Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe UNkulunkulu Uthatha Izingane Ukuze Ziyoba Izingelosi Ezulwini?
Lapho kushona ingane, abangane bomkhaya oshonelwe bangase bazame ukuwududuza ngokuthi, “UNkulunkulu ubedinga enye ingelosi ezulwini.” Ingabe lokho kuzwakala kunengqondo kuwe?
Ukube bekuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu ubulala izingane ngoba edinga izingelosi ezengeziwe ezulwini, lokho bekuyosho ukuthi akanazwela, unonya. IBhayibheli lisho okuhlukile. (Jobe 34:10) Ubaba onozwela ubengeke aphuce abazali ingane yabo ukuze nje andise umkhaya wakhe. Kodwa, akekho umzali ongumuntu onozwela njengoJehova, omfanelo yakhe evelele uthando. (1 Johane 4:8) Uthando lwakhe olukhulu belungasoze lwamvumela ukuba enze ngendlela enonya kangaka.
Zibuze, ‘Ingabe uNkulunkulu udinga izingelosi ezengeziwe ezulwini?’ IBhayibheli lithi yonke imisebenzi kaNkulunkulu mihle futhi iphelele. (Duteronomi 32:4) Umsebenzi wakhe wokudala izigidi zezingelosi ngokuqondile wenziwa waphelela, futhi zanela. (Daniyeli 7:10) Ingabe uNkulunkulu wenza iphutha ngandlela-thile lapho ebala izingelosi ayezidinga? Phinde! Ngokuqinisekile, uNkulunkulu onguMninimandla onke wayengasoze alenza iphutha elinjalo. Yiqiniso, uJehova ukhethe abantu abathile ukuba babe yizidalwa zomoya ezizoba ingxenye yoMbuso wakhe wasezulwini, kodwa babeyobe bengezona izingane lapho befa.—IsAmbulo 5:9, 10.
Esinye isizathu sokuba uNkulunkulu angathathi izingane emhlabeni ukuba ziyoba izingelosi ezulwini siwukuthi lokho bekuyongqubuzana nenjongo yakhe yokuqala ngezingane. Ensimini yase-Edene, uNkulunkulu watshela u-Adamu no-Eva: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe.” (Genesise 1:28) Izingane ziyizipho ezivela kuNkulunkulu, ziyingxenye ebalulekile enjongweni yakhe yokuqala yokugcwalisa umhlaba ngomkhaya wesintu olungile. Wayengahlosile ukuba izingane zisheshe zife bese ziguqulwa ziba izidalwa zomoya. IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi izingane ‘ziyifa elivela kuJehova.’ (IHubo 127:3) Ingabe uJehova, uNkulunkulu wothando, ubengabaphuca abazali isipho abaphe sona? Lutho neze!
Ukufa kwengane ngaphambi kwesikhathi kubangela usizi olukhulu nobuhlungu. Khona-ke, abazali abasosizini banaliphi ithemba? IBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu uyovusa izigidi ezingenakubalwa epharadesi khona lapha emhlabeni. Ake ucabange ngezingane—ezibuyiselwe imizimba eyimiqemane—zihlangana nabathandekayo bazo futhi. (Johane 5:28, 29) Kuyintando kaNkulunkulu ukuba izingane zikhule, zijabulele ukuphila futhi zifunde ngaye nenjongo yakhe ngomhlaba. Ngakho, izingane ezishonile azizona izingelosi ezulwini kodwa zilindele ukuvuselwa emhlabeni oyipharadesi. Ngaleso sikhathi, ngaphansi kokunakekela kothando koMdali wethu, abancane nabadala bayojabulela ukukhulekela uJehova uNkulunkulu phakade.