Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 4/1 k. 8
  • Ingabe Kunendaba Ukuthola Izimpendulo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kunendaba Ukuthola Izimpendulo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Iqiniso Liyonikhulula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Yini Ongayenza Ukuze Uphile Phakade?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • UJesu Kristu—Indlela Isigijimi Sakhe Esikuthinta Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 4/1 k. 8

Ingabe Kunendaba Ukuthola Izimpendulo?

“Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—JOHANE 8:32.

IBHAYIBHELI liqukethe amaqiniso angasikhulula ezinkolelweni ezididayo noma ezingamanga ngoJesu. Nokho, ingabe kunendaba ngempela lokho esikukholelwayo ngaye? Yebo, kunendaba. Kunendaba kuJehova. Kunendaba kuJesu futhi kufanele kube nendaba nakithi.

● Kungani kunendaba kuJehova? Kalula nje, ngoba “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) UJehova ufuna siphile phakade ngenjabulo. UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo . . . abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe njengoMhlengi wethu futhi wasivulela indlela yokuphila phakade ePharadesi emhlabeni ngokuvumelana nentando yaKhe yasekuqaleni. (Genesise 1:28) UNkulunkulu uyakulangazelela ukunikeza isipho sokuphila okuphakade kulabo abafunda iqiniso ngeNdodana yakhe futhi benze ngokuvumelana nalo.—Roma 6:23.

● Kungani kunendaba kuJesu? UJesu naye uyabathanda abantu. Wabonisa uthando lokuzidela ngokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu. (Johane 15:13) Ngaleyo ndlela wayeqonda ukuthi wayenikeza okuwukuphela kwendlela yensindiso. (Johane 14:6) Akufanele-ke kusimangaze ukuthi uJesu ufuna ukubona abaningi bezuza emhlatshelweni wakhe wesihlengo. Yingakho ayala abalandeli bakhe beqiniso ukuba bafundise abantu emhlabeni wonke ngentando kaNkulunkulu nenjongo yakhe.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

● Kungani nathi kufanele sibe nendaba? Ake ucabange ngezinto ezibaluleke kakhulu kuwe—impilo yakho nomndeni wakho. Ingabe ulangazelela impilo enhle nokuphila okungcono, okwakho nokwabantu obathandayo? Esebenzisa uJesu, uJehova unikeza wena nabathandekayo bakho ithemba lempilo ephelele nokuphila okungapheli emhlabeni omusha ongenabo ubuhlungu nokuhlupheka. (IHubo 37:11, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Ungathanda yini ukuphila emhlabeni onjalo? Uma kunjalo, kunokuthile okudingeka ukwenze.

Phinda ubheke umBhalo weBhayibheli ocashunwe kanye nalesi sihloko: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” Iqiniso ngoJesu nendima yakhe ekugcwalisekeni kwentando kaNkulunkulu lingasikhulula ebugqilini obunzima kunabo bonke—ubugqili besono nokufa. Kodwa ukuze uthole lokhu kukhululwa, kudingeka ‘wazi iqiniso.’ Sicela ufunde okwengeziwe ngaleli qiniso nokuthi lingakuzuzisa kanjani wena nabantu obathandayo. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela