulu. Lona wesifazane ongumSamariya, wavuma ukuthi uJesu wayengumprofethi. Kodwa kukhona okwakumkhathaza. Inkolo kaJesu yayihlukile kweyakhe. Lapho eveza lo muzwa wokukhathazeka, uJesu wathi kuye: “Nina nikhulekela eningakwaziyo.” (Johane 4:19-22) Kuyacaca ukuthi uJesu wayazi ukuthi akubona bonke abantu abakholwayo abamazi ngempela uNkulunkulu.

Ingabe inkulumo kaJesu isho ukuthi akukho muntu ongakwazi ukumazi ngempela uNkulunkulu? Cha. UJesu wabe esethi kulona wesifazane: ‘Abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.’ (Johane 4:23) Ingabe uphakathi kwalabo abakhulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso”?

Kubaluleke kakhulu ukuba uqiniseke ngempendulo yalowo mbuzo. Ngani? UJesu wagcizelela isidingo solwazi olunembile lapho ethandaza: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Yebo, amathemba akho okuphila esikhathini esizayo ahlobene eduze nokwazi iqiniso ngoNkulunkulu!

Ingabe singalazi ngempela iqiniso ngoNkulunkulu? Yebo, singalazi! Ungalithola kanjani? Nakhu uJesu akusho ngaye: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Waphinde wathi: ‘Ukuthi uBaba ungubani, akekho owaziyo ngaphandle kweNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambula kuye.’—Luka 10:22.

Ngakho isihluthulelo sokwazi uNkulunkulu sitholakala ezimfundisweni zikaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Empeleni, uJesu uyasithembisa: “Uma nibambelela emfundisweni yami, ningabafundi bami ngempela. Khona-ke niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:31, 32, The Holy Bible—New International Version.

UJesu ubengayiphendula kanjani le mibuzo eyisihlanu ephakanyiswe ekuqaleni?

[Isithombe ekhasini 4]

Ingabe ukhulekela uNkulunkulu ongamazi nhlobo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela