Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 6/1 kk. 27-29
  • “Akunakwenzeka!”—Kusho Ukuthini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Akunakwenzeka!”—Kusho Ukuthini?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zonke Izinto Zingenzeka KuNkulunkulu
  • “Uyakukholelwa Lokhu?”
  • Ukuphila Phakade Emhlabeni—Kungenzeka?
  • “UNkulunkulu Angeqambe Amanga”
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
  • Luka 1:37—“Ngokuba Akukho Lutho Olungenzeke KuNkulunkulu”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • “KuNkulunkulu Kungenzeka Konke”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Esingakwenza Ukuze Sihlale Sinokholo Oluqinile Esithembisweni SikaJehova Sezwe Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 6/1 kk. 27-29

“Akunakwenzeka!”—Kusho Ukuthini?

UMKHUMBI i-Titanic, wango-1912, kwakungumkhumbi omkhulu futhi onethezeke kunayo yonke eyayike yaba khona ngaleso sikhathi. Ngenxa yokuthi wawuklanywe ngendlela yesayensi ethuthuke kakhulu kwakucatshangwa ukuthi “awunakucwila.” Yiqiniso, okwenzeka sekwadlula. Lo mkhumbi wawusohambweni lawo lokuqala ngesikhathi ushayisa inguzunga yeqhwa enyakatho yolwandle i-Atlantic wacwila kanye nabantu abangu-1 500 ababekuwo. Umkhumbi okwakuthiwa akunakwenzeka ucwile waphelela emajukujukwini olwandle ngamahora ambalwa nje.

Igama elithi “akunakwenzeka” lingasho izinto eziningi. Singase sichaze into njengokuthi ayinakwenzeka uma sinomuzwa wokuthi ingaphezu kwamandla ethu, asikwazi ukuyifeza noma asiyiqondi. Izinto eziningi ezenziwa ubuchwepheshe banamuhla, esikhathini esithile esidlule zake zabhekwa njengezingenakwenzeka, ngoba ngaleso sikhathi lezo zinto zazingaphezu kwamandla omuntu ukuba azenze noma azicabange. Ukuyisa umuntu enyangeni, ukuthumela imoto eyirobhothi kuyiplanethi iMars elawulwa eMhlabeni, ukukwazi ukubona izakhi zofuzo lomuntu nokukwazi ukubona izindaba njengoba zenzeka endaweni yangakini nasembulungeni yonke—manje lezi zinto seziyenzeka nakuba eminyakeni engu-50 edlule kwakucatshangwa ukuthi azinakwenzeka. Le ndaba wayifingqa ngale ndlela owayengumongameli wase-U.S. uRonald Reagan lapho ekhuluma embizweni yeqembu lososayensi abaqavile abasemikhakheni ehlukahlukene: “Nina kwezobuchwepheshe bamuva, senenze izinto ebezibhekwa njengezingenakwenzeka esikhathini esidlule zenzeka namuhla.”

Njengoba kunentuthuko ebabazekayo, uProfesa John Brobeck wathi: “Usosayensi akanakusho ngokuqiniseka ukuthi into ethile ayinakwenzeka. Angamane athi kunzima ukuthi yenzeke. Kodwa angase asho ukuthi ayinakwenzeka uma ebhekisela olwazini esinalo manje.” Lo profesa wanezela, “uma into ethile ibonakala ingenakwenzeka kithi, into okudingeka yenezelwe umthombo wamandla esingenawo olwazini lwethu lwesayensi yezinto ezisizungezile neyokwakhekha komzimba womuntu. EmiBhalweni yethu lowo mthombo wamandla uchazwa ngokuthi amandla kaNkulunkulu.”

Zonke Izinto Zingenzeka KuNkulunkulu

Kudala ngaphambi kokuba uProfesa Brobeck akhulume ngale ndlela, uJesu waseNazaretha, ochazwa ngokuthi umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, wathi: “Izinto ezingenakwenzeka kubantu zingenzeka kuNkulunkulu.” (Luka 18:27) Umoya kaNkulunkulu ongcwele ungamandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke. Ngeke ukalwe nganoma iyiphi indlela yobuchwepheshe. Umoya ongcwele ungakwazi ukusisiza senze izinto ebesingeke sikwazi ukuzenza ngamandla ethu.

Njengabantu, sivame ukuzithola sisezimweni esinomuzwa wokuthi zingaphezu kwamandla ethu. Ngokwesibonelo, singase sishonelwe abathandekayo bethu noma impilo yomkhaya wethu ingase ibe ecindezela kangangokuba sizizwe sengathi sifike kwangqí ngetshe. Mhlawumbe sizizwa singakwazi ukuzisiza futhi siphelelwa ithemba. Yini esingayenza?

IBhayibheli lisitshela ukuthi umuntu onokholo kuMninimandla onke bese ethandazela umoya ongcwele, enze okusemandleni ukuba amjabulise angaluthola usizo lokunqoba izithiyo ezibonakala zingangentaba. Phawula amazwi kaJesu aqinisekisayo: “Ngiqinisile ngithi kini noma ubani othi kule ntaba, ‘Qukuleka uphonseke olwandle,’ futhi engangabazi enhliziyweni yakhe kodwa enokholo lokuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, kuyokwenzeka kanjalo kuye.” (Marku 11:23) Asikho isimo esibonakala singenakunqobeka noma esingeke sakwazi ukubhekana naso uma sivumela amandla eZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe kuthonye ukuphila kwethu.

Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda eyase ineminyaka engu-38 ishadile futhi yashonelwa umkayo ngenxa yomdlavuza. Yafa olwembiza. Yezwa sengathi kunzima kakhulu ukubhekana nesimo sayo. Kunezikhathi lapho yayifuna ngisho nokufa kunokuba iphile ngaphandle komkayo. Yathi yayizizwa sengathi ihamba esigodini sethunzi lobumnyama. Uma ibheka emuva, iyakholelwa ukuthi ukukhala kwayo kuNkulunkulu, ukufunda iBhayibheli nsuku zonke nokufuna isiqondiso somoya kaNkulunkulu ngobuqotho, kwayisiza yakwazi ukubekezelela isimo eyayisibona singabekezeleleki.

Abanye abashadikazi babenezinkinga ezinkulu emshadweni wabo. Indoda yayiyisidlova futhi inemikhuba eminingi emibi. Ukuphila kwakunzima kakhulu kumkayo. Wazama ukuzibulala. Indoda yabe isiqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Eyakufunda kwayisiza ukuba inqobe imikhuba yayo emibi nokuba yisififane. Umkayo wamangala lapho ebona yenza izinguquko ayecabanga ukuthi ‘azinakwenzeka.’

Enye indoda ichaza ukuphila kwayo kokudla izidakamizwa nokuziphatha okubi njengembangela yosizi lwayo. Ithi: “Ngalahlekelwa ukuzihlonipha.” Yathandaza ngobuqotho kuNkulunkulu: “Nkosi, ngiyazi ukuthi ukhona. Ngicela ungisize!” Umthandazo wayo waholela ekubeni itadishe iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi yenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwayo. Ithi: “Ngangihlale nginemizwa yecala nokuphelelwa ukuzethemba. Ngezinye izikhathi ngangicindizeleka kakhulu. Nokho iZwi likaNkulunkulu liye langisiza ngalwa nale mizwa ephazamisayo. Lapho ngiqwashile, ngangiyisho ngekhanda imiBhalo yeBhayibheli engangiyazi. Le miBhalo yangisiza ukuba ngihlanze ingqondo yami.” Manje ijabule emshadweni wayo. Yona nomkayo bakhuthele ekusizeni abanye ukuba bathembele emandleni eZwi likaNkulunkulu. Ngesikhathi iseyinsizwa ekhathazekile, yayingacabanga ngokuphila kwayo kwamanje njengokungenakwenzeka.

Lokhu kulandisa kubonisa ukuthi ngempela iZwi likaNkulunkulu linamandla nokuthi umoya wakhe ungenza izinto ‘ezingenakwenzeka’ zenzeke ekuphileni kwethu. Kodwa ungase uthi, “Lokhu kudinga ukholo!” Yebo, lokho kuyiqiniso. Eqinisweni, iBhayibheli lithi “ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa [uNkulunkulu].” (Hebheru 11:6) Kubheke ngale ndlela: Uma umngane oqotho, mhlawumbe umphathi webhange noma umuntu othile osesikhundleni, engakutshela ukuthi: “Ungakhathazeki. Uma udinga noma yini, ungithinte.” Ngokuqinisekile leso sithembiso singakunika ithemba. Kodwa, ngokudabukisayo, abantu bavame ukusidumaza. Mhlawumbe umngane wakho angabhekana nesimo esenza kungenzeki ukuba afeze isithembiso sakhe. Uma umngane wakho engashona, konke okuhle kanye namandla akhe okusiza kungaphela ngokuzumayo. Ngakolunye uhlangothi, izinto ezingenzeka kungalindelekile kubantu azinakwenzeka kuNkulunkulu. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Akukho okungenakwenzeka kuNkulunkulu.”—Luka 1:37, The Jerusalem Bible.

“Uyakukholelwa Lokhu?”

Izenzakalo eziningi ezifakazela ubuqiniso bala mazwi zibhalwe eBhayibhelini. Cabangela izibonelo ezimbalwa.

Owesifazane okuthiwa uSara, oneminyaka engu-90 ubudala, wahleka lapho etshelwa ukuthi uzozala indodana, kodwa ukuba khona kwesizwe sakwa-Israyeli kuwubufakazi bokuthi wayizala. Indoda ethile yagwinywa inhlanzi enkulu, yahlala izinsuku ezintathu esiswini sayo, futhi yasinda ukuze ibhale indaba yayo. Igama layo kwakunguJona. ULuka, udokotela owayewazi kahle umehluko phakathi kobuthongo nokufa, walandisa ngendlela insizwa okuthiwa u-Evitiku, eyawa ngayo efasiteleni lekamelo eliphezulu yafa kodwa yavuswa. Lezi akuzona izinganekwane. Ukuzihlolisisa ngokucophelela lezi zenzakalo kuzokwenza uqiniseke ukuthi ziyiqiniso.—Genesise 18:10-14; 21:1, 2; Jona 1:17; 2:1, 10; IzEnzo 20:9-12.

UJesu wathi kumngane wakhe uMarta: “Wonke umuntu ophilayo abonise ukholo kimi akasoze afa.” Ngemva kokusho lesi sithembiso esibonakala singenakwenzeka, uJesu wenezela lo mbuzo obalulekile: “Uyakukholelwa lokhu?” Lo mbuzo usabalulekile nanamuhla futhi kudingeka siwucabangele ngokucophelela.—Johane 11:26.

Ukuphila Phakade Emhlabeni—Kungenzeka?

Ephepheni lezinyathelo ezingokomthetho zokuba nempilo ende, ababhali baphawula lokhu: “Asikude kakhulu isikhathi lapho siyokwazi ukuphila isikhathi eside kunaleso esisiphila manje—mhlawumbe ukuphila phakade.” I-New Encyclopædia Britannica ichaza ukuthi kunokuba imbangela yokufa kube ukuwohloka, ukuguga, ukuhlakazeka kwamangqamuzana noma okunye, kubonakala sengathi iwukuba izinqubo zomzimba ziyeke ukusebenza.a Ithi: “Kungenzeka ukuthi empeleni ukuguga kubangelwa ukuyeka kokusebenza kwezici eziyinkimbinkimbi zomzimba.”

Yize konke lokhu kuthakazelisa, iBhayibheli yilona elisinikeza isizathu esinamandla sokukholelwa ukuthi singaphila phakade ukudlula noma yikuphi ukuhlakanipha kwesayensi. UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, uMthombo wokuphila, uthembisa ukuthi “uyokugwinya ukufa kuze kube phakade.” (IHubo 36:9; Isaya 25:8) Uyakukholelwa lokhu? Leso sithembiso sivela kuJehova, futhi kuyinto engenakwenzeka ukuba aqambe amanga.—Thithu 1:2.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe yokuguga nobude bokuphila, bheka isihloko esithi “Ungaphila Isikhathi Eside Kangakanani?” kuyi-Phaphama! ka-May 2006 enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]

“Izinto ebezibhekwa njengezingenakwenzeka esikhathini esidlule [seziyenzeka] namuhla.”—URONALD REAGAN

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]

Uma ukuphila kubonakala kunzima kakhulu ubani ophendukela kuye?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 27]

NASA photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela