Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 3/1 k. 5
  • ‘Abayona Ingxenye Yezwe’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Abayona Ingxenye Yezwe’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AmaKristu Nomphakathi Wesintu Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • OFakazi BakaJehova NokuQothulwa Kwabantu—Lithini IBhayibheli?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Kungani KwaQothulwa Isizwe? Kungani UNkulunkulu Engazange Akuvimbele?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • “Abayona Ingxenye Yezwe”
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 3/1 k. 5

‘Abayona Ingxenye Yezwe’

“Izwe liye labazonda, ngoba bengeyona ingxenye yezwe.”—JOHANE 17:14.

Lokho Okukushoyo: Ukungabi ingxenye yezwe kukaJesu kusho ukuthi wayengazigaxi ezingxabanweni zezenhlalo nezombusazwe zangesikhathi sakhe. Wachaza: “Ukube umbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulo mthombo.” (Johane 18:36) Wanxusa nabalandeli bakhe ukuba bayifulathele indlela yokucabanga, inkulumo nokuziphatha okulahlwa iZwi likaNkulunkulu.—Mathewu 20:25-27.

Indlela AmaKristu Okuqala Ayephila Ngayo: Umbhali wezincwadi zenkolo, uJonathan Dymond, uthi amaKristu okuqala “enqaba ukungenela [impi]; kungakhathaliseki ukuthi ayezobhekana nani, kungaba ukuhlaziswa, ukuboshwa noma ukufa.” Ancamela ukuhlupheka kunokuyekethisa ekungathathini kwawo uhlangothi. Ukuziphatha kwawo nakho kwawenza ahluka. AmaKristu atshelwa: “Ngenxa yokuthi aniqhubeki nigijima nabo kule nkambo eyisa echibini elifanayo eliphansi lokuzitika ngamanyala, bayakhungatheka futhi baqhubeke benihlambalaza.” (1 Petru 4:4) Isazi-mlando uWill Durant sabhala ukuthi amaKristu “ayelikhathaza izwe lobuqaba elithanda injabulo ngokweqile ngokuzinikela enkolweni nangokuhlonipheka kwawo.”

Obani Abaphila Ngale Ndlela Namuhla? Uma ikhuluma ngokungathathi hlangothi, i-New Catholic Encyclopedia ithi: “Kuwukuziphatha okungalungile ukwenqaba ukuthatha izikhali.” Isihloko sephephandaba elithi Reformierte Presse sithi umbiko we-African Rights, okuyinhlangano yamalungelo abantu, okhuluma ngokuqothulwa kohlanga eRwanda ngo-1994 wathola ukuthi wonke amasonto asifaka isandla, “ngaphandle koFakazi BakaJehova.”

Ngesikhathi exoxa ngokuQothulwa Kwesizwe okwenziwa amaNazi, uthisha wesikole esiphakeme wazibuza ekhathazekile ukuthi kungani “lingekho iqembu noma inhlangano yomphakathi ovamile eyakhuluma ngokumelene namanga ayethé chithi saka, unya nezenzo zobudlova ezagcina zenzekile.” Ngemva kokuvakashela e-United States Holocaust Memorial Museum, wabhala: “Ngiyitholile impendulo.” Wathola ukuthi oFakazi BakaJehova abazange bayekethise ezinkolelweni zabo naphezu kokuphathwa ngesihluku.

Kuthiwani ngezimiso zamaKristu zokuziphatha? Umagazini i-U.S. Catholic uthi: “Iningi lentsha endadlana yanamuhla engamaKatolika liyaphikisana nezimfundiso zesonto ezindabeni ezifana nokukipita nokuya ocansini ungashadile.” Lo magazini ucaphuna umdiyakoni wesonto owathi: “Kunenani eliphezulu—cishe elingaphezu kwamaphesenti angu-50—elisuke selihlala ndawonye ngesikhathi lishada.” I-New Encyclopædia Britannica iphawula ukuthi oFakazi BakaJehova “bayanamathela ezimisweni zokuziphatha eziphakeme.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela