Hlale Unomuzwa Wokuphuthuma
“Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma.”—2 THIM. 4:2.
INGABE UNGACHAZA?
Kungani amaKristu ekhulu lokuqala ashumayela enomuzwa wokuphuthuma?
Singawulondoloza kanjani umuzwa wokuphuthuma?
Kungani ukushumayela ngoMbuso kuphuthuma kakhulu manje kunanini ngaphambili?
1, 2. Imiphi imibuzo ephakamayo ngokuphathelene nomyalo ‘wokushumayela sinomuzwa wokuphuthuma’?
NGOKUVAMILE, abantu abenza umsebenzi osindisa ukuphila basebenza benomuzwa wokuphuthuma. Ngokwesibonelo, abacimi-mlilo bayaphuthuma lapho bebizelwa isimo esiphuthumayo; bayazi ukuthi kungenzeka kunabantu abakuphila kwabo kusengozini.
2 NjengoFakazi BakaJehova, sifisa ukusiza abantu ukuba basinde. Ukuze sifeze lokhu, siwuthatha ngokungathi sína umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Yebo, asiyi ngapha nangapha njengokungathi asazi ukuthi senzeni. Wayesho ukuthini-ke umphostoli uPawulu lapho enikeza lo myalo: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma”? (2 Thim. 4:2) Singashumayela kanjani sinomuzwa wokuphuthuma? Kungani umsebenzi wethu uphuthuma kangaka?
KUNGANI UKUSHUMAYELA KWETHU KUPHUTHUMA?
3. Kungaba namiphi imiphumela ukwamukela noma ukwenqaba kwabantu isigijimi soMbuso?
3 Lapho ucabanga ngalokho esizokuzuza noma okuzolahleka ngokushumayela kwethu, cishe uyaqaphela ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sokukhuluma nabanye ngezindaba ezinhle. (Roma 10:13, 14) IZwi likaNkulunkulu lithi: “Lapho ngithi komubi: ‘Uzokufa nokufa,’ futhi empeleni abuye esonweni sakhe enze ubulungisa nokulunga, . . . nakanjani uyoqhubeka ephila. Ngeke afe. Akukho nesisodwa ezonweni zakhe one ngazo esiyokhunjulwa ngokumelene naye.” (Hez. 33:14-16) Ngempela, iBhayibheli lithi kulabo abafundisa abanye isigijimi soMbuso: “Uyozisindisa wena nabakulalelayo.”—1 Thim. 4:16; Hez. 3:17-21.
4. Kungani ukuhlubuka kwenza ukushumayela kwaba okuphuthumayo ekhulwini lokuqala?
4 Ukuze siqonde ukuthi kungani uPawulu ayala uThimothewu ukuba ashumayele enomuzwa wokuphuthuma, ake sicabange kafushane ngomongo womBhalo isihloko sethu esisekelwe kuwo. Siyafunda: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo, ngenkathi enzima, usole, ukhuze, ukhuthaze, ngakho konke ukubekezela nekhono lokufundisa. Ngoba kuyokuba khona inkathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe; futhi bayofulathelisa izindlebe zabo eqinisweni.” (2 Thim. 4:2-4) UJesu wayebikezele ukuthi kwakuyoba khona ukuhlubuka. (Math. 13:24, 25, 38) Njengoba lokho kuhlubuka kwase kuzoqala, kwakuphuthuma ukuba uThimothewu ‘ashumayele izwi’ ngisho nangaphakathi ebandleni ukuze amaKristu angadukiswa izimfundiso zamanga ezazibonakala zikhanga. Ukuphila kwabantu kwakusengozini. Kuthiwani namuhla?
5, 6. Imiphi imibono evamile esingase siyithole lapho sisenkonzweni yethu?
