Kungani Inkonzo KaJehova Kumelwe Ize Kuqala?
“Umlomo wami uyolandisa ukulunga kwakho, insindiso yakho usuku lonke.”—IHU. 71:15.
UNGAPHENDULA KANJANI?I
Iziphi izici ezanquma inkambo yokuphila kukaNowa, uMose, uJeremiya noPawulu?
Ikuphi ukuzihlola okuyokusiza ubone ukuthi ukusebenzisa kanjani ukuphila kwakho?
Kungani uzimisele ukubeka inkonzo kaJehova kuqala?
1, 2. (a) Kubonisani ukuzinikezela komuntu kuJehova? (b) Singazuza kanjani ngokucabangela izinqumo ezenziwa uNowa, uMose, uJeremiya noPawulu?
LAPHO uba umlandeli kaJesu ozinikezele nobhapathiziwe, usuke uthatha isinyathelo esibaluleke kakhulu. Ukuzinikezela kwakho kuNkulunkulu kuyisinqumo esibaluleke kunazo zonke ongazenza. Kunjengokungathi uthi: ‘Jehova, ngifuna ube iNkosi yami kuzo zonke izici zokuphila kwami. Ngiyinceku yakho. Ngifuna unginqumele indlela okufanele ngisebenzise ngayo isikhathi sami, izinto okufanele zize kuqala kimi nendlela okufanele ngisebenzise ngayo izinto zami ezibonakalayo neziphiwo zami.’
2 Uma ungumKristu ozinikezele, yilokhu ngokuyinhloko owakuthembisa uJehova. Siyakuncoma ngesinqumo sakho; wenze into efanele newukuhlakanipha. Nokho, ukuqaphela kwakho uJehova njengeNkosi yakho kuyithinta kanjani indlela osebenzisa ngayo isikhathi sakho? Isibonelo sikaNowa, uMose, uJeremiya nesomphostoli uPawulu zingasisiza ukuba siphendule lo mbuzo. Bonke babeyizinceku zikaJehova ezimkhonza ngomphefumulo wonke. Isimo sethu siyefana nesabo. Izinqumo abazenza ngokuphathelene nezinto abaziphishekela ngokuyinhloko zingasikhuthaza ukuba sihlole indlela esisisebenzisa ngayo isikhathi sethu.—Math. 28:19, 20; 2 Thim. 3:1.
NGAPHAMBI KUKAZAMCOLO
3. Izinsuku zethu zifana kanjani nezikaNowa?
3 UJesu wafanisa isikhathi sikaNowa nesethu. Wathi: “Njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.” Abantu bangaleso sikhathi “[babedla], bephuza, amadoda eshada nabesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi [abanakanga] kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke.” (Math. 24:37-39) Iningi labantu namuhla liyaziphilela nje, alinandaba nokuphuthuma kwezikhathi zethu. Alizinaki izixwayiso ezimenyezelwa izinceku zikaNkulunkulu. Abaningi baze bawuhleke usulu umqondo wokuthi uNkulunkulu uzongenela ezindabeni zabantu—njengoba kwenza abantu bosuku lukaNowa. (2 Pet. 3:3-7) Noma kunjalo, uNowa wasisebenzisa kanjani isikhathi sakhe ephila kulezo zimo ezinzima?
4. UNowa wasisebenzisa kanjani isikhathi sakhe ngemva kokuthola isabelo esivela kuJehova, futhi ngani?
4 Ngemva kokuba uNkulunkulu emazise injongo yakhe futhi wamnika nesabelo, uNowa wakha umkhumbi owawuzosindisa abantu nezilwane. (Gen. 6:13, 14, 22) UNowa wabuye wamemezela nesahlulelo sikaJehova esasiza. Umphostoli uPetru umbiza ngokuthi “umshumayeli wokulunga,” okubonisa ukuthi wazikhandla ekusizeni omakhelwane bakhe ukuba babone ubucayi besimo sabo. (Funda eyesi-2 Petru 2:5.) Ucabanga ukuthi kwakuyoba nengqondo yini ngoNowa nomkhaya wakhe ukuba bagxile ekuqaleni ibhizinisi, ekulweleni ukuba ngcono kunabantu ababephila nabo, noma ekuqinisekiseni ukuthi ukuphila kwabo kuntofontofo? Lutho neze! Njengoba babekwazi okwakuzokwenzeka, bazigwema iziphazamiso ezinjalo.
OKWAKHETHWA INKOSANA YASEGIBHITHE
5, 6. (a) Imfundo eyatholwa uMose cishe yayihloselwe ukumlungiselela ini? (b) Kungani uMose awenqaba amathuba ayemvulekele eGibhithe?
5 Isibonelo esilandelayo esikaMose. Wakhulela esigodlweni saseGibhithe njengendodana yokutholwa yendodakazi kaFaro. Njengenkosana, wafundiswa “konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe.” (IzE. 7:22; Eks. 2:9, 10) Cishe le mfundo yayihloselwe ukumlungiselela umsebenzi wasebukhosini esigodlweni sikaFaro. Wayengaba umuntu ovelele embusweni owawunamandla kakhulu ngaleso sikhathi, anethezeke, abe namalungelo nezinjabulo ezazihambisana naleso sikhundla. Kodwa, ingabe wabheka ukujabulela lezo zinto njengento ebalulekile?
6 Ngenxa yokuqeqeshwa akuthola esemncane kubazali bakhe bangempela, cishe uMose wayekwazi lokho uJehova ayekuthembise okhokho bakhe u-Abrahama, u-Isaka noJakobe. UMose waba nokholo kulezo zithembiso. Kumelwe ukuba wacabangisisa ngekusasa lakhe nangobuqotho bakhe kuJehova. Ngakho, lapho kufika isikhathi sokuba akhethe phakathi kokuba inkosana yaseGibhithe noma ukuba isigqila esingumIsrayeli, yini ayikhetha? Wakhetha “ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu kunokujabula isikhashana esonweni.” (Funda amaHebheru 11:24-26.) Kamuva, walandela isiqondiso sikaJehova mayelana nendlela okwakufanele asebenzise ngayo ukuphila kwakhe. (Eks. 3:2, 6-10) Kungani uMose enza lokho? Yingoba wayezikholelwa izithembiso zikaNkulunkulu. Waphetha ngokuthi wayengenalo ikusasa eGibhithe. Nembala, ngemva nje kwalokho uNkulunkulu washaya leso sizwe ngezinhlupho eziyishumi. Ingabe uyasibona isifundo kulokhu esingazuzisa labo abazinikezele kuJehova namuhla? Kunokuba sigxile emsebenzini wokuziphilisa noma ezinjabulweni zalesi simiso sezinto, kumelwe sigxile kuJehova nasenkonzweni yakhe.
UJEREMIYA WAYEKWAZI OKWAKUZOKWENZEKA
7. Isimo sikaJeremiya sifana kanjani nesethu?
7 Omunye umuntu owabeka inkonzo kaJehova kuqala kwakungumprofethi uJeremiya. UJehova wanika uJeremiya isabelo sokuba umprofethi wakhe ukuze amemezele isigijimi sesahlulelo kubantu abayizihlubuki baseJerusalema nakwaJuda. Ngomqondo othile, uJeremiya wayephila “engxenyeni yokugcina yezinsuku.” (Jer. 23:19, 20) Wayazi kahle kamhlophe ukuthi isimiso ayephila kuso sasingeke siqhubeke isikhathi eside.
8, 9. (a) Kungani kwadingeka ukuba uBharuki alungise indlela yakhe yokucabanga? (b) Yini okufanele siyikhumbule lapho sihlelela ikusasa?
8 Lokho uJeremiya ayekukholelwa kwaba namuphi umphumela onengqondo? Akazange azame ukuzakhela ikusasa kuleso simiso esasizobhujiswa. Phela, kwakungeke kube ukuhlakanipha ukwenza kanjalo. Nokho, okwesikhashana unobhala wakhe, uBharuki, waba nombono ofiphele. Ngakho, uNkulunkulu waphefumulela uJeremiya ukuba amtshele: “Bheka! Engikwakhile ngiyakudiliza, engikutshalile ngiyakusiphula, ngisho nalo lonke izwe ngokwalo. Kodwa wena, uqhubeka uzifunela izinto ezinkulu. Musa ukuqhubeka uzifuna. Ngoba bheka ngiletha inhlekelele phezu kwayo yonke inyama, . . . futhi ngiyokunika umphefumulo wakho ukuba ube yimpango yakho kuzo zonke izindawo ongase uye kuzo.”—Jer. 45:4, 5.
9 Asinakugomela ngokuthi ziyini “izinto ezinkulu” uBharuki ayezifunela zona.a Nokho, siyazi ukuthi zaziyizinto ezingenalo ikusasa, izinto ezaziyophela lapho abaseBhabhiloni benqoba iJerusalema ngo-607 B.C.E. Ingabe sikhona isifundo esisitholayo kulokhu? Ukuze sithole izidingo zokuphila kudingeka silihlelele ikusasa. (IzAga 6:6-11) Kodwa bekungaba ukuhlakanipha yini ukuchitha isikhathi esiningi namandla siphishekela izinto ezingenanzuzo ehlala njalo? Yiqiniso, inhlangano kaJehova iyaqhubeka ihlela ukwakha amaHholo OMbuso amasha, izakhiwo zamagatsha nokwenza eminye imisebenzi engokwasezulwini. Nokho, le misebenzi inalo ikusasa ngoba injongo yayo iwukuthuthukisa izithakazelo zoMbuso. Kuyoba okufanele ngabo bonke abantu bakaJehova abazinikezele ukuba nabo bazihlele kahle izinto ngokubaluleka kwazo lapho behlelela ikusasa. Ingabe uyaqiniseka enhliziyweni yakho ukuthi ‘ufuna kuqala umbuso nokulunga kukaJehova’?—Math. 6:33.
“NGIZIBHEKA NJENGENQWABA YEZIBI”
10, 11. (a) Ukuphila kukaPawulu kwakugxilephi ngaphambi kokuba abe umKristu? (b) Kungani imigomo kaPawulu yashintsha ngokuphelele?
10 Okokugcina, ake sicabangele isibonelo sikaPawulu. Ngaphambi kokuba aguqukele ebuKristwini, wayenekusasa elalibonakala liqhakazile. Wayefunde umthetho wamaJuda komunye wabafundisi ababedume kakhulu osukwini lwakhe. Wayenikezwe igunya ngumpristi ophakeme wamaJuda. Wayethuthuka kakhulu nasenkolweni yobuJuda kunontanga yakhe abaningi. (IzE. 9:1, 2; 22:3; 26:10; Gal. 1:13, 14) Noma kunjalo, konke lokho kwashintsha lapho eqaphela ukuthi uJehova wayesesisusile isibusiso sakhe esizweni samaJuda.
11 UPawulu waqaphela ukuthi ngokombono kaJehova ukuphishekela isikhundla esimisweni samaJuda kwakungenanzuzo; kungenalo ikusasa. (Math. 24:2) Lo muntu owayengumFarisi ngaphambili waze wathi lokho ayecabanga ukuthi kubalulekile manje wayesekubheka ‘njengenqwaba yezibi’ uma ekuqhathanisa nokuqonda okusha ayesenakho ngezinjongo zikaNkulunkulu nangelungelo lenkonzo yobuKristu. UPawulu wakuyeka lokho ayekuphishekela enkolweni yobuJuda futhi wasebenzisa iminyaka esele yokuphila kwakhe emhlabeni ekushumayeleni izindaba ezinhle.—Funda eyabaseFilipi 3:4-8, 15; IzE. 9:15.
HLOLA UKUTHI YINI EZA KUQALA KUWE
12. Yini uJesu agxila kuyo ngemva kokubhapathizwa?
12 UNowa, uMose, uJeremiya, uPawulu nabanye abaningi abafana nabo basebenzisa isikhathi sabo esiningi namandla ekuphishekeleni imisebenzi engokwasezulwini. Bayizibonelo ezinhle kithi. Yiqiniso, uJesu oyisibonelo esikhulu kunazo zonke ezincekwini zikaJehova ezizinikezele. (1 Pet. 2:21) Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wasebenzisa konke ukuphila kwakhe kwasemhlabeni ekushumayeleni izindaba ezinhle nasekudumiseni uJehova. Isiphetho esisobala esingafinyelelwa umKristu oqaphela uJehova njengeNkosi yakhe, siwukuthi ukumkhonza kufanele kuze kuqala ekuphileni kwakhe. Ingabe yileso siphetho osifinyelele nawe? Ukuphishekela imigomo engokwasezulwini kungavunyelaniswa kanjani nomsebenzi wokuziphilisa odingekayo?—Funda iHubo 71:15; 145:2.
13, 14. (a) Yini wonke amaKristu azinikezele akhuthazwa ukuba ayicabangele? (b) Ikuphi ukwaneliseka abantu bakaNkulunkulu abangakujabulela?
13 Sekuyiminyaka eminingi inhlangano kaJehova ikhuthaza amaKristu ngokuphindaphindiwe ukuba akucabangele ngomthandazo ukuthi angephayone yini. Kunezimo ezahlukahlukene ezenza ukuba ezinye izinceku zikaJehova ezithembekile zingakwazi ukunikela amahora angaba ngu-70 ngenyanga emsebenzini wokushumayela. Akufanele zizizwe kabi ngalokhu. (1 Thim. 5:8) Kodwa kuthiwani ngawe? Ingabe ngempela ngeke wakwazi ukuphayona?
14 Cabanga ngenjabulo abantu bakaNkulunkulu abaningi ababa nayo ngenkathi yeSikhumbuzo kulo nyaka. Ngo-March kwenziwa ilungiselelo elikhethekile lokuba amaphayona asizayo akhethe ukuthi ayezonikela ngamahora angu-30 noma angu-50 enkonzweni yasensimini. (IHu. 110:3) Izigidi zaba amaphayona asizayo, futhi amabandla abonakala echichima injabulo nesasasa. Ungazihlela yini izimo zakho ukuze uthole injabulo efanayo izikhathi eziningana? Ekupheleni kosuku ngalunye, kumlethela ukwaneliseka okukhulu umKristu ozinikezele ukukwazi ukuthi, “Jehova, ngenze konke ebengingakwenza enkonzweni yakho.”
15. Kufanele ube yini umgomo womKristu osemusha ngokuphathelene nemfundo yezwe?
15 Uma usuzoqeda esikoleni, kungenzeka ukuthi usenempilo enhle nemithwalo yemfanelo embalwa. Ingabe usuye wakucabangela ngokungathi sína ukuba iphayona elivamile? Akungabazeki ukuthi abeluleki basesikoleni bakholelwa ngobuqotho ukuthi ukuphishekela imfundo ephakeme nokuhlelela umsebenzi wokuziphilisa kuyokuzuzisa kakhulu. Nokho, bona bathembele esimisweni sezenhlalo nesezimali esingenalo ikusasa laphakade. Kanti-ke, uma uphishekela imisebenzi engokwasezulwini uyobe uphishekela imigomo ezuzisa ngempela nehlala njalo. Uyobe futhi ulandela isibonelo sikaJesu esiphelele. Leso sinqumo esihlakaniphile siyokulethela injabulo. Siyokuvikela. Siyobonisa nokuthi uzimisele ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho kuJehova.—Math. 6:19-21; 1 Thim. 6:9-12.
16, 17. Imiphi imibuzo ephakamayo mayelana nomsebenzi wokuziphilisa nezinye izinto eziphishekelwayo?
16 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi namuhla zisebenza amahora amaningi ukuze zinakekele izidingo eziyisisekelo zemikhaya yazo. Nokho, kungenzeka ukuthi ezinye zisebenza amahora amaningi ngokungadingekile. (1 Thim. 6:8) Ezentengiselwano zenza konke ezingakwenza ukuze zisenze sikholelwe ukuthi asinakuphila ngaphandle kwemikhiqizo yazo eminingi nokuthola yonke into entsha engenayo emakethe. Kodwa amaKristu eqiniso awafuni ukuba kube izwe likaSathane eliwanqumela izinto eziza kuqala kuwo. (1 Joh. 2:15-17) Ngokuphathelene namaKristu asethathe umhlalaphansi, iyiphi indlela engcono yokusebenzisa isikhathi sawo kunokungenela inkonzo yamaphayona, abeke inkonzo kaJehova kuqala?
17 Zonke izinceku zikaJehova ezizinikezele zingazibuza: Uyini umgomo wami oyinhloko ekuphileni? Ingabe ngibeka izithakazelo zoMbuso kuqala? Ingabe ngilingisa isimo sengqondo sikaJesu sokuzidela? Ngiyasilalela yini iseluleko sakhe sokuqhubeka ngimlandela? Ngingakwazi yini ukulungisa isimiso sami ukuze nginikele isikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela ngoMbuso noma kweminye imisebenzi engokwasezulwini? Ngisho noma okwamanje izimo zami zingangivumeli ukuba ngandise inkonzo yami, ingabe ngiyaqhubeka ngihlakulela umoya wokuzidela?
“UKUZE NITHANDE FUTHI NENZE”
18, 19. Yini ongase uyithandazele, futhi kungani leso sicelo siyomjabulisa uJehova?
18 Kuyajabulisa ukubona intshiseko yabantu bakaNkulunkulu. Nokho, abanye bangase bangabi naso isifiso sokuphayona noma bangase bazizwe bengakufanelekeli—ngisho noma izimo zabo zibavumela. (Eks. 4:10; Jer. 1:6) Kuthiwani-ke ngalaba? Ngeke yini kube okufanelekayo ukukuthandazela lokhu? Ngokuqinisekile, kuyoba okufanele. UPawulu watshela amaKristu akanye nawo ukuthi uJehova “nguye osebenza ngaphakathi kini, ngentando yakhe, ukuze nithande futhi nenze.” (Fil. 2:13) Uma ungazizwa ushukumiseleka ukuba wandise inkonzo yakho, mcele uJehova akunike kokubili isifiso namandla okwenza kanjalo.—2 Pet. 3:9, 11.
19 UNowa, uMose, uJeremiya, uPawulu noJesu bonke babengamadoda azinikele. Basebenzisa isikhathi namandla abo ekumemezeleni isigijimi sikaJehova esiