2 UNkulunkulu Akabakhathaleli Ngempela Abantu Ingabe—Lokho Kuyiqiniso?
Okungenzeka ukuthi wake wakuzwa: “Ukube uNkulunkulu ubebakhathalela ngempela abantu, ubeyoqeda ububi nokuhlupheka okusemhlabeni. Uma enendaba nabantu bebonke, akanandaba nalokho okwenzeka kimi.”
Okufundiswa iBhayibheli: UJehova uNkulunkulu akabubangeli ububi. (Jakobe 1:13) Nakuba engabuqeda noma nini, okwamanje uvumela umphakathi owonakele ukuba uqhubeke ukhona ukuze kuxazululeke izimpikiswano ezithile ezaphakanyiswa ekuqaleni komlando wabantu. Ekugcineni uyongenela ezindabeni zabantu alungise wonke umonakalo odalwe yilabo abenqaba ubukhosi bakhe.—Genesise 3:1-6; Isaya 65:17.a
Ngaphandle nje kokukhathalela abantu, uNkulunkulu usibonisa isithakazelo esijulile njengabantu ngabanye. UMathewu 10:29-31 ubonisa ukuthi uqaphela imininingwane ngathi ngisho thina ngokwethu esingayazi: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. Kodwa kwazona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: Nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.”
Indlela ukwazi iqiniso okukusiza ngayo: Ngokuvamile siyabagwema abantu abanokhahlo noma abangakhathaleli. Akumangazi-ke ukuthi amanga athi uNkulunkulu akakhathaleli abangela abaningi ukuba bangafuni nhlobo ukumazi; bamkhumbula kuphela uma besenkingeni. Ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uyakhathalela ngempela kungakwenza ufune ukufunda okwengeziwe ngaye futhi wakhe ubungane naye.
Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi uke wathandaza kuNkulunkulu kodwa wazibuza ukuthi uyakuzwa yini noma ukuthi uyokuphendula yini. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ‘uMuzwi womthandazo’ ugcina lo mzila wokuxhumana uvulekile ngaso sonke isikhathi kubo bonke abasondela kuye ngobuqotho.—IHubo 65:2.
UNkulunkulu ukucela ukuba ‘uphonse zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe, ngoba uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Singethemba ukuthi uJehova uyasikhathalela ngisho nasezikhathini zokucindezeleka okukhulu, ngoba iZwi lakhe lithi: “UJehova useduze nalabo abaphukile ezinhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHubo 34:18.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Uma uNkulunkulu engasikha-thaleli, kungani esicela ukuba sithandaze kuye?