Ezentsha
Kulwele Ukukhulekela Kweqiniso!
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
Abalingiswa abayinhloko: U-Eliya, u-Ahabi nabaprofethi bakaBhali abangaba ngu-450
Indaba efingqiwe: U-Eliya ufakazela ukuthi uJehova unamandla kunoBhali.
1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA EYOKU-1 AMAKHOSI 18:17-40.
Ucabanga ukuthi u-Eliya nabaprofethi bakaBhali babemi kuphi futhi ama-altare ayekuphi? Dweba ephepheni umfanekiso walokho okucabangayo.
Emavesini 26 kuya ku-29, yimiphi imisindo yokuxokozela oyizwayo?
․․․․․
Ucabanga ukuthi u-Eliya wayezizwa kanjani njengoba ayekhuluma nabaprofethi bakaBhali?
․․․․․
2 CWANINGISISA.
Kungani u-Eliya ayedinga isibindi ukuze aye ku-Ahabi futhi kamuva avivinye inqwaba yabaprofethi bakaBhali ngendlela ehlazisayo? (Funda eyoku-1 AmaKhosi 18:4, 13, 14.)
․․․․․
Usebenzisa amathuluzi okucwaninga onawo, thola okuthile ngokukhulekelwa kukaBhali. Ngokwesibonelo, yimiphi imikhuba eyayihlobene nakho? Ukukhulekelwa kukaBhali kwaba naliphi ithonya ku-Israyeli?
․․․․․
Ucabanga ukuthi kungani u-Eliya amba umsele ozungeza i-altare likaJehova wabe esewugcwalisa ngamanzi?
․․․․․
3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nesibindi esidingekayo ukuze ulwele ukukhulekela kweqiniso.
․․․․․
Nezinzuzo ezitholwa yilabo ababonisa isibindi esinjalo.
․․․․․
INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.
Kukuziphi izici zokuphila ongabonisa kuzo isibindi esengeziwe sokulwela ukukhulekela kweqiniso?
․․․․․
4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
Uma ungenalo iBhayibheli, licele koFakazi bakaJehova noma ufunde ezinye izincwadi ezisekelwe kulo kuyi-Internet kuleli kheli: www.watchtower.org
[Ibhokisi ekhasini 31]
Ukwaziswa Komhlangano Wesigodi
Ukwaziswa okuphathelene nezinsuku nezindawo zemihlangano yesigodi yaminyaka yonke kuyatholakala engosini ye-Internet ethi: www.pr2711.com