Ukuzigcina Ngimatasa Enhlanganweni KaJehova
Njengoba ilandiswa uVernon Zubko
NGAKHULELA epulazini eliseduze kwaseStenen, idolobhana elisesifundazweni saseSaskatchewan, eCanada. Abazali bami, uFred no-Adella, babesebenza kanzima ukuze basinakekele mina nodadewethu omdala u-Aurellia nezingane ezingelamayo u-Alvin, u-Allegra, noDaryl ngokwenyama nangokomoya. Kuze kube yilolu suku, asive sibabonga abazali bethu ngokusifundisa iqiniso.
Ubaba, umKristu ogcotshiwe, wayengumshumayeli onesibindi. Wayesebenza kanzima ukuze siphile, kodwa futhi eqikelela ukuthi wonke umuntu uyazi ukuthi unguFakazi. Wayehlale ekhuluma ngeqiniso. Ngiyoyikhumbula njalo intshiseko yakhe nesibindi. Wayevame ukuthi kimi, “Zigcine umatasa enhlanganweni kaJehova, ngokwenzenjalo uyogwema izinkinga eziningi.”
Sasivame ukufakaza emigwaqweni yaseStenen nasemiphakathini engomakhelwane. Kwakungelula njalo kimi ukwenza lokhu. Idolobha ngalinye lalinezixhwanguxhwangu zalo ezaziza kithi zingane zihlekise ngathi. Ngesinye isikhathi ngineminyaka engu-8, ngangizimele ekhoneni ngiphethe INqabayokulinda ne-Phaphama! lapho ngingungwa iqembu lentsha. Lahlwitha isigqoko sami esisha engangisithwele lasichoma esigxotsheni esasiseceleni kwami. Ngenhlanhla, umzalwane osemdala owayengiqaphile wakubona okwakwenzeka. Weza kimi wabe esebuza, “Vern, ingabe kunenkinga?” Labo bafana baphela masinyane endaweni. Yize lesi sigameko sasicasula, kodwa sangifundisa ukuthi lapho ngifakaza emgwaqweni, ngingami ndawonye njengesigxobo. Ukuqeqeshwa okunjalo phakathi neminyaka yokukhula kwami, kwanginikeza nesibindi esidingekayo sokushumayela endlini ngendlu.
Mina no-Alvin sabhapathizwa ngo-May 1951. Ngangineminyaka engu-13. Ngisayikhumbula indlela uMfoweth’ uJack Nathan owanikeza inkulumo yobhapathizo, asikhuthaza ngayo ukuba singavumeli nanini ukuba inyanga iphele singazange sikhulume ngoJehova.a Ekhaya, inkonzo yokuphayona yayibhekwa njengomsebenzi ongcono kunawo wonke ongawenza. Ngakho ngo-1958, ngemva kokuphothula esikoleni, ngahamba ngayophayona eWinnipeg, eManitoba. Nakuba ubaba ayekujabulela ukusebenza nami ebhizinisini lasekhaya lokukhuhla amapulangwe, yena nomama babeyikhuthaza kakhulu inkonzo yesikhathi esigcwele futhi basisekela isinyathelo sami.
Ikhaya Elisha Nomngane Omusha
Ngo-1959, ihhovisi legatsha lamema noma ubani owayengakwazi ukuba athuthele eQuebec lapho kwakunendingeko enkulu khona yabamemezeli. Ngaya eMontreal ngayophayona khona. Yeka ushintsho! Kwakuyinto ehluke ngokuphelele ekuphileni kwami njengoba ngangifunda ukukhuluma isiFulentshi futhi ngizama ukuzijwayeza indlela ehlukile yokuphila. Umbonisi wethu wesifunda wangiyala, “Ungalokothi uthi, ‘Ekhaya senza kanje.’” Leso kwaba iseluleko esihle.—1 Kor. 9:22, 23.
Ngenkathi ngithuthela eQuebec ngangingenaye umuntu engizophayona naye. Nokho, udade osemusha ogama lakhe nguShirley Turcotte, engangihlangane naye eWinnipeg ngaphambidlana, waba umngane engase ngizophayona naye phakade lapho sishada ngo-February 1961. Naye wayevela emkhayeni omthandayo uJehova. Nakuba ngaleso sikhathi ngangingakuqondi ngokugcwele, waba umthombo oyigugu wamandla nesikhuthazo kimi phakathi nayo yonke le minyaka sindawonye.
Ukuhambela IGaspé
Ngemva kweminyaka emibili sishadile, samiswa njengamaphayona akhethekile eRimouski, eQuebec. Ngentwasahlobo elandelayo, ihhovisi legatsha lasicela ukuba sithathe uhambo lokushumayela kuyo yonke iNhlonhlo YaseGaspé, egudla ugu olusempumalanga yeCanada. Isabelo sethu sasiwukuba sitshale imbewu yeqiniso eningi ngangokunokwenzeka. (UmSh. 11:6) Sagcwalisa imoto yethu ngomagazini abangaphezu kuka-1 000 nezincwadi ezingaba ngu-400, kanye nokudla nezingubo, sabe sesiqala uhambo lwenyanga yonke lokuyoshumayela. Sawasebenza ngobunono bekati wonke amadolobhana aseGaspé. Isiteshi somsakazo sendawo sakhipha isixwayiso ngokuza koFakazi sase sitshela abantu ukuba bangazamukeli izincwadi zethu. Noma kunjalo, iningi lezakhamuzi alisizwanga kahle isimemezelo futhi lalicabanga ukuthi lesi siteshi sasizikhangisa, ngakho lazamukela izincwadi zethu.
Ngaleyo minyaka, inkululeko yokushumayela yayiyinto eqabukwayo ezingxenyeni ezithile zeQuebec, futhi kwakuyinto ejwayelekile ukumiswa amaphoyisa. Lokhu kwenzeka kwelinye idolobha lapho sahambisa khona izincwadi cishe kuyo yonke imizi. Iphoyisa lasicela ukuba siye nalo esiteshini samaphoyisa futhi saya. Ngathola ukuthi ummeli wedolobha wayekhiphe umyalo wokuba siyekiswe ukushumayela. Ngenxa yokuthi umphathi wamaphoyisa wayengekho ngalelo langa, nganikeza lo mmeli incwadi enobufakazi obugcwele evela ehhovisi legatsha eToronto eyayichaza ngelungelo lethu lokushumayela. Ngemva kokufunda le ncwadi, ngokushesha wathi: “Bheka la, angifune zinkinga. Umfundisi wakule ndawo ongitshele ukuba nginiyekise ukushumayela.” Ngenxa yokuthi sasifuna abantu bakuleyo ndawo bazi ukuthi umsebenzi wethu wawungokomthetho, sabuyela ngokushesha kuyo futhi saqala inkonzo yethu.
Ngakusasa, lapho siphindela ukuyobona umphathi wamaphoyisa, wacasuka lapho ezwa ukuthi bebesiyekise ukushumayela. Wawungabona indlela akhuluma ngayo nommeli ocingweni! Umphathi wamaphoyisa wasitshela ukuthi uma siba nenye inkinga, kufanele sithinte yena mathupha futhi uzoyilungisa. Nakuba sasiyizihambi futhi singasazi kahle isiFulentshi, abantu babenomusa futhi besamukela. Kodwa sasizibuza ukuthi, ‘Kazi babeyolamukela yini iqiniso?’ Impendulo sayithola ngemva kweminyaka ethile lapho sibuyela khona ukuyokwakha amaHholo OMbuso kulo lonke elaseGaspé. Sathola ukuthi iningi lalabo esasifakaze kubo, manje lase lingabafowethu. Ngempela, uJehova okhulisayo.—1 Kor. 3:6, 7.
Sithola Ifa
Ngo-1970, kwazalwa indodakazi yethu uLisa. Leli fa elivela kuJehova lanezela injabulo enkulu ekuphileni kwethu. UShirley noLisa basebenza kanye nami emisebenzini eminingi yokwakha amaHholo OMbuso. Kwathi lapho uLisa eseqede isikole, wathi: “Baba nawe mama, ngenxa yokuthi yimi enganikhipha okwesikhashana enkonzweni yesikhathi esigcwele, ngizozama ukuvala leso sikhala ngokuthi ngibe iphayona.” Sekudlule iminyaka engaphezu kwengu-20 uLisa ekhonza njengephayona, kodwa manje usekhonza kanye nomyeni wakhe uSylvain. Sebeke baba nelungelo lokusebenza ndawonye ezakhiweni eziningana kwamanye amazwe. Umgomo wethu njengomkhaya uwukuba sigcine ukuphila kwethu kulula futhi sihlale sikulungele ukusetshenziswa uJehova enkonzweni yakhe. Angikaze ngiwakhohlwe amazwi kaLisa lapho eqala ukuphayona. Eqinisweni, wangikhuthaza ukuba ngibuyele enkonzweni yesikhathi esigcwele ngo-2001, futhi bengilokhu ngiphayona kusukela ngaleso sikhathi. Ukuphayona kusaqhubeka kungifundisa ukuba ngithembele kuJehova kuyo yonke into engiyenzayo futhi ngiphile ukuphila okulula kodwa okwanelisayo nokujabulisayo.
Umsebenzi Wokwakha Udinga Uthando, Ubuqotho Nokwethembeka
UJehova uye wangifundisa ukuthi uma sizenza sitholakale futhi samukele noma isiphi isabelo asinika sona, siyothola izibusiso eziningi. Ukukhonza eKomitini Yokwakha Yesifunda nokusebenza nabafowethu nodadewethu ezakhiweni kulo lonke elaseQuebec nakwezinye izindawo, kuyilungelo eliyigugu kimi.
Nakuba amanye amavolontiya engase anganikezi izinkulumo ezidla ubhedu epulatifomu, ahamba phambili emisebenzini yokwakha amaHholo OMbuso. Laba bafowethu abathandekayo benza umsebenzi wabo ngenhliziyo yonke futhi namakhono abo ayabonakala. Umphumela uhlale uyizakhiwo ezinhle ezizosetshenziselwa ukukhulekela uJehova.
Sekukaningi ngibuzwa: “Yiziphi izimfanelo ezibaluleke kakhulu umuntu oyivolontiya emsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso okufanele abe nazo?” Okuhlangenwe nakho kwami kungenze ngaqaphela ukuthi umuntu kumelwe aqale athande uJehova neNdodana yakhe kuhlanganise nabo bonke abafowethu nodadewethu. (1 Kor. 16:14) Okwesibili, kudingeka abe qotho futhi athembeke. Lapho izinto zingenzeki ngendlela ebesingathanda zenzeke ngayo—okuyinto eyokwenzeka—umuntu oqotho uyoqhubeka elisekela leli lungiselelo elingokwasezulwini. Ukwethembeka kuyomshukumisela ukuba nangesikhathi esizayo avolontiye emisebenzini enjalo.
Ngiyambonga UJehova
Nakuba ubaba ashona ngo-1985, iseluleko sakhe sokuba ngizigcine ngimatasa enhlanganweni kaJehova sisalokhu sihleli engqondweni yami. Ngokungangabazeki umatasa njengabanye asebezamukele kakade izabelo zabo zokuba ingxenye yenhlangano kaJehova yasezulwini. (IsAm. 14:13) Umama manje useneminyaka engu-97. Ngenxa yokuthi wake washaywa unhlangothi akasakwazi ukukhuluma kahle njengakuqala kodwa usalazi iBhayibheli lakhe. Uma esibhalela izincwadi, ucaphuna imiBhalo ukuze asikhuthaze ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ngokwethembeka. Yeka indlela esibonga ngayo thina sonke njengabantababo ngokuba nabazali abanothando kangaka!
Ngiyambonga futhi uJehova ngoShirley oye waba inkosikazi nomngane oqotho. Uhlale ekhumbula iseluleko asinikezwa unina esithi, “UVern uzohlale ematasa eqinisweni, futhi wena kuyofanele ufunde ukungamgodli.” Ngesikhathi sishada eminyakeni engaba ngu-49 edlule, sanquma ukuthi siyokhonza uJehova ndawonye nasekugugeni kwethu, futhi uma sobabili sisinda ekupheleni kwalesi simiso sezinto, siyobuyela ebusheni ndawonye futhi siqhubeke simkhonza phakade. Yebo, sibe “nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.” (1 Kor. 15:58) UJehova yena uye wasinakekela ngempela futhi waqiniseka ukuthi asisweli lutho oluhle.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-September 1, 1990 amakhasi 10-14, ukuze uthole indaba yokuphila kukaJack Halliday Nathan.
[Isithombe ekhasini 31]
“Umgomo wethu njengomkhaya uwukuba sigcine ukuphila kwethu kulula futhi sihlale sikulungele ukusetshenziswa uJehova enkonzweni yakhe”