Imibuzo Evela Kubafundi
UJesu watshela ababemlalele: “Kumelwe nibe ngabaphelele, njengoba noYihlo wasezulwini ephelele.” Abantu namuhla bangaba kanjani “abaphelele”?—Math. 5:48.
Isihluthulelo sokuphendula lo mbuzo sixhomeke ekuqondeni indlela igama elithi “-phelele” nelithi “ukuphelela” asetshenziswa ngayo eBhayibhelini. Akuyona yonke into emiBhalweni echazwa ngokuthi “iphelele” engase ibe njalo ngomqondo ophelele. Yiqiniso, uJehova kuphela ophelele ngalowo mqondo. Abantu noma izinto bangaba abaphelele ngomqondo oqhathanisayo kuphela. Igama lesiHebheru nelesiGreki elihunyushwa ngokuthi “-phelele” eBhayibhelini, ngokuvamile lisho “ukuphelela,” “ukuvuthwa,” noma “ukungabi naphutha” ngokwezindinganiso ezibekwe igunya elithile. Enkulumweni yansuku zonke, leli gama lisetshenziswa ngomqondo oqhathanisayo.
U-Adamu no-Eva badalwa bephelele ngokokuziphatha, ngokomoya nangokomzimba. Babephelele ngokuvumelana nendinganiso yoMdali wabo. Ngenxa yokungalaleli, ababange besayifinyelela leyo ndinganiso, ngakho bazilahlekisela bona nenzalo yabo ukuphelela. Kanjalo u-Adamu wadlulisela isono, ukungapheleli nokufa esintwini.—Roma 5:12.
Nokho, njengoba uJesu akwenza kwacaca eNtshumayelweni yakhe YaseNtabeni, ngisho nabantu abangaphelele bangaba abaphelele ngezinga elithile. Kuleyo nkulumo, wabeka izindinganiso zothando oluphelele noma olugcwele. Wayekhuluma ngothando olunjengalolo uNkulunkulu alubonisa isintu. UJesu wathi: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo; ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini, njengoba yena enza ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi enza imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.” (Math. 5:44, 45) Ngokubonisa uthando ngale ndlela, abafundi bakaJesu babeyobe belingisa isibonelo sikaNkulunkulu esiphelele.
Namuhla, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke balwela ukulondoloza indinganiso enjalo ephakeme yothando kwabanye. Bafisa ukusiza abantu bezizinda ezingafani, izinhlanga nezinkolo ukuba bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso leBhayibheli. Sikhuluma nje, baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-7 000 000 nabantu abathakazelayo emazweni angu-236.
UJesu wabuza, “Uma nithanda labo abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abathelisi abenzi yini nabo into efanayo? Futhi uma nibingelela abafowenu kuphela, nenza lukhulu luni na? Abantu bezizwe abenzi yini nabo into efanayo?” (Math. 5:46, 47) AmaKristu eqiniso awakhethi abantu ngesizinda semfundo noma sobuzwe; futhi awabonisi uthando kuphela kulabo abayokwazi ukulubuyisela. Kunalokho, asiza ompofu nogulayo, omncane nomdala. Ngokwenza lokhu, amaKristu angakwazi ukulingisa uthando lukaJehova ngaleyo ndlela abe aphelele ngezinga elithile.
Ingabe siyoke sikujabulele ukuphelela okwalahlwa u-Adamu? Yebo, ngokuba nokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu, isintu esilalelayo siyokufinyelela ngokugcwele ukuphelela phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, lapho ‘iNdodana kaNkulunkulu ibhidliza imisebenzi kaDeveli.’—1 Joh. 3:8.