Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 8/1 k. 30
  • Kufanele Nginikele Ngamalini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Nginikele Ngamalini?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iminikelo Eyimfuneko Neyokuzithandela Ezikhathini Zasendulo
  • Ingabe AmaKristu Anqunyelwe Imali Okumelwe Ayinikele?
  • Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Usekelwa Kanjani Ngokwezimali?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Bonisa Ukubonga Ngokuphana KukaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • UJehova Uyabathanda Abantu Abapha Bethokoza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Yisiphi Isipho Esingasinika UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 8/1 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini

Kufanele Nginikele Ngamalini?

“UNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Izigidi zabantu kuwo wonke umhlaba ziyawazi la mazwi. Nokho, abanye abantu abasontayo bangase bazizwe bebophekile ukuba banikele okungaphezu kwamandla abo. Eqinisweni, ezinye izinkolo zinquma ukuthi yimalini okufanele inikelwe amalungu esonto. Lowo mkhuba ubizwa ngokuthi ukunikela ngokweshumi, okungukuthi ukunikela ngamaphesenti ayishumi omholo wakho.

Ingabe ngempela likhona inani lemali iBhayibheli elilibekayo okufanele silinikele? Noma, ingabe kufanele uzinqumele ukuthi yimalini okufanele unikele ngayo?

Iminikelo Eyimfuneko Neyokuzithandela Ezikhathini Zasendulo

IBhayibheli liqukethe iziyalezo ezicacile ezaziqondiswe esizweni sakwa-Israyeli ngokuphathelene nokuthi uNkulunkulu wayefuna kunikelwe ngento engakanani. (Levitikusi 27:30-32; Numeri 18:21, 24; Duteronomi 12:4-7, 11, 17, 18; 14:22-27) Lezi zimfuneko zazifinyeleleka. UJehova wayethembise lesi sizwe ukuthi uma silalela imithetho yakhe, wayeyosenza ‘sichume.’—Duteronomi 28:1, 2, 11, 12.

Kwezinye izimo, ama-Israyeli ayenganikela ngokuzithandela nganoma yini. Ngokwesibonelo, lapho iNkosi uDavide ihlela ukwakhela uJehova ithempeli, izikhonzi zayo zanikela “igolide elibiza amathalenta ayizinkulungwane ezinhlanu.”a (1 IziKronike 29:7) Qhathanisa lo mnikelo nalowo uJesu abona othile ewunikela ngesikhathi esemhlabeni. Wabona ‘umfelokazi othile oswele ephonsa izinhlamvu zemali ezimbili ezincane ezinenani elincane kakhulu’ emabhokisini omnikelo asethempelini. Wawungakanani umnikelo wakhe? Wawulingana namaphesenti angu-1,5 omholo wosuku. Yize kunjalo, uJesu wathi leyo madlana yayamukelekile.—Luka 21:1-4.

Ingabe AmaKristu Anqunyelwe Imali Okumelwe Ayinikele?

AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho wesivumelwano owawunikwe ama-Israyeli. Ngakho-ke, awabophekile ukuba anikele ngenani elinqunyiwe kuNkulunkulu. Nokho, ebandleni lamaKristu eqiniso ukupha kuletha injabulo enkulu. UJesu Kristu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

OFakazi BakaJehova basekela umsebenzi wabo wokushumayela emhlabeni wonke ngeminikelo yokuzithandela. Leyo minikelo isetshenziswa ekunyatheliseni izincwadi ezinjengalo magazini owufundayo, ekwakheni nasekunakekeleni izindawo zabo zokukhulekela ezibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso. Ayikho kuleyo minikelo esetshenziselwa ukukhokhela izisebenzi. Abanye abazinikele ukusebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokwenza abafundi bathola imadlana ukuze bakhokhele izindleko zohambo nezinye izindleko zomuntu siqu. Kodwa akekho olufuna ngenkani lolu sizo. Eqinisweni, oFakazi BakaJehova abaningi abatholi noluncí ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wokushumayela. Kunalokho, abaningi bayasebenza ukuze babe nemali yokuzisekela, njengoba nje kwenza uPawulu lapho ethunga amathende.—2 Korinte 11:9; 1 Thesalonika 2:9.

Uma umuntu efuna ukunikelela umsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova, kufanele anikele ngamalini? Umphostoli uPawulu wabhala: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Korinte 8:12; 9:7.

[Umbhalo waphansi]

a Ngo-2008, isilinganiso senani legolide sasingama-dollar angu-871 i-ounce, okusho ukuthi lo mnikelo wawucishe ube amarandi angu-50,106,234,750.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela