Isikhathi Sokukhetha
“UNkulunkulu wabe esemdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.”—Genesise 1:27.
LAWO mazwi ajwayelekile asemakhasini okuqala eBhayibheli achaza enye yezinto ezinhle kakhulu uNkulunkulu ‘azenze zaba zinhle ngesikhathi sazo’—ukudala umbhangqwana wokuqala ophelele ongabantu, u-Adamu no-Eva. (UmShumayeli 3:11) NjengoMdali wabo, uJehova uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba.”—Genesise 1:28.
Ngalawo mazwi awasho kubantu bokuqala ababili, uNkulunkulu wabatshela injongo yakhe. Kwakufanele bande futhi banakekele umhlaba, bawenze ube ikhaya eliyipharadesi lomhlaba wonke labo nezingane zabo. Babenganqunyelwanga isikhathi ababezosiphila nababezokufa ngaso. Kunalokho, uNkulunkulu wabanika ithemba elimangalisayo. Ngokukhetha ngendlela efanele nangokuqhubeka besebenzelana noNkulunkulu ngobunye, babengaphila phakade ngokuthula okuphelele nangenjabulo.
Bakhetha kabi, futhi ngenxa yalokho, ukuguga nokufa kuye kwahlasela bonke abantu. Empeleni, inzalamizi uJobe yavuma: “Umuntu, ozalwa owesifazane, uphila isikhashana futhi ugcwele ukuyaluza.” (Jobe 14:1) Konakala kuphi?
IBhayibheli liyachaza: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Lowo ‘muntu oyedwa’ ngu-Adamu, owakhetha ukungawulaleli ngamabomu umyalo kaNkulunkulu olula kodwa owawucacile. (Genesise 2:17) Ngokukhetha kwakhe, u-Adamu walahla ithuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Walahlekisela nenzalo yakhe ifa eliyigugu futhi wadlulisela kuyo isiqalekiso sesono nokufa. Kwakubonakala sengathi kwakungasenathemba, kodwa ingabe kwakunjalo ngempela?
Isikhathi Sokuvuselela Izinto
Ngemva kwezinkulungwane zeminyaka, umhubi waphefumulelwa ukuba abhale: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Njengesiqinisekiso sokuthi isithembiso uNkulunkulu asenza e-Edene sasiyogcwaliseka, iZwi lakhe likuchaza kahle lokho azokwenza maduzane: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Khona-ke uNkulunkulu uqobo uthi: “Bheka! Ngenza konke kube kusha.”—IsAmbulo 21:4, 5.
Njengoba kunesikhathi esimisiwe sayo yonke into, umbuzo ophakama kufanele uwukuthi, Siyofika nini leso sikhathi sokuvuselela izinto, ukuze kugcwaliseke izithembiso ezimangalisayo zikaNkulunkulu? Abashicileli balo magazini, oFakazi BakaJehova, bebelokhu bezama ukubonisa abantu ukuthi siphila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “izinsuku zokugcina” nokuthi sesiseduze isikhathi sokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo ‘sokwenza zonke izinto zibe zintsha.’ (2 Thimothewu 3:1) Sikukhuthaza ukuba uhlole iBhayibheli futhi ufunde ngaleli themba elimangalisayo ongalijabulela. Sikukhuthaza nokuba usamukele lesi simemo: “Funani uJehova, esatholakala. Mbizeni eseseduze.” (Isaya 55:6) Esikhundleni sokunqunyelwa, ukuphila kwakho namathemba aphakade kuxhomeke kuwe!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
“Bheka! Ngenza konke kube kusha”