Indlela Yokuqala
Thanda Abantu, Hhayi Imali Nezinto Ezibonakalayo
LIFUNDISANI IBHAYIBHELI? “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.”—1 Thimothewu 6:10.
IYINI INSELELE? Abakhangisi benza singeneliswa yizinto esinazo. Bafuna sifukuze kakhulu ukuze sithole imali yokuthenga izinto ezintsha, ezingcono nezinkulu. Imali iyayenga, futhi kalula nje singazithola sesiyithanda ngokweqile. IBhayibheli lixwayisa ngokuthi umuntu othanda ingcebo akasoze aneliseka. INkosi uSolomoni yabhala: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.”—UmShumayeli 5:10.
YINI ONGAYENZA? Lingisa uJesu, ufunde ukuthanda abantu ngaphezu kwezinto. UJesu wayezimisele ukudela konke ayenakho—ngisho nokuphila kwakhe imbala—ngoba wayebathanda abantu. (Johane 15:13) Wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Uma sizifundisa ukupha abanye isikhathi nezinto zethu, nabo bayokwenza okufanayo. UJesu wathi: “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha.” (Luka 6:38) Labo abaphishekela imali nezinto ezibonakalayo bazibangela iminjunju nezingcindezi. (1 Thimothewu 6:9, 10) Ngakolunye uhlangothi, ukwaneliseka kwangempela kutholakala ngokuthanda abanye nokuba nabo bakuthande.
Hlola ukuthi ngeke yini ukwazi ukwenza ukuphila kwakho kube lula. Ungakwazi yini ukunciphisa izinto onazo noma ugweme ukuthenga ezinye? Ngokwenza kanjalo, ungase uthole ukuthi usunesikhathi esiningi namandla engeziwe okwenza izinto ezibaluleke kakhudlwana ekuphileni—ukusiza abantu nokukhonza uNkulunkulu okunike konke onakho.—Mathewu 6:24; IzEnzo 17:28.
[Isithombe ekhasini 4]
“Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha”