‘Hlalani Ezwini Lami’
“Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—JOHANE 8:31, 32.
Lokho Okukushoyo: “Izwi” likaJesu lisho izimfundiso zakhe ezivela emthonjeni ophakeme. UJesu wathi: “UBaba ngokwakhe owangithuma unginike umyalo ngokuqondene nokuthi yini okumelwe ngiyisho nokuthi yini okumelwe ngiyikhulume.” (Johane 12:49) Lapho ethandaza kuYise wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, uJesu wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” Wayevame ukucaphuna iZwi likaNkulunkulu ukuze asekele izimfundiso zakhe. (Johane 17:17; Mathewu 4:4, 7, 10) Ngakho-ke, amaKristu eqiniso ‘ahlala ezwini lakhe’—okusho ukuthi amukela iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ‘njengeliyiqiniso’ neliyigunya eliphelele lemikhuba nezinkolelo zawo.
Indlela AmaKristu Okuqala Ayephila Ngayo: Umbhali weBhayibheli lamaKristu owabhala izincwadi eziningi kunabo bonke, umphostoli uPawulu, wenanela amazwi kaJesu lapho ekhuluma ngeZwi likaNkulunkulu. Wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thimothewu 3:16) Amadoda ayemiselwe ukufundisa amanye amaKristu kwakufanele “abambelele ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu eliqinisekile nelinokwethenjelwa.” (Thithu 1:7, 9, The Amplified Bible) AmaKristu okuqala ayalwa ukuba ayenqabe ‘ifilosofi nenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu.’—Kolose 2:8.
Obani Abaphila Ngale Ndlela Namuhla?: I-Dogmatic Constitution on Divine Revelation yaseVatican, eyamukelwa ngo-1965 neyacashunwa kuyi-Catechism of the Catholic Church, ithi: “Akuyona yodwa imiBhalo Engcwele isonto [lamaKatolika] elinquma ngayo zonke izinto eziye zembulwa. Ngakho-ke, kokubili isiko elingcwele nemiBhalo Engcwele kufanele kwamukelwe futhi kuhlonishwe ngokulinganayo.” Isihloko esaphuma kumagazini i-Maclean sacaphuna ungqongqoshe waseToronto, eCanada, owabuza: “Kungani sifuna ukuqondiswa ‘yimibono yomuntu’ owaphila ezinkulungwaneni zeminyaka edlule? Sinemibono engcono kakhulu, okwenza ingasebenzi kahle ukuthi ngaso sonke isikhathi ibuyiselwa emuva iyohlotshaniswa noJesu nemiBhalo.”
Uma ikhuluma ngoFakazi BakaJehova, i-New Catholic Encyclopedia ithi: “Babheka iBhayibheli njengokuphela komthombo wezinkolelo zabo nesiqondiso sokuziphatha.” Muva nje, enye indoda eCanada ingene uFakazi kaJehova emlonyeni ngesikhathi ethi uyazethula. Yathi: “Ngiyazi ukuthi ungubani, ngikubona ngalokhu okuphethe,” isho ikhomba iBhayibheli ayeliphethe.