Ukubambisana Kuholela Entuthukweni Engokomoya
UKUBAMBISANA kubalulekile kulabo abafuna ukwakha umkhaya othuthukayo ngokomoya. Lapho uJehova edala umbhangqwana wokuqala, wabonisa ukuthi kwakunesidingo sokubambisana. U-Eva wadalelwa ukuba abe “umphelelisi” ka-Adamu. (Gen. 2:18) Umshado udinga ukubambisana, indoda nenkosikazi basekelane. (UmSh. 4:9-12) Ukufeza indima uJehova ayinika abazali nabantwana nakho kudinga ukuba kubanjiswane.
Ukukhulekela Komkhaya
UBarry noHeidi banabantwana abahlanu. Bathola ukuthi ukubambisana ukuze babe nesifundo seBhayibheli somkhaya kubasiza ukuba bathuthuke. UBarry uyachaza: “Njalo ngezikhathi ezithile ngiye nginike abantwana izabelo ezincane okumelwe bazilungiselelele isifundo somkhaya. Ngiye ngibacele ukuba balungiselele izimpendulo ezisekelwe ezihlokweni ze-Phaphama! Sibuye sibe nezikhathi zokuprakthiza izintshumayelo zenkonzo yasensimini ukuze umntwana ngamunye ayilungele.” UHeidi uyanezela: “Sonke sinohlu lwemigomo engokomoya esifuna ukuyifinyelela, futhi siyayibukeza ngezikhathi ezithile phakathi nesifundo somkhaya ukuze sibone intuthuko esiyenzayo.” Lo mbhangqwana uthola nokuthi ukuba nezinsuku lapho ithelevishini ingabukwa khona kusihlwa kunikeza wonke umkhaya ithuba lokufunda.
Imihlangano Yebandla
UMike noDenise bakhulisa abantwana abane. Ukubambisana kwawuzuzisa kanjani umkhaya wabo? UMike uthi: “Ngezinye izikhathi, ngisho nezinhlelo ezenziwe ngokucophelela zazibhuntsha, kodwa sathola ukuthi ukubambisana kusisiza ukuba sifike ngesikhathi emihlanganweni yebandla.” UDenise uyachaza: “Lapho abantwana besakhula, ngamunye wayenomsebenzi okwakufanele awenze. UKim, indodakazi yethu, yayisiza ekuphekeni nasekudekeni itafula.” Indodana yabo, uMichael, iyakhumbula: “NgoLwesibili kusihlwa kwakuqhutshelwa umhlangano webandla ekhaya. Ngakho sasihlanza ikamelo, sibeke nezihlalo.” UMatthew, ongomunye wamadodana, uyanezela: “Ubaba wayeqiniseka ukuthi usheshe abuye emsebenzini ngezinsuku zemihlangano ukuze asisize siyilungele.” Iye yaba yini imiphumela?
Kuwufanele Umzamo
UMike uyalandisa: “Mina noDenise saqala ukukhonza njengamaphayona ngo-1987. Ngaleso sikhathi, izingane zethu ezintathu zazisahlala nathi ekhaya. Ezimbili zazo zaba amaphayona, futhi ezinye ziye zasebenza lapho kwakhiwa eBethel. Injabulo eyengeziwe esiye sayithola ukuthi siye sakwazi ukusiza abantu abangu-40 ukuba bazinikezele futhi babhapathizwe. Siye saba nanelungelo lokusebenza njengomkhaya lapho kwakhiwa izakhiwo ezithile, ngisho nakwamanye amazwe.”
Ngempela, ukubambisana njengomkhaya kuwufanele umzamo. Zikhona yini ezinye izindlela eningabambisana ngazo emkhayeni wenu? Ningaqiniseka ngokuthi ukuba nomoya wokubambisana kuyosiza umkhaya wenu ukuba uthuthuke ngokwengeziwe ngokomoya.
[Isithombe ekhasini 28]
Izikhathi zokuprakthiza zenza umkhaya uthuthuke enkonzweni yasensimini