Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 6/1 kk. 30-31
  • Wayenenkani Kodwa Ekugcineni Walalela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wayenenkani Kodwa Ekugcineni Walalela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iqhawe Nentombazanyana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Yayifuna Ukusiza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Intombazane Isiza Induna
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Intombazanyana Eyakhuluma Ngesibindi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 6/1 kk. 30-31

Fundisa Izingane Zakho

Wayenenkani Kodwa Ekugcineni Walalela

INGABE wake waba nenkani futhi wangafuna ukulalela?—a Mhlawumbe wabukela uhlelo lwe-TV abazali bakho ababethe ungalubukeli. Kungenzeka wacabanga ngakho wabe usuphatheka kabi ngokuthi awulalelanga. Umuntu owaqale wenqaba ukulalela kwakunguNahamani. Ake sibone ukuthi wasizwa kanjani ukuba angaphinde abe nenkani.

Bona ngeso lengqondo siphila eminyakeni engaphezu kwengu-3 000 edlule. UNahamani ungumkhuzi ovelele webutho laseSiriya. Ujwayele ukutshela amasosha ukuthi enzeni futhi ayamlalela. Kodwa ube esehlaselwa isifo sesikhumba esenyanyekayo esibizwa ngokuthi uchoko. Simenza angathandeki futhi kumelwe ukuba uzwa ubuhlungu obukhulu.

Inkosikazi kaNahamani inesigqilakazi sentombazane encane engumIsrayeli. Ngolunye usuku le ntombazane ixoxela indlovukazi yayo ngendoda egama layo lingu-Elisha esezweni lakubo. Ithi le ndoda ingamphulukisa uNahamani. UNahamani unele angezwa ngale ndaba, afune ukuya ku-Elisha ngaso leso sikhathi. Uphatha izipho eziningi bese engena indlela eya kwa-Israyeli namasosha akhe. Uya enkosini yakwa-Israyeli ukuze ayichazele ukuthi ubekwa yini lapho.

U-Elisha uyezwa, abe esethumela izwi enkosini ukuba ithumele uNahamani kuye. Lapho uNahamani efika emzini ka-Elisha, u-Elisha umane athumele isithunywa kuNahamani ukuba simtshele ayogeza kasikhombisa eMfuleni iJordani. U-Elisha uthi lokhu kuzomphulukisa uNahamani. Ucabanga ukuthi uzizwa kanjani uNahamani uma ezwa lokho?—

Uthukuthela angqangqe. Ngakho uba nenkani futhi uyenqaba ukulalela umprofethi kaNkulunkulu. Utshela amasosha akhe: ‘Kunemifula engcono kabi ekhaya engingageza kuyo.’ Ube esehamba. Uyazi yini ukuthi amasosha akhe amcela ukuba enzeni?— ‘Ukube umprofethi ubekutshele ukube wenze into enkulu, ingabe ubungeke uyenze? Pho kungani ungalaleli lapho ethi yenza into elula kangaka?’

UNahamani uyalalela futhi wenza lokho amasosha akhe akushoyo. Ugxumela izikhathi eziyisithupha emfuleni. Lapho esephuma emanzini okwesikhombisa, ubona isimanga—uchoko alusekho! Usephulukisiwe! Ngokushesha uphindela emuva emzini ka-Elisha oqhele ngamakhilomitha angaba ngu-48 ukuze ayombonga. Ufuna ukunika u-Elisha izipho ezibizayo kodwa lo mprofethi uyazenqaba.

UNahamani ube esecela okuthile ku-Elisha. Uyazi ukuthi yini leyo?— ‘Ngicela unginike imithwalo yomhlabathi ngeminyuzi emibili ngibuyele nayo ekhaya.’ Uyazi ukuthi uyifunelani?— UNahamani uthi ufuna ukunikela izipho zemihlatshelo kuNkulunkulu emhlabathini wezwe labantu baKhe, u-Israyeli. Ube esethembisa ukuthi ngeke aphinde akhulekele omunye unkulunkulu ngaphandle kukaJehova! Manje inkani isiphele nyá futhi uzimisele ukulalela uNkulunkulu weqiniso.

Uyabona ukuthi nawe ungafana kanjani noNahamani?— Uma uke waba nenkani njengaye, ungashintsha. Ungavuma ukusizwa futhi ungaphinde ube nenkani.

Funda eBhayibhelini lakho

  • 2 AmaKhosi 5:1-19

  • Luka 4:27

a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela