Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 6/1 kk. 24-25
  • Iholide Lami Elimnandi Kunawo Wonke!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iholide Lami Elimnandi Kunawo Wonke!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inguqulo kaBedell
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Nansi Inja Yokuzingela Yase-Ireland
    I-Phaphama!—1999
  • Qhubeka Uhlwanyela Imbewu—UJehova Uzoyikhulisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukufuna Ngokuzimisela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 6/1 kk. 24-25

Incwadi Evela E-Ireland

Iholide Lami Elimnandi Kunawo Wonke!

ABAZALI bami bathi kimi: “Kudingeka wenze okuthile okujabulisayo isikhashana ukuze ungakhathazeki kakhulu ngokuhlolwa kwakho kwesikole. Asivakashele umzala wakho nomyeni wakhe e-Ireland futhi sishumayele kubantu okuthukelayo bezwa izindaba ezinhle zoMbuso.”

Ngangingacabangi ukuthi kuzongijabulisa lokho. Ngaphandle kokutadishela ukuhlolwa, ngangithuswe indlela esizoyihamba ngoba angikaze ngiphume eNgilandi futhi angikaze ngiyigibele indiza. Intombazane eneminyaka engu-17 yayiyokwazi kanjani ukuphila edolobheni elincane eliseningizimu-ntshonalanga ye-Ireland elingafani neLondon, idolobha elinokuphila okusheshayo nokuphithizelayo?

Kwakungadingeki ngikhathazeke. Ngayithanda lapho ngehla nje endizeni le ndawo. Kodwa ngenxa yokuthi safika ekuseni kakhulu, ngavele ngozela lapho sesihamba ngemoto. Ngangilokhu ngiphaphama ngibona indawo yasemaphandleni emangelengele kodwa enhle ilokhu ivela ngalé kwemigwaqo enezindonga zamatshe.

Ngobusuku bokuqala, safikela edolobheni laseSkibbereen futhi sajabulela ubusuku obumnandi nobakhayo ngokomoya nomkhaya owawuthuthele e-Ireland ukuze uzosiza ngokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso. Sadlala imidlalo yeBhayibheli. Umuntu nomuntu wayekhetha umlingiswa oseBhayibhelini esikhwameni bese elingisa lokho lo mlingiswa abhekana nakho. Abanye kwakufanele baqagele ukuthi ubani lowo mlingiswa.

Ngakusasa, mina, abazali bami, umfowethu omncane, abazala bethu, nomunye umkhaya sahamba ngesikebhe salibangisa esiQhingini iHeir, esihlala abantu abangaphansi kuka-30. UJesu wathi izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe kuwo wonke umhlaba owakhiwe. Ngakho sachitha usuku lonke sixoxa ngemiBhalo nabantu balapha abanobungane nabangenisa izihambi, sadelisa amehlo ngokubuka indawo enhle engonakalisiwe.

Lalicwathile. Umoya wawuheleza uthaphuka iphunga elimnandi elivela kokhukhunathi abaphuzi basemahlathini. Amathafa ayelele izimbali zasentwasahlobo. Usebe lwesiqhingi olunesihlabathi lwaluholela emaweni anezinguzunga zamadwala, lapho izinyoni ezithi azifane namawabayi namalanda zikhulisela khona amaphuphu azo. Kwakugcwele iziqhingana yonke indawo, eziningi azihlali muntu. Asive sakujabulela ukubumbana okuphelele kwendalo kaJehova!

Emuva eSkibbereen, ngajabulela ukwakha abangane abaningi abahle ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova futhi ngazama ukwenza izinto engangingakaze ngizenze. Engakujabulela kakhulu kwaba ukugwedla isikebhe. Akuve kumnandi ukubuka ugu ugwedla isikebhe! Sahamba sayodoba ukuze sipheke ukudla kwakusihlwa kodwa izimvu zamanzi zazizibamba kuqala izinhlanzi. Sazisungulela eyethu imidlalo yasosebeni lolwandle, saze sazama nokudansa umdanso wase-Ireland.

Sabuye sazinika isikhathi sokufunda okuncane ngomdanso okuthiwa i-Skibbereen. Ngesikhathi amasimu amazambane ase-Ireland engatheli ngawo-1840, leli dolobha namanye aseduze laba phakathi kwezindawo ezathinteka kakhulu. Izinkulungwane zabantu zabulawa indlala, abangaba ngu-9 000 bangcwatshwa ethuneni elilodwa elikhulu. Saduduzeka ngoba siyazi ukuthi maduze ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu ngeke kuphinde kube khona indlala, futhi inqwaba yabantu abafa ngale ndlela ebuhlungu bayophinde bavuswe baphile emhlabeni oyipharadesi.

Sahamba noFakazi bendawo saya kubantu abasezindaweni ibandla eliya ngokwethukela kuzo. Sahamba ngemoto emgwaqweni omncane okhuphukelayo siya emizini egudle amawa abheke oLwandle lwase-Ireland. Nalapha futhi abantu esahlangana nabo babenobungane futhi basamukela. Njengoba sasenzile esiQhingini iHeir, saqala ngokubachazela ukuthi siseholidini kodwa esinye isikhathi sizosichitha sikhuluma nabantu ngesigijimi esiduduzayo esivela eBhayibhelini.

Umama wakhuluma nomunye owesifazane owakujabulela ukuthatha omagazini bethu, INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho sihlangana naye futhi ezinsukwini ezimbalwa kamuva, wathi ukujabulele ukubafunda.

Wasincenga, “ngicela niphinde nibuye nabanye omagazini nizoxoxa nami.” Samtshela ukuthi thina sesiphindela ekhaya kodwa sizothumela umuntu ozomvakashela.

Wathi, “uma niphinde nibuya ningakhohlwa ukuzongibona. Noma ningabuya nini ngiyonibona!”

Usuku lwethu lokugcina eholidini saluchitha olwandle nabazalwane nodade bebandla lendawo. Sazosela inyama sisebenzisa izinkuni ezisosebeni namatshe sabuye sapheka izimbaza ezazikhishwa yilolu lwandle olucwebile esasiziqoqa amadwaleni. Kwaba mnandi kwadela!

Ngingathini nje ngesonto engalichitha e-Ireland? Ngingathi kwaba iholide lami elimnandi kunawo wonke! Akukhona nje ukuthi ngakujabulela kodwa kwakwanelisa ngokukhethekile ukwazi ukuthi ngenza into ejabulisa uJehova futhi ngiletha udumo kuye. Ngiyakuthanda ukukhonza uNkulunkulu wethu, futhi uma unabangane abakahle nomkhaya ozizwa ngendlela efanayo futhi osebenzisana nawe, kuba injabulo enkulu nakakhulu. Lapho ngifika ekhaya, ngabonga uJehova ngokunginika abangane abaningi abanothando futhi abathanda uNkulunkulu ngambonga nangezinkumbulo ezinhle engiyohlale ngizazisa njalo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

An Post, Ireland

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela