UJesu Wanikela Ngokuphila Kwakhe Ngenxa Yabaningi
UJesu Kristu watshela abalandeli bakhe ukuthi akezanga ‘ukuzokhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Wadela ukuphila kwakhe ngokuzithandela ukuze kuzuze abanye.
Ukufa kukaJesu kwaba kanjani yisihlengo? Kungani lokhu kwakudingeka? UJesu wafela bani? Kungase kusho ukuthini kuwe ukufa kwakhe?
OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uze emhlanganweni wabo lapho kuyophendulwa khona le mibuzo ngeBhayibheli. Kulo nyaka, usuku uJesu afa ngalo luzobe lungoLwesibili, ngoMarch 30, ngemva kokushona kwelanga. Kulowo mhlangano kuyosetshenziswa imiBhalo ukuze kuphendulwe le mibuzo engenhla.
Ukhululekile ukuya eHholo LoMbuso eliseduze nalapho uhlala khona. Sicela ubuze oFakazi BakaJehova bangakini ukuze uthole isikhathi esinembile kanye nendawo okuzohlanganyelwa kuyo.