Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 2/1 k. 3
  • Kungani Imishado Ichitheka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Imishado Ichitheka?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvaleleka Emshadweni Ongenaluthando
    I-Phaphama!—2001
  • Ingabe Umshado Ungalubekezelela Uvivinyo?
    I-Phaphama!—2006
  • Idivosi—IBhayibheli Lithini Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • OFakazi BakaJehova Bakubheka Kanjani Ukudivosa?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 2/1 k. 3

Kungani Imishado Ichitheka?

“AbaFarisi beza [kuJesu], behlose ukumlinga, bathi: ‘Kungokomthetho yini ukuba umuntu ahlukanise nomkakhe nganoma yisiphi isizathu?’”—Mathewu 19:3.

ABANTU abathile ababephila ngesikhathi sikaJesu bambuza ukuthi abantu abashadile kufanele bahlale ndawonye ukuphila kwabo konke yini nokuthi lokho kungenzeka yini. Wabaphendula: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”a (Mathewu 19:4-6) Kusobala ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba abantu abashadile bahlale ndawonye ukuphila kwabo konke.

Emazweni amaningi namuhla, imishado engaba amaphesenti angu-40 noma ngaphezulu iyaphela. Ingabe iseluleko seBhayibheli ngomshado sesiphelelwe isikhathi? Ingabe imishado iphela kangaka nje yingoba leli lungiselelo liyinkinga?

Cabanga ngalo mfanekiso: Abashadikazi ababili bathenga imoto yohlobo olufanayo. Abashadikazi bokuqala bayayinakekela futhi bayishayela kahle. Imoto yabo ayiphuki. Abashadikazi besibili abaziniki isikhathi sokunakekela imoto yabo futhi bashayela budedengu. Imoto yabo iyaphuka futhi abayilungisi. Inkinga ikuphi—ingabe isemotweni noma ikubanikazi? Kusobala ukuthi ikubanikazi.

Ngokufanayo, ukuthi imishado eminingi iyaphela akusho ukuthi ilungiselelo lomshado liyinkinga ngandlela-thile. Izigidi zemishado ephumelelayo ziwubufakazi balokho. Leyo mishado ibalethela injabulo nokuzinza labo bantu, imindeni nemiphakathi. Umshado unjengemoto, udinga ukunakekelwa kahle sikhathi sonke ukuze uhlale njalo.

Kungakhathaliseki ukuthi umshado wenu unezinsukwana noma amashumi eminyaka, iseluleko seBhayibheli sendlela yokuwunakekela nokuwuqinisa sisebenza ngempela. Funda ngezibonelo zalokhu emakhasini alandelayo.

[Umbhalo waphansi]

a IBhayibheli liyakuvumela ukudivosa uma omunye ephingile.—Mathewu 19:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela