IHarana—Isikhungo Sasendulo Esiphithizelayo
KULABO abajwayelene nemiBhalo, igama elithi Harana livele libakhumbuze inzalamizi ethembekile, u-Abrahama. Lapho besuka e-Uri beya ezweni laseKhanani, yena nomkakhe uSara, noyise uThera, nomshana wakhe uLoti bahlala isikhashana eHarana. Ngenkathi belapho, u-Abrahama waqongelela ingcebo eningi. Ngemva kokufa kukayise, u-Abrahama waqhubeka nohambo lwakhe lokuya ezweni ayelithenjiswe uNkulunkulu weqiniso. (Gen. 11:31, 32; 12:4, 5; IzE. 7:2-4) Kamuva, u-Abrahama wathuma inceku yakhe endala kunazo zonke eHarana noma eduze kwakhona ukuba iyofunela u-Isaka umfazi. Umzukulu ka-Abrahama uJakobe naye wake wahlala lapho iminyaka eminingi.—Gen. 24:1-4, 10; 27:42-45; 28:1, 2, 10.
Lapho inkosi yase-Asiriya uSaneheribi inqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda ugwayi katiki, yabala neHarana phakathi ‘kwezizwe’ ezanqotshwa amakhosi ase-Asiriya. Igama elithi “Harana” lapha alibhekisele emzini kuphela kodwa nakuso sonke isifunda esiwuzungezile. (2 AmaKh. 19:11, 12) Isiprofetho sikaHezekeli sikhuluma ngeHarana njengomngane omkhulu weThire kwezohwebo, okuqinisekisa ukuthi iHarana yayiyisikhungo esibalulekile kwezohwebo.—Hez. 27:1, 2, 23.
Namuhla iHarana iyidolobha elincane eliseduze neŞanlıurfa, empumalanga yeTurkey. Kodwa endulo yayike yaba isikhungo esiphithizela ngempela. IHarana ingomunye wemizi yasendulo embalwa kakhulu esaziwa ngamagama ayo aseBhayibhelini. Igama layo lesi-Asiriya elithi Harranu lingasho “Umgwaqo” noma “Umgwaqo Wabathengisi Abahamba Bewudwendwe,” lokho okubonisa ukuthi iHarana yayisemzileni omkhulu kwezohwebo ophakathi kwamadolobha amakhulu. Ngokwemibhalo eqoshiwe eyavubukulwa eHarana, unina wenkosi yaseBhabhiloni uNabonidasi, wayengumpristikazi ophakeme ethempelini likaSin, unkulunkulu wenyanga waseHarana. Kuthiwa leli thempeli lalakhiwe kabusha uNabonidasi. Ngemva kwalokho, iHarana yaqhubeka imile lapho imibuso emikhulu eminingana idlondlobala futhi iwa.
Namuhla, iHarana ihluke kakhulu kulokho eyayiyikho esikhathini esidlule. IHarana yasendulo yayiwumuzi othuthuke nobaluleke kakhulu ngezikhathi ezithile. Kodwa iHarana yanamuhla iyisixhobo nje semizi enophahla oluyingungu. Izungezwe amanxiwa abonisa impucuko yasendulo. Ezweni elisha likaNkulunkulu, iningi labantu abake bahlala eHarana—abahlanganisa u-Abrahama, uSara noLoti—liyovuswa. Cishe liyositshela okwengeziwe ngeHarana, isikhungo sasendulo esiphithizelayo.
[Isithombe ekhasini 20]
Amanxiwa aseHarana
[Isithombe ekhasini 20]
Imizi enophahla oluyingungu
[Isithombe ekhasini 20]
IHarana yanamuhla uyibuka uphezulu