5 Ukuhlubuka ekukhulekeleni kweqiniso sekuye kwadlondlobala futhi kwasakazeka. (2 Thes. 2:3, 8) Iziphi izimfundiso ezikitaza izindlebe zabantu namuhla? Ezindaweni eziningi, imfundiso yokuziphendukela kwemvelo iye yakhuthazwa ngendlela eyenza ibe sankolo. Nakuba ngokuvamile ukuziphendukela kwemvelo kuchazwa ngolimi lwesayensi, cishe sekube inkolo yomhlaba wonke, kuthinta indlela abantu ababheka ngayo uNkulunkulu nabanye. Enye imfundiso evamile eyokuthi uNkulunkulu akanandaba nathi; ngakho, nathi akudingeki sibe nendaba naye. Kungani lezi zimfundiso zikhanga kangaka zize zilolozele izigidi zabantu ukuba zilale ngokomoya? Zombili ziqukethe lesi sigijimi, ‘Ungenza noma yini oyithandayo ngoba ngeke kudingeke ulandise.’ Ngempela, lesi isigijimi esiye sakitaza izindlebe zabaningi.—Funda iHubo 10:4.
6 Kodwa izindlebe zabantu zikitazwa nangezinye izindlela. Abanye abasaya emasontweni bathanda abafundisi ababatshela ukuthi, ‘Kungakhathaliseki ukuthi wenzani, uNkulunkulu uyakuthanda.’ Abefundisi bakitaza izindlebe zabanye ngokubenza bakholelwe ukuthi imikhosi egujwayo, iMisa, ukugujwa kwezinsuku zosanta nokusebenzisa izithombe kuletha isibusiso sikaNkulunkulu. Abaya kulawo masonto ababoni ngisho nokubona ukuthi basengozini. (IHu. 115:4-8) Nokho, uma singase sikwazi ukubavusa ngokomoya ukuze baqonde isigijimi sangempela seBhayibheli, bangase bazuze eMbusweni kaNkulunkulu.
KUSHO UKUTHINI UKUSHUMAYELA UNOMUZWA WOKUPHUTHUMA?
7. Singabonisa kanjani ukuthi sinomuzwa wokuphuthuma?
7 Udokotela ohlinzayo okhathalelayo kumelwe agxile emsebenzini wakhe ngoba ukuphila kusuke kusengozini. Enkonzweni yethu yobuKristu, singabonisa umuzwa wokuphuthuma ngokugxila emsebenzini wethu, njengokucabanga ngezihloko, imibuzo noma ukwaziswa okungase kuthakazelise abantu esihlangana nabo. Umuzwa wokuphuthuma ungase futhi usishukumisele ukuba sishintshe isimiso sethu ukuze sihambele abantu ngesikhathi abathambekele ngaso kakhudlwana ekusamukeleni.—Roma 1:15, 16; 1 Thim. 4:16.
8. Ukwenza izinto ngomuzwa wokuphuthuma kuvame ukuhilelani?
8 Ukuba nomuzwa wokuphuthuma kuhilela nokwazi ukuhlela izinto ngokubaluleka kwazo. (Funda uGenesise 19:15.) Ngokwesibonelo, ake sithi ngemva kokuthola imiphumela yokuhlolwa kwakho, udokotela wakho ukubizela ehhovisi lakhe abese esho ngobuqotho: “Bheka! Isimo sakho siyaphuthuma. Cishe unenyanga kuphela yokwenza okuthile ngesifo sakho.” Ubungeke uphume ehhovisi lakhe ugijima kuhle komcimi-mlilo obizelwa isimo esiphuthumayo. Kodwa ubungaqale uthole ukuthi usikiselani, bese ugoduka uyocabangisisa ukuthi ungazihlela kanjani izimo zakho ngokubaluleka kwazo.
9. Kungani singase sithi uPawulu washumayela enomuzwa wokuphuthuma ngenkathi ese-Efesu?
9 Singayiqonda indlela uPawulu ayenomuzwa wokuphuthuma ngayo ngokuqaphela lokho akutshela abadala base-Efesu ngokushumayela kwakhe izindaba ezinhle esifundeni sase-Asiya. (Funda izEnzo 20:18-21.) Kubonakala sengathi kusukela ngosuku afika ngalo, waba matasa ehambela abantu endlini ngendlu eshumayela izindaba ezinhle. Ngaphezu kwalokho, wachitha iminyaka emibili enesimiso “[sokunikeza] izinkulumo nsuku zonke ehholo lesikole sikaThiranu.” (IzE. 19:1, 8-10) Ngokusobala, umuzwa wokuphuthuma ayenawo wathonya isimiso sakhe. Umyalo othi ‘sibe senkonzweni yethu sinomuzwa wokuphuthuma’ awuhloselwanga ukusenza sizizwe singakwazi nokunyakaza ngenxa yomsebenzi wokushumayela. Noma kunjalo, umsebenzi wokushumayela kufanele uze kuqala ekuphileni kwethu.
10. Kungani singajabula ngokuthi amaKristu ashumayela ngomuzwa wokuphuthuma eminyakeni engaba yikhulu edlule?
10 Isibonelo seqembu elincane labaFundi BeBhayibheli abaqala ukushumayela izindaba ezinhle ngaphambi kuka-1914 siyakubonisa ukuthi kusho ukuthini ukuba nomuzwa wokuphuthuma. Nakuba babeyizinkulungwane ezimbalwa kuphela, bakuqonda ukuphuthuma kwezikhathi futhi baqala umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ngentshiseko. Banyathelisa izintshumayelo ezithile emakhulwini amaphephandaba futhi banikeza inkulumo yama-slide eyayinanezithombe ezinyakazayo eyayinesihloko esithi “Photo-Drama of Creation.” Ngale ndlela, bafinyelela izigidi zabantu ngezindaba ezinhle. Ukube babengenawo umuzwa wokuphuthuma, bangaki kithi ababeyosizwa isigijimi soMbuso?—Funda iHubo 119:60.
QAPHELA UKUBA UNGAPHELELWA UMUZWA WOKUPHUTHUMA
11. Yini eye yaholela abanye ukuba baphelelwe umuzwa wokuphuthuma?
11 Iziphazamiso zingenza umuntu akhohlwe ukuthi umsebenzi wokushumayela ubaluleke kangakanani. Isimiso sikaSathane siklanyelwe ukusigcina simatasa ekuphishekeleni iminako yethu nezinye izinto eziseceleni. (1 Pet. 5:8; 1 Joh. 2:15-17) Abanye abake benza inkonzo kaJehova yeza kuqala baye baphelelwa umuzwa wokuphuthuma. Ngokwesibonelo, umKristu othile wekhulu lokuqala ogama lakhe linguDema ‘wayeyisisebenzi esasikanye’ noPawulu, kodwa wathikanyezwa isimiso sezinto esingamesabi uNkulunkulu. Kunokuba aqhubeke ebheka ukuqinisa umfowabo esikhathini sosizi njengento eza kuqala, uDema wamshiya uPawulu.—Filem. 23, 24; 2 Thim. 4:10.
12. Iliphi ithuba elivulekile manje, futhi imaphi amathuba ayosivulekela phakade?
12 Ukuze sihlale sinomuzwa wokuphuthuma, kudingeka silwe nesifiso sokufuna ukujabulela izinto eziningi lokhu kuphila okungasinika zona. Kufanele silwele ‘ukubambisisa ukuphila kwangempela.’ (1 Thim. 6:18, 19) Cishe awungabazi ukuthi ukuphila okuphakade emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu kuyosinikeza amathuba amaningi okujabulela ukwenza izinto ezithakazelisayo. Kodwa okwamanje, ithuba lokusiza abanye basinde e-Armagedoni livuleke kulesi sikhathi sethu kuphela.
13. Njengoba sesingamaKristu, singawulondoloza kanjani umuzwa wethu wokuphuthuma?
13 Njengoba iningi labantu esiphila nabo lilele ngomqondo ongokomoya, yini engasisiza ukuba singaphelelwa umuzwa wethu wokuphuthuma? Singazindla ngeqiniso lokuthi nathi ngesinye isikhathi kunjengokungathi sasilele ebumnyameni. Kodwa savuswa futhi uKristu wasikhanyisela, njengoba kusho uPawulu. Manje sinelungelo lokuba abaphathi bokukhanya. (Funda eyabase-Efesu 5:14.) Ngemva kokusho lokho, uPawulu wabhala: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” (Efe. 5:15, 16) Njengoba siphila phakathi kobubi obunjalo, ‘masithengisise isikhathi’ semisebenzi engasigcina siphapheme ngokomoya.
SIPHILA EZIKHATHINI EZIVUSA AMADLINGOZI
14-16. Yini eyenza ukushumayela ngoMbuso kuphuthume kakhulu manje kunanini ngaphambili?
14 Inkonzo yobuKristu ibilokhu iphuthuma, kodwa manje isiphuthuma kunanini ngaphambili. Kusukela ngo-1914, isibonakaliso esiyinhlanganisela esichazwe eZwini likaNkulunkulu siye sacaca bha. (Math. 24:3-51) Ukusinda kwesintu kusengozini kunanini ngaphambili. Naphezu kwezivumelwano zamuva, imibuso yezwe emikhulu isenezikhali zenuzi ezingaba ngu-2 000 ezihlale zicushelwe ukugadla noma nini. Iziphathimandla zibika ukuthi kunamakhulu ezinto zenuzi ‘ezilahlekayo.’ Ingabe ezinye zazo zisezandleni zamaphekula? Izingqapheli zithi isintu singaqothulwa kalula impi engasuswa iphekula. Nokho, akuyona yodwa impi esongela ukuqhubeka kwesintu siphila.
15 Umbiko ka-2009 owakhishwa i-Lancet ne-University College London uthi, “Ukushintsha kwesimo sezulu kuwusongo empilweni embulungeni yonke, olukhulu kunazo zonke kuleli khulu lama-21.” Wathi: “Imiphumela yokushintsha kwesimo sezulu empilweni iyothinta imiphakathi eminingi emashumini eminyaka alandelayo futhi ibeke ukuphila nenhlalakahle yezigidigidi zabantu engozini.” Umphumela ungaba ukubhubha kwabantu abaningi ngenxa yokwenyuka kwamazinga amanzi ezilwandle, isomiso, izikhukhula, izifo eziyimiqedazwe, iziphepho nokulwela imikhiqizo yezwe eshabalalayo. Yebo, izimpi nezinhlekelele kusongela umphakathi wesintu.
16 Abanye abantu bangase bacabange ukuthi usongo lwempi yenuzi lungaholela ezenzakalweni ezigcwalisa “isibonakaliso.” Nokho, abaningi abakuqondi lokho ngempela okushiwo isibonakaliso. Sekungamashumi eminyaka sibonakala, okubonisa ukuba yiqiniso kokuba khona kukaKristu nokuthi ukuphela kwalesi simiso sezinto kusondela ngokushesha. (Math. 24:3) Akukaze kube nezici eziningi kangaka zesibonakaliso ezicace kanje. Yisikhathi sokuba abantu baphaphame ebuthongweni obungokomoya. Inkonzo yethu ingabasiza bavuke.
17, 18. (a) “Inkathi” isithinta kanjani? (b) Yini engashukumisela abantu ukuba bashintshe umbono wabo ngesigijimi soMbuso?
17 Kusele isikhathi esifushane sokubonisa uthando lwethu ngoJehova futhi siqede umsebenzi wokushumayela esiwabelwe kulezi zinsuku zokugcina. Lokho uPawulu akusho kumaKristu ekhulu lokuqala eRoma kusho lukhulu namuhla kunangaleso sikhathi: “Niyayazi inkathi, ukuthi kakade sekuyihora lokuba niphaphame ebuthongweni, ngoba manje insindiso yethu isiseduze kakhulu kunangesikhathi siba ngamakholwa.”—Roma 13:11.
18 Izenzakalo ezabikezelwa zezinsuku zokugcina zingenza abantu baqaphele isidingo sabo esingokomoya. Abanye bayaqaphela ukuthi umuntu udinga usizo njengoba becabanga ngokwehluleka kohulumeni babantu ukuhlangabezana nezinkinga zezomnotho, izinsongo zenuzi, ubugebengu obunobudlova noma ukucekelwa phansi kwemvelo. Noma kunjalo, izinto ezenzeka emikhayeni yabo, njengesimo sempilo ebucayi, isehlukaniso noma ukushona kothandekayo kwenze abanye baqaphela isidingo sabo esingokomoya. Njengoba sihlanganyela kule nkonzo, sizenza sitholakale ukuze sisize abantu abanjalo.
ASHUKUNYISWA UMUZWA WOKUPHUTHUMA
19, 20. Umuzwa wokuphuthuma uye wawashukumisela kanjani amaKristu amaningi ukuba ashintshe indlela yawo yokuphila?
19 Umuzwa wokuphuthuma uye washukumisela amaKristu amaningi ukuba andise inkonzo yawo. Ngokwesibonelo, umbhangqwana othile osemusha wase-Ecuador wanquma ukwenza ukuphila kwawo kube lula ngemva kokuya emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa wango-2006 owawunesihloko esithi “Gcina Iso Lakho Lilihle.” Wenza uhlu lwezinto ongazidingi, futhi zingakapheli nezinyanga ezintathu wathutha efulethini lawo elalinamakamelo okulala amathathu waya kwelinelilodwa, wadayisa nezinto ezithile wabe usukhokha zonke izikweletu zawo. Kungakabiphi wangenela inkonzo yamaphayona asizayo futhi wamukela ukusikisela kombonisi wesifunda kokuba uyokhonza nebandla elalinesidingo esikhulu sabamemezeli.
20 Umzalwane othile waseNyakatho Melika uyabhala: “Lapho mina nomkami siya emhlanganweni wesifunda wango-2006, sasesineminyaka engu-30 sibhapathiziwe. Endleleni eya ekhaya ngemva kwesimiso, saxoxa ngendlela esingasisebenzisa ngayo iseluleko esisitholile sokwenza ukuphila kwethu kube lula. (Math. 6:19-22) Sasinemizi emithathu, umhlaba ongakhiwe, izimoto zakwanokusho, isikebhe nomahamba-nendlwana. Saba nomuzwa wokuthi kumelwe ukuba sasibukeka njengamaKristu ayiziwula futhi sanquma ukuzibekela umgomo wokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngo-2008 sajoyina indodakazi yethu enkonzweni yamaphayona avamile. Yeka ukuthi kube injabulo kanjani ukusebenzelana eduze nabafowethu! Siye sakwazi ukuyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Ngaphezu kwalokho, ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova kusenze sasondelana kakhulu naye. Okujabulisa ngokukhethekile ilungelo lokubona ubuso babantu bugcwala injabulo lapho bezwa futhi beqonda iqiniso leZwi likaNkulunkulu.”
21. Iluphi ulwazi olusishukumisela esenzweni?
21 Siyakwazi lokho maduze okuzofikela lesi simiso sezinto esibi—‘usuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (2 Pet. 3:7) Ulwazi lwethu ngeZwi likaNkulunkulu lusishukumisela ukuba sikumemezele ngentshiseko ukuza kosizi olukhulu nezwe elisha elizolandela. Siyaqhubeka sinomuzwa wokuphuthuma ojulile wokulethela abantu ithemba langempela. Ngokuhileleka ngokugcwele kulo msebenzi ophuthumayo, sibonisa uthando lweqiniso ngoNkulunkulu nomakhelwane bethu.