Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 4/1 k. 9
  • INgqapheli Ekubonayo Ukubaluleka Kwethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INgqapheli Ekubonayo Ukubaluleka Kwethu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkulu!
    I-Phaphama!—1999
  • Isparrow—Umngane Noma Isitha?
    I-Phaphama!—1991
  • UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Akukho Lutho ‘Olungasihlukanisa Nothando LukaNkulunkulu’
    Sondela KuJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 4/1 k. 9

Sondela KuNkulunkulu

INgqapheli Ekubonayo Ukubaluleka Kwethu

Luka 12:6, 7

‘INHLIZIYO yethu ingase isilahle.’ Ngalawo mazwi, iBhayibheli liyavuma ukuthi ngezinye izikhathi izinhliziyo zethu zingase zisenze sizigxeke ngokweqile. Empeleni, zingase zisibelesele ngokuthi asilufanelekele uthando nokunakekela kukaNkulunkulu. Kodwa, iBhayibheli liyaqinisekisa: “UNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” (1 Johane 3:19, 20) UNkulunkulu usazi kangcono kunokuba sizazi thina. Indlela asibheka ngayo ingase ihluke ngokuphelele endleleni thina esizibheka ngayo. Siyigugu kangakanani-ke emehlweni alowo obaluleke ngempela—uJehova uNkulunkulu? Impendulo ingatholakala emfanekisweni othinta inhliziyo uJesu awusebenzisa ezenzakalweni ezimbili ezihlukene.

Ngesinye isikhathi, uJesu wathi ‘ondlunkulu ababili bathengiswa ngohlamvu lwemali lwenani elincane.’ (Mathewu 10:29, 31) NgokukaLuka 12:6, 7, uJesu wabuye wathi: “Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo? Nokho akukho nowodwa kubo olibalekayo phambi kukaNkulunkulu. . . . Ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” Lo mfanekiso olula kodwa onamandla usifundisa indlela uJehova ambheka ngayo umkhulekeli wakhe ngamunye.

Ondlunkulu babephakathi kwezinyoni ezishibhe kakhulu ezazidliwa. Akungabazeki ukuthi uJesu wayebuke abesifazane abampofu—mhlawumbe nonina imbala—emakethe bethenga lezi zinyoni ezincane ukuze bondle imikhaya yabo. Nge-assarion eyodwa, uhlamvu lwemali olungaphansi kwamasenti angu-35 ngokwamanani anamuhla, umuntu wayengathenga ondlunkulu ababili. Lezi zinyoni zazishibhe kangangokuba ngezinhlamvu ezimbili, umuntu wayengatholi ondlunkulu abane kodwa abahlanu, omunye uyibhansela.

UJesu wachaza ukuthi akukho ndlunkulu “olibalekayo phambi kukaNkulunkulu” noma owela “phansi” uBaba engazi. (Mathewu 10:29) UJehova uyabona isikhathi ngasinye lapho undlunkulu uwela phansi mhlawumbe ngenxa yokulimala noma wehlela phansi ufuna ukudla. Lezi zinyoni ezibonakala zingelutho uJehova abona kufanelekile ukuba azidale, azizincane ukuba angazilibala. Empeleni, uyazazisa, ngoba ziyizinto eziphilayo eziyigugu. Uyalithola yini iphuzu lomfanekiso kaJesu?

Lapho efundisa, uJesu wayevame ukuqhathanisa izinto ezincane nezinkulu. Ngokwesibonelo, uJesu wabuye wathi: “Amagwababa awahlwanyeli mbewu futhi awavuni, awanangobo nanqolobane, kodwa nokho uNkulunkulu uyawondla. Nina nibaluleke kakhulu kangakanani kunezinyoni?” (Luka 12:24) Manje iphuzu lamazwi kaJesu mayelana nondlunkulu seliyacaca: Uma uJehova ezikhathalela lezi zinyoni ezincane, uyobanakekela kakhulu kangakanani-ke abantu abamthandayo nabamkhulekelayo!

Uma sicabanga ngamazwi kaJesu, akufanele sibe nomuzwa wokuthi asilutho ukuba singaqashelwa futhi sinakekelwe uNkulunkulu ‘omkhulu kunezinhliziyo zethu.’ Akududuzi yini ukwazi ukuthi uMdali wethu angase abone kithi lokho esingakwazi ukukubona thina?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]

Sparrows: © ARCO/D. Usher/age fotostock

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela