Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 8/1 kk. 28-31
  • Izithunywa Zevangeli Zathunywa Ukuba ‘Ziyokwenza Abafundi’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izithunywa Zevangeli Zathunywa Ukuba ‘Ziyokwenza Abafundi’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Abafundi Abakwazanga Ukuvele Bahlale Emakhaya”
  • “Hambani Niziqhayise NgoJehova”
  • “Ingabe Nizokufeza Ukuthunywa Kwenu?”
  • Amanye Amazwibela Esimiso
  • Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo
  • Usuku Lwenjabulo Nesasasa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Umoya Wokuzithandela Uletha Abantu EGileyadi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Bashukunyiselwa Ukukhonza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Izithunywa Zevangeli Zithunyelwa “Nasezingxenyeni Ezikude Kakhulu Zomhlaba”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 8/1 kk. 28-31

Ikilasi Le-128 Lithweswa Iziqu ZaseGileyadi

Izithunywa Zevangeli Zathunywa Ukuba ‘Ziyokwenza Abafundi’

“UKUZE zonke izizwe zizwe izindaba ezinhle, amaKristu athile kumelwe azimisele ukushiya imindeni nemizi yawo ukuze ayoshumayela izindaba ezinhle kwamanye amazwe.” UDavid Splane weNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova wavula isenzakalo esingokomoya esijabulisayo ngalawo mazwi.

Ngo-March 13, 2010, abantu abangaba ngu-8 000 bahlangana ukuze babungaze ikilasi le-128 le-Watchtower Bible School of Gilead elalithweswa iziqu. Abangane nemindeni yalabo ababethweswa iziqu kanye nezimenywa ezivela emazweni angu-27 bathamela lesi simiso.

“Abafundi Abakwazanga Ukuvele Bahlale Emakhaya”

Njengosihlalo, uMfoweth’ uSplane wavula isimiso ngokuxoxa ngomyalo kaJesu othi: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 28:19, 20) Wagcizelela ukuthi uJesu wathuma abafundi bakhe ukuba kube yibona abayoshumayeza abantu. Yiqiniso, ngePhentekoste lika-33 C.E., abantu abavela eMesophothamiya, eNyakatho Afrika nasezindaweni eziningi zaseMbusweni WaseRoma beza eJerusalema futhi bezwa izindaba ezinhle. Isikhulumi sathi noma kunjalo, “abafundi abakwazanga ukuvele bahlale emakhaya balinde abantu abavela kuzo zonke izizwe ukuba beze kubo. Kwadingeka baye ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba ukuze bathole abantu.”—IzEnzo 1:8.

UMfoweth’ uSplane wathi: “UJesu akagcinanga nje ngokutshela abafundi bakhe lokho okufanele bakwenze; wabafundisa nokuthi kufanele bakwenze kanjani. Akagcinanga nje ngokubatshela ukuthi bathandaze; wabafundisa nendlela yokuthandaza. Akagcinanga nje ngokubatshela ukuthi bashumayele; wababonisa nendlela yokushumayela. Akagcinanga nje ngokubatshela ukuba babe abafundisi abahle; wababonisa nezindlela zokufundisa kahle nangokuphumelelayo.”

Ekhuluma nabazali babafundi, usihlalo wacaphuna isiqinisekiso uJesu asinikeza abafundi bakhe: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:20) UMfoweth’ uSplane waqinisekisa izilaleli ukuthi uJesu uzoqhubeka enakekela abafundi ezabelweni zabo zakwamanye amazwe.

“Hambani Niziqhayise NgoJehova”

U-Anthony Morris oyilungu leNdikimba Ebusayo wakhuthaza ikilasi ukuba ‘lihambe liziqhayise ngoJehova.’ Wathi kukhona ukuziqhayisa okuhle nokuziqhayisa okubi. Ukuziqhayisa okubi kusho ukuzidumisa wena. Ukuziqhayisa okuhle kuchazwe kweyoku-1 Korinte 1:31: “Oziqhayisayo, makaziqhayise ngoJehova.” Umfoweth’ uMorris wathi: “Singaziqhenya ngempela ngokuba nokuqonda nolwazi oluvela kuJehova uNkulunkulu. Eqinisweni, mina nani sinelungelo elikhulu kunawo wonke lokubizwa ngalelo gama elingcwele—oFakazi BakaJehova.”—Jeremiya 9:24.

Ngokuxoxa okuhlangenwe nakho kwesithunywa sevangeli esithile esikhonza e-Afrika, isikhulumi sagcizelela ukubaluleka kokwenza igama likaJehova laziwe. Leso sithunywa sevangeli kanye nomkaso babeyoqhuba isifundo seBhayibheli. Lapho befika endaweni eqashwe amasosha, isosha elithile eliselisha lakhomba umzalwane ngesibhamu lambuza ukuthi ungubani. Umkakhe, owakhumbula okwafundiswa esikolweni saseGileyadi, wahlebela umyeni wakhe: “Mtshele ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova nokuthi kunothile oyomqhubela isifundo seBhayibheli.” Wenza kanjalo futhi bavunyelwa ukuba badlule. Ngosuku olulandelayo, lowo mbhangqwana wezwa emsakazweni umongameli wezwe etshela amasosha ukuba aqaphe ababulali abazibiza ngokuthi bayizithunywa zevangeli! Ngokuzibiza ngokuthi bangoFakazi BakaJehova kunokuthi bayizithunywa zevangeli, laba ababili bazivikela ezinkingeni eziningi. UMfoweth’ uMorris waphetha inkulumo yakhe ngokuthi: “Lapho nifika emazweni enabelwe kuwo, ziqhayiseni ngoJehova. Ziqhayiseni ngakho konke okuzofezwa uJehova njengoba enisebenzisa kube udumo kuye phakade.”

“Ingabe Nizokufeza Ukuthunywa Kwenu?”

UGeoffrey Jackson, oyilungu leNdikimba Ebusayo nowake waba isithunywa sevangeli, wasiza laba bafundi ukuba bacabangele umbuzo ongenhla. Wabuza, “Sisho ukuthini uma sithi umuntu uyisithunywa sevangeli?” Wachaza ukuthi igama elithi “isithunywa sevangeli” lisuka enkulumweni yesiLatini esho umuntu noma abantu abanikezwe umsebenzi okhethekile. NjengoFakazi BakaJehova, sithunywe ukuba sishumayele izindaba ezinhle nokuba sisize abantu bazi ngoNkulunkulu. Ngokwenza lo msebenzi silingisa uJesu Kristu ongazange alibale ukuthi wawuyini umsebenzi wakhe ngesikhathi elapha emhlabeni. Watshela uMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu: “Ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.”—Johane 18:37.

Isikhulumi sathi ikilasi kufanele likhumbule impi yaseJeriko elandiswa iBhayibheli. Izinsuku eziyisithupha, ibutho lama-Israyeli lalivuka kusempondozankomo, lihlome bese lizungeza iJeriko, kamuva libuyele emuva. Isikhulumi sathi: “Ngombono womuntu, lokhu kwakungenangqondo futhi kuxaka.” Sathi kungenzeka ukuthi amasosha athile ayethi, ‘Saze sadlala ngesikhathi.’ Kodwa ngosuku lwesikhombisa, ama-Israyeli ayalwa ukuba azungeze umuzi izikhathi eziyisikhombisa bese ememeza kakhulu. Kwenzekani? Izindonga zaseJerusalema zawa bhú phansi!—Joshuwa 6:13-15, 20.

Umfoweth’ uJackson wakhuluma ngezifundo ezine ezitholakala kule ndaba yaseJeriko. (1) Ukulalela kubalulekile. Kufanele senze izinto ngendlela kaJehova, singacabangi ukuthi eyethu ingcono. (2) Kusemqoka ukuba nokholo kuJehova nokuthembela kuye. “Ngokholo izindonga zaseJeriko zawela phansi”; akusetshenziswanga izinqama zokubhodloza, noma izingodo, ukuze kubhodlozwe izindonga. (Hebheru 11:30) (3) Kumelwe sibekezele. Ngesikhathi esifanele, isibusiso sikaJehova ‘siyokufica.’ (Duteronomi 28:2) (4) Ungalilahli ithemba. Ungawukhohlwa umsebenzi wakho. UMfoweth’ uJackson wagoqa inkulumo yakhe ngokuthi, “Uma nihlale niwakhumbula la maphuzu, nizokufeza ukuthunywa kwenu, kube udumo nenkazimulo kuJehova.”

Amanye Amazwibela Esimiso

“Thandani IBhayibheli NoMlobi Walo.” Le nkulumo yabekwa uMaxwell Lloyd, oyilungu leKomiti Yegatsha Lase-United States. Watshela ikilasi, “IBhayibheli kumelwe libe yincwadi ephilayo kini.” Wabe eselinikeza lesi sikhuthazo: Ningavumi ukuba uthando lwenu ngoJehova uNkulunkulu luphole. Ningacabangi ukuthi bonke abantu bayokuqonda enikufundisayo. Fundani ukwenza amaqiniso eBhayibheli abe lula ukuze aqondakale. Thobekani. Ninganikezi abantu umuzwa wokuthi nina nazi kakhulu. Fundisani ngesibonelo. Enibafundisayo mababone ukuthi nilithanda kakhulu iBhayibheli.

“Qaphelisisani Amagwababa.” UMichael Burnett, umfundisi wekilasi nowayeyisithunywa sevangeli, wanikeza inkulumo enalesi sihloko. Watshela abafundi ukuthi ngezinye izikhathi bazokhathazeka. Kodwa wathi kumelwe bakhumbule iseluleko sikaJesu: “Qaphelisisani ukuthi amagwababa awahlwanyeli mbewu futhi awavuni, . . . kodwa nokho uNkulunkulu uyawondla.” (Luka 12:24) NgokoMthetho wesivumelwano, amagwababa ayebhekwa njengangcolile, engadliwa neze. Ayebhekwa njengezinyoni ezinyanyekayo. (Levitikusi 11:13, 15) Naphezu kwendlela ayebhekwa ngayo ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayewondla. UMfoweth’ uBurnett wathi: “Uma esikhathini esizayo nibhekana nezinkathazo ezinkulu, cabangani ngegwababa. Uma uNkulunkulu ayeyinakekela leyo nyoni eyayibhekwa njengengcolile, nina uyoninakekela kakhulu kangakanani-ke njengoba nihlanzekile emehlweni akhe.”

‘Anginonanga Ngalutho.’ UMark Noumair, omunye ongumfundisi waseGileyadi, wasiza bonke ababekhona ukuba bahlolisise umfanekiso kaJesu okhuluma ngezisebenzi zasesivinini. Ezinye zasebenza usuku lonke. Ezinye zasebenza ihora elilodwa. Nokho, zonke zathola inkokhelo efanayo! Labo ababesebenze amahora amade baqala ukukhononda. Umnini-sivini wabatshela: ‘Anginonanga ngalutho. Sivumelene ngodenariyu, akunjalo? Thathani okungokwenu nihambe.’ (Mathewu 20:13, 14) Siyini isifundo lapha? Ningaziqhathanisi nabanye. UMfoweth’ uNoumair wathi: “Ukuziqhathanisa nabanye bese uzwa ubuhlungu kuzokuphuca injabulo. Okubi nakakhulu ukuthi lokho kungakwenza ushiye isabelo sakho, udele ilungelo lenkonzo eliyigugu.” Lesi sikhulumi sakhumbuza ikilasi ukuthi uJesu uqondisa ukuvuna okungokomoya osukwini lwethu futhi angenza noma yini ayifunayo ngabalandeli bakhe. Uma uJehova noJesu benquma ukwenzela abanye okuthé xaxa, abakoni ngalutho. Wena gxila kokwakho, futhi ungalokothi uvumele “inkokhelo” yabanye ukuba ikuthikameze emsebenzini uJehova akunikeze ukuba uwenze.

Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo

Uma abafundi baseGileyadi bengekho ekilasini noma bengenzi umsebenzi wesikole, bahlanganyela namabandla oFakazi BakaJehova endawo emsebenzini wokushumayela. USam Roberson, naye ongumfundisi waseGileyadi, waxoxa nabaningana ngokuhlangenwe nakho kwabo. Ngokwesibonelo, uDade Alessandra Kirchler, wahlangana nowesifazane owayekhathazeke kakhulu ngokubhema kwendodana yakhe. U-Alessandra wabuyela kuye esephethe i-Phaphama! ekhuluma ngokubhema. Akatholanga muntu ekhaya, kodwa wawushiya lo magazini. Lapho ephinda ebuyela wamthola lona wesifazane ekhaya futhi wamngenisa endlini. Lona wesifazane wasithanda kakhulu isihloko futhi wathi, “Bengilokhu ngizibuza ukuthi yini uNkulunkulu azama ukungifundisa yona ngezilingo angilinga ngazo.” U-Alessandra wambonisa ivesi elibonisa ukuthi uNkulunkulu akasibangeli izinto ezimbi. (Jakobe 1:13) Manje lona wesifazane nendodana yakhe bafundelwa iBhayibheli.

UMelvin Jones osebenza eMnyangweni Wenkonzo waxoxa nezithunywa zevangeli ezintathu ezathola iziqu zaseGileyadi: UJon Sommerud, okhonza e-Albania; uMark Anderson, okhonza eKenya; noJames Hinderer, okhonza eMnyangweni Wezikole Ezingokwasezulwini. Bobathathu bavuma ukuthi iGileyadi ayigcini nje ngokufundisa abafundi amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo, kodwa ifundisa nendlela yokusebenzisa lawo maqiniso kungakhathaliseki ukuthi bangobani nokuthi bakhonza kuphi.

Omunye kubafundi wabe esefunda incwadi yokubonga ababeyibhalile ethinta inhliziyo. UJohn Barr, oneminyaka engu-96, ilungu leNdikimba Ebusayo elidala kunawo wonke, waphetha isimiso ngomthandazo, wacela uJehova ukuba abusise umsebenzi wekilasi le-128 elalithweswa iziqu eGilayadi.

[Ishadi/Ibalazwe ekhasini 31]

IMINININGWANE YEKILASI

8 amazwe amelelwe

54 abafundi

27 imibhangqwana eshadile

35,2 isilinganiso seminyaka

19,1 isilinganiso seminyaka babhapathizwa

13,8 isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele

[Ibalazwe]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ikilasi labelwa emazweni angu-25 aboniswe ngezansi:

AMAZWE IZITHUNYWA ZEVANGELI EZABELWA KUWO

HONDURAS

GUATEMALA

NICARAGUA

DOMINICAN REPUBLIC

ARUBA

GUYANA

ECUADOR

BOLIVIA

PARAGUAY

LATVIA

ROMANIA

KOSOVO

SERBIA

ALBANIA

GUINEA

LIBERIA

CÔTE D’IVOIRE

GHANA

NAMIBIA

RWANDA

MADAGASCAR

MONGOLIA

TAIWAN

CAMBODIA

INDONESIA

(LESI SABELO SILAWULWA IGATSHA LASE-AUSTRALIA)

[Isithombe ekhasini 30]

Abafundi baseGileyadi balingisa ngokoqobo okuhlangenwe nakho abakuthola lapho beshumayela

[Isithombe ekhasini 31]

Ikilasi Le-128 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Keller E.; Ostopowich, I.; Jacobsen, S.; Arias, M.; Dieckmann, Y.; Tanaka, J.; Harada, K.

(2) Camacho, L.; Kirchler, A.; Rodríguez, S.; Ward, B.; Trenalone, K.; Victoria, V.; Oxley, F.; Nguyen, K.

(3) Oxley, O.; De Dios, A.; Lindström, C.; Allen, J.; Meads, T.; Waddington, J.; Victoria, E.

(4) Harada, H.; Lindström, A.; Orsini, E.; Logue, D.; Missud, T.; Bergeron, S.; Camacho, G.; Ward, T.

(5) Kirchler, W.; Nguyen, H.; Kremer, E.; Burgaud, C.; Titmas, N.; De Dios, C.; Rodríguez, A.; Waddington, M.

(6) Dieckmann, J.; Allen, C.; Titmas, R.; Arias, J.; Bergeron, E.; Keller, J.; Ostopowich, F.; Burgaud, F.

(7) Tanaka, K.; Kremer, J.; Jacobsen, R.; Trenalone, J.; Logue, J.; Meads, D.; Missud, D.; Orsini, A.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela