Imibuzo Evela Kubafundi
Njengoba uJehova ekwenqabela ukukhonza izithombe, kungani engamjezisanga u-Aroni ngokwenza ithole legolide?
Lapho u-Aroni enza ithole legolide, njengoba kulotshwe ku-Eksodusi isahluko 32, wephula umthetho kaNkulunkulu ophathelene nokukhonza izithombe. (Eks. 20:3-5) Ngenxa yalokho, ‘uJehova wamvuthela ngolaka u-Aroni futhi, kwaze kwaba seqophelweni lokufuna ukumbhuqa; kodwa uMose wamnxusela no-Aroni ngaleso sikhathi.’ (Dut. 9:19, 20) Ingabe ukunxusa komuntu olungile uMose kwaba “namandla amakhulu” endabeni ka-Aroni? (Jak. 5:16) Yebo. Ngenxa yalokho kunxusa nangenxa yezinye izizathu ezimbili, kubonakala sengathi uJehova wawuphendula umthandazo kaMose futhi akazange amjezise u-Aroni.
Esokuqala kungenzeka ukuthi sasihlobene nomlando ka-Aroni wokwethembeka. Lapho uMose ethunywa ukuba aye kuFaro ayokhipha ama-Israyeli eGibhithe, uJehova wakhetha u-Aroni ukuba ahambe noMose futhi abe ummeleli wakhe. (Eks. 4:10-16) La madoda amabili alalela futhi aya enkosini yaseGibhithe izikhathi eziningi kungelula ngoba uFaro wayenenhliziyo elukhuni. Ngakho-ke, ngesikhathi beseseGibhithe, u-Aroni wazakhela umlando wokwethembeka nowokuba ogxilile enkonzweni kaJehova.—Eks. 4:21.
Cabanga nangalokho okwaholela ekubeni u-Aroni enze ithole legolide. Kwase kuphele izinsuku ezingu-40 uMose eseNtabeni iSinayi. Lapho ‘abantu bebona ukuthi uMose wayethatha isikhathi eside ukwehla entabeni,’ bagqugquzela u-Aroni ukuba abenzele isithombe. U-Aroni wavuma futhi wenza isithombe sethole legolide. (Eks. 32:1-6) Nokho, akwenza ngemva kwalokho kubonisa ukuthi inhliziyo yakhe yayingahambisani nalokhu kukhulekela isithombe. Kubonakala sengathi wahluleka ukumelana nokucindezelwa. Ngokwesibonelo, lapho uMose ebonisa ukuthi ufuna ukukuqeda nya ukukhulekelwa kwaleso sithombe, wonke amadodana kaLevi—kuhlanganise no-Aroni—aba ngasohlangothini lukaJehova. Kwabulawa abantu abangu-3 000 ababengobhongoza kulokho kukhulekela isithombe.—Eks. 32:25-29.
Ngemva kwalokho, uMose wathi kubantu: “Noné ngesono esikhulu.” (Eks. 32:30) Ngakho, akuyena yedwa u-Aroni owayenecala elikhulu ngalobo bubi. Bonke bazuza esiheni esikhulu sikaJehova.
Ngemva kwaleso senzakalo sethole legolide, uJehova wayala ukuba u-Aroni amiswe njengompristi ophakeme. UNkulunkulu wathi kuMose: “Kumelwe ugqokise u-Aroni izingubo ezingcwele umgcobe umngcwelise, kanjalo abe umpristi kimi.” (Eks. 40:12, 13) Kusobala ukuthi uJehova wamthethelela u-Aroni ngobuthakathaka bakhe. Enhliziyweni yakhe, u-Aroni wayewumsekeli oqotho wokukhulekela kweqiniso, engesona isihlubuki esikhonza izithombe.