Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 3/1 kk. 30-31
  • Umuntu Wadalwa UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umuntu Wadalwa UNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indoda Nowesifazane Bokuqala
  • Umuntu Wadalwa ‘Ngomfanekiso KaNkulunkulu’
  • Isidalwa Esinenkululeko Yokuzikhethela
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 3/1 kk. 30-31

Umuntu Wadalwa UNkulunkulu

UJEHOVA UNKULUNKULU wabumba umuntu ngothuli lomhlabathi, wafuthela emakhaleni akhe umoya wokuphila, “umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7; 1 Korinte 15:45) Ngemva kokuba uJehova edale u-Adamu, nangemva kokuba u-Adamu ethe izilwane amagama, uJehova wenza ukuba ehlelwe ubuthongo obukhulu; ngesikhathi esalele, wathatha olunye lwezimbambo zakhe wadala owesifazane. Lapho uNkulunkulu emnika owesifazane, u-Adamu wawasho kufanele la mazwi: “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” Wambiza ngokuthi yiNdodakazi, ‘ngoba wayethathwe endodeni.’ (Genesise 2:21-23) Kamuva, u-Adamu wamqamba igama elithi Eva (okusho ukuthi “Ophilayo”).—Genesise 3:20.

Efakazela ukuthi umuntu wadalwa uJehova uNkulunkulu, umphostoli uPawulu watshela abase-Athene: “Ngomuntu oyedwa wenza zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba.” (IzEnzo 17:26) Ngakho, zonke izizwe nezinhlanga zinemvelaphi eyodwa.

Indoda Nowesifazane Bokuqala

U-Adamu no-Eva badalwa ngasekupheleni ‘kosuku’ lwesithupha lokudala. (Genesise 1:24-31) Ayikho into ebhalwe phansi ekhuluma ngabantu basendulo, indlela yabo yokubhala, ukulima nezinye izinto ababezenza. Ukuphela kwemiBhalo esinayo eyangemva kuka-4026 B.C.E., unyaka u-Adamu adalwa ngawo. Njengoba imiBhalo ilandisa ngomlando womuntu kusukela ekudalweni kwendoda nowesifazane bokuqala ngqá, kusho ukuthi abekho abantu abake baphila ngaphambi kwalaba. Imibhalo ekhuluma ngezinto zakudala eziye zatholakala emhlabeni ayibubonisi nhlobo ubuhlobo phakathi kwabantu nezilwane. Akukho okubonisa ukuthi kwake kwaba nabantu ababefana nezimfene emandulo; akunazincwadi, akunamidwebo yasemigedeni noma izinto eziqoshiwe ezifakazela lokho.

ImiBhalo isitshela okuhlukile; ibonisa ngokucacile ukuthi umuntu wadalwa uNkulunkulu nokuthi akasukanga kwesinye isimo waya kwesinye. (UmShumayeli 7:20; 1 Johane 1:8-10) Isazi semivubukulo u-O. D. Miller sathi: “Ngakho-ke, inkolelo ye-golden age yayingeyona inganekwane. Inkolelo endala yokuthi uhlanga lwesintu luye lwawohloka futhi lwafadalala, kanti ekuqaleni lwalujabule, lumsulwa, akungabazeki ukuthi iyiqiniso elibuhlungu. Izinkolelo esinazo namuhla mayelana nezikhathi zasemandulo, eziqala ngenkolelo yokuthi umuntu wokuqala wayeyizimu, kusobala ukuthi isidinga ukulungiswa . . . Akulona iqiniso lelo; umuntu wamandulo wayengelona izimu.”—Har–Moad, 1892, ikhasi 417.

IBhayibheli lembula ukuthi ikhaya lokuqala lomuntu ‘laliyinsimu yase-Edene.’ (Genesise 2:8) Indawo le nsimu ekuyo kubonakala sengathi iseduze kwendawo abantu bokuqala bangemva kukaZamcolo ababehlala kuyo. UP. J. Wiseman usitshela umbono owamukelwa izazi eziningi. Uthi: “Bonke ubufakazi obuphathekayo esinabo, okungukuthi obukaGenesise, bemivubukulo nezindaba zangaleso sikhathi, bubonisa ukuthi ithafa laseMesophothamiya liyindawo endala kakhulu eyayihlala umuntu. Umlando waseMpumalanga Ekude, kungakhathaliseki ukuthi owaseChina noma owaseNdiya, awunabo ubufakazi obuqand’ ikhanda uma kuqhathaniswa nomlando wabantu bakule ndawo; banomlando omdala kakhulu, futhi kunobufakazi obuningi obufakazela ukuthi yile ndawo eyaba isiqalo sabo bonke abantu.”—New Discoveries in Babylonia About Genesis, 1949, ikhasi 28.

Umuntu Wadalwa ‘Ngomfanekiso KaNkulunkulu’

Lapho etshela ‘isisebenzi sakhe esiyingcweti’ injongo ephakeme yokudalwa kwabantu, uNkulunkulu wathi: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu, afane nathi.” (Genesise 1:26, 27; IzAga 8:30, 31; qhathanisa neyabaseKolose 1:15-17.) Phawula ukuthi imiBhalo ayisho ukuthi uNkulunkulu wadala umuntu ngomfanekiso wesilwane sasendle noma sasekhaya noma wenhlanzi. Umuntu wadalwa ‘ngomfanekiso kaNkulunkulu’; waba “indodana kaNkulunkulu.” (Luka 3:38) “Akekho umuntu owake wabona uNkulunkulu,” ngakho asinakuwazi umzimba wakhe. (1 Johane 4:12) Akekho emhlabeni umuntu owaziyo ukuthi unjani umzimba kaNkulunkulu owumoya futhi okhazimulayo, ngakho asinakufanisa umzimba womuntu nomzimba kaNkulunkulu. “UNkulunkulu unguMoya.”—Johane 4:24.

Noma kunjalo, kuthiwa umuntu ‘ungumfanekiso kaNkulunkulu’ ngomqondo wokuthi wadalwa waba nezimfanelo zobuntu ezifana nezikaNkulunkulu, okungukuthi, uthando nobulungisa. (Qhathanisa neyabaseKolose 3:10.) Ngaphezu kwalokho, umuntu unamandla nokuhlakanipha ngaphezu kwezilwane, ngakho angakwazi ukwazi izinto ezijatshulelwa uNkulunkulu nazazisayo, njengokwenza izinto ezinhle, ubuciko, ukukhuluma, ukucabanga nezinye izinto ezinjalo ezenziwa yingqondo nenhliziyo, ingqondo yezilwane engakwazi ukuzenza. Okubaluleke nangaphezulu ukuthi umuntu angakwazi ukwakha ubuhlobo noNkulunkulu, amazi futhi axhumane naye. (1 Korinte 2:11-16) Yilezi izizathu ezenza umuntu akufanelekele ukuba ummeleli kaNkulunkulu nokuba kubekwe ngaphansi kwakhe izilwane ezindiza emkhathini, ezihamba emhlabeni nezihlala olwandle.

Njengoba umuntu adalwa uNkulunkulu, wayephelele ekuqaleni. (Duteronomi 32:4) Ngakho, u-Adamu wayeyokwazi ukudlulisela ezizukulwaneni zakhe ukuphila okuphelele nethuba lokuphila phakade emhlabeni. (Isaya 45:18) Yena no-Eva banikwa lo myalo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe.” (Genesise 1:28) Njengoba umndeni wabo wawanda, babeyoqhubeka belima futhi benze umhlaba ube muhle ngendlela uMdali wabo ayefuna ngayo.

Isidalwa Esinenkululeko Yokuzikhethela

Njengoba umuntu adalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu wafana naYe, waba isidalwa esinenkululeko yokuzikhethela. Wayenenkululeko yokuzikhethela ukwenza okuhle noma okubi. Uma ezimisele ngoba ethanda uMdali, wayengakwazi kahle ukumdumisa nokumkhazimulisa ngezinga eliphakeme kakhulu kwelezilwane. Ngokuhlakanipha, wayengakwazi ukumdumisa ngezimfanelo zaKhe ezinhle futhi asekele ubukhosi bakhe.

Kodwa inkululeko ka-Adamu yayinemingcele. Wayengaqhubeka ephila ngokujabula kuphela uma ayehlonipha ubukhosi bukaJehova. Lokhu kulinganiselwa kwabonakala endabeni yomuthi wolwazi lokuhle nokubi ayenqatshelwe ukudla kuwo. Ukudla kuwo kwakuyoba isenzo sokungalaleli, sokuvukela ubukhosi bukaNkulunkulu.—Genesise 2:9, 16, 17.

Njengoba u-Adamu ‘ayeyiNdodana kaNkulunkulu’ ubuhlobo bakhe noNkulunkulu babufana nobendodana noyise. Indodana ilindeleke ukuba imhloniphe uyise. (Luka 3:38) Ngaphezu kwalokho, lapho uNkulunkulu edala umuntu, wafaka kuye isifiso sokukhulekela. Uma lesi sifiso sisetshenziswa ngendlela engafanele, singamphambukisa umuntu, siphazamise inkululeko yakhe, azithole esekhulekela into ethile nayo eyadalwa kunokuba akhulekele uMdali. Isiphetho salowo muntu siba buhlungu kakhulu.

Indodana kaNkulunkulu ewumoya yavukela uNkulunkulu yenza ukuba umka-Adamu, u-Eva, one. U-Eva wafaka u-Adamu esilingweni, futhi naye wakuvumela ngamabomu ukuhlubuka kuJehova. (Genesise 3:1-6) Ukona kuka-Adamu kwamlahlekisela ubuhlobo noyise kanye nokuphelela. Wabangela inzalo yakhe—bonke abantu emhlabeni—ukuba ibe nesono esibangela ukungapheleli nokufa. Lapho abantu bezalwa, bazalwa befana noyise ongaphelele, u-Adamu, futhi ekugcineni bayafa.—Genesise 3:17-19; Roma 5:12.

UJehova wenza ilungiselelo lothando lokukhulula abantu ekugqilazweni isono nokufa. Ukuze kufezeke umthetho kaNkulunkulu ophelele, kwadingeka ukuba umuntu ophelele afe ukuze kubuyiselwe lokho u-Adamu, umuntu ophelele, ayekulahlile ngenxa yokungalaleli. (1 Korinte 15:22) UNkulunkulu wathumela uJesu Kristu, indodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba ize emhlabeni, izalwe njengomuntu ophelele. Yasamukela ngokuthobeka lesi sabelo, futhi ngokufa kwayo okubuhlungu esigxotsheni sokuhlushwa, yakhulula abantu abangaphelele. Yabavulela ithuba lokuphila okujabulisayo njengabantwana bakaNkulunkulu abaphelele.—Roma 8:20, 21.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela