Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 8/1 kk. 14-15
  • Kungani UDorka Ayethandwa Kangaka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani UDorka Ayethandwa Kangaka?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngathola Ukulondeka Kwangempela Ngokuthembela KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • AmaKristu Ayadingana
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • IJopha—Isikhumulo Semikhumbi Sasendulo Esiphawulekayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Kusebenzise Ngokunenzuzo Ukungashadi Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 8/1 kk. 14-15

Fundisa Izingane Zakho

Kungani UDorka Ayethandwa Kangaka?

SONKE siyathanda ukuthandwa. Ingabe kunjalo nangawe?—a IBhayibheli likhuluma ngoDorka, owesifazane owayethandwa kakhulu abantu abaningi.

UDorka wayehlala eJopha, umuzi oseduze koLwandle iMedithera. IJerusalema laliqhele olwandle ngamakhilomitha angaba ngu-56 ukusuka eJopha. UDorka wayengomunye wabafundi bakaJesu bokuqala.

Ucabanga ukuthi kungani abantu babezifela kangaka ngoDorka?— IBhayibheli lithi wayenza izinto eziningi ezinhle, ephana ngezipho ezinhle futhi ethungela abafelokazi izingubo ezinhle. Wayetshela nabaningi ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova, njengoba kwakwenza uJesu.

Ingabe uyazi ukuthi yini ebuhlungu eyenzeka kuDorka?— Wagula kakhulu, ekugcineni wafa. Bonke abangane bakhe baba lusizi. Ngakho, bathumela abathile ukuba bayobiza umphostoli uPetru owayehlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-16. Labo bantu bamcela ukuba eze ngokushesha. Lapho efika, waya kuDorka ekamelweni eliphezulu. Bonke abesifazane ababelapho babekhihla esikaNandi, futhi babonisa uPetru izingubo ababezithungelwe uDorka.

UPetru wabe esecela bonke ababelapho ukuba baphume kulelo kamelo. Yena nabanye abaphostoli babeke bazenza izimangaliso ngaphambili, kodwa babengakaze bavuse umuntu ofile. Ucabanga ukuthi uPetru wenzani?—

Waguqa eduze kwesidumbu wathandaza kuJehova. Ngemva kwalokho, watshela uDorka ukuba avuke, nempela wavuka! UPetru wambamba ngesandla wamphakamisa. Wabe esebiza abafelokazi nabanye ababelapho wababonisa uDorka. Ucabanga ukuthi basabela kanjani lapho bembona?—

Manje masicabange ngalokho ongakufunda kule ndaba yokuvuswa kukaDorka. Esikuthola kuyo ukuthi uma usiza abantu, abaningi babo bayokuthanda. Kodwa okubaluleke nakakhulu ukuthi uNkulunkulu uyokukhumbula futhi uyokuthanda. Ngeke nanini azikhohlwe izinto ezinhle ozenzela abanye abantu. Uyokuvuza ngokuphila okuphakade ezweni elisha lokulunga lapho uyohlala khona ujabule.

Funda eBhayibhelini lakho

  • IzEnzo 9:36-43

  • IsAmbulo 21:3-5

a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela