Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 3/1 k. 23
  • “Ubona Lokho Inhliziyo Eyikho”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ubona Lokho Inhliziyo Eyikho”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Ukhetha UDavide
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Wakhuthazela Naphezu Kwezimo Eziqeda Amandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • USamuweli Uthuthukisa Ukukhulekela Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 3/1 k. 23

Sondela KuNkulunkulu

“Ubona Lokho Inhliziyo Eyikho”

1 SAMUWELI 16:1-12

UKUBUKEKA kungase kukhohlise. Indlela umuntu abukeka ngayo ngaphandle ayikutsheli ngempela lokho ayikho ngaphakathi, ekujuleni kwenhliziyo yakhe. Abantu bathambekele ekwahluleleni umuntu ngendlela abukeka ngayo. Siyajabula ngokuthi uJehova uNkulunkulu ubuka ngalé kwalokho okubonakala emehlweni. Lokhu kucace kahle emazwini alotshwe kweyoku-1 Samuweli 16:1-12.

Kubone ngamehlo engqondo lokhu kulandisa. UJehova usezogcoba inkosi entsha ezobusa isizwe sakwa-Israyeli. Utshela umprofethi uSamuweli: “Ngizokuthuma kuJese waseBhetlehema, ngoba ngizilungiselele inkosi phakathi kwamadodana akhe.” (Ivesi 1) UJehova akayigaguli ngegama kodwa umane athi okhethiweyo ungomunye wamadodana kaJese. Njengoba uSamuweli eya eBhetlehema, kungenzeka ukuthi uyazibuza, ‘Ngizokwazi ngani ukuthi iyiphi indodana kaJese ekhethwe uJehova?’

Lapho efika eBhetlehema, uSamuweli uhlela ukuba uJese namadodana akhe baye naye emhlatshelweni. Kuqale kungene u-Eliyabe, indodana endala, futhi uSamuweli uthathwa ukubukeka kwakhe. Uma ebheka indlela abukeka ngayo, ubona efaneleka ukuba yinkosi, futhi ukhuluma yedwa: “Ngokuqinisekile ogcotshiweyo wakhe uphambi kukaJehova.”—Ivesi 6.

Nokho, uJehova akambheki kanjalo. Uthi kuSamuweli: “Musa ukubheka ukubonakala kwakhe nokuphakama kwesiqu sakhe, ngoba ngimalile.” (Ivesi 7) UJehova akanandaba nokuthi u-Eliyabe mude kangakanani nokuthi muhle kanjani. Ubheka ngalé kokubukeka kwangaphandle, lapho ubuhle bangempela butholakala khona.

UJehova uchazela uSamuweli: “Ngoba akuyona indlela umuntu abona ngayo, ngoba umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.” (Ivesi 7) Yebo, inhliziyo—umuntu wangaphakathi, umsuka wemicabango yomuntu, izimo zengqondo kanye nemizwa—iyona ebalulekile kuJehova. ‘Umhloli wezinhliziyo’ uyamenqaba u-Eliyabe—kuhlanganise namanye amadodana kaJese ayisithupha eza phambi kukaSamuweli.—IzAga 17:3.

UJese unenye indodana, uDavide, uthunjana, ‘oluse izimvu.’ (Ivesi 11) Ngakho, kuthunywa othile ukuba abize uDavide endle futhi ufika ame phambi kukaSamuweli. Khona-ke, uJehova utshela uSamuweli: “Sukuma, mgcobe, ngoba nguye lo!” (Ivesi 12) Yebo, uDavide ‘uyinsizwa enamehlo amahle futhi muhle.’ Kodwa yinhliziyo yakhe eyenza uNkulunkulu ambheke njengomuntu owamukelekayo emehlweni akhe.—1 Samuweli 13:14.

Kuleli zwe eligcizelela kakhulu ukubukeka kwangaphandle, singathola induduzo ngokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akaxhoshwa ukubukeka kwangaphandle. Akanandaba nokuthi umude kangakanani nokuthi abantu bakubona umuhle kanjani. Unendaba nalokho oyikho ngaphakathi, enhliziyweni yakho. Ingabe ukwazi lokhu akukushukumiseli ukuba ufune ukuhlakulela izimfanelo eziyokwenza ube muhle emehlweni akhe?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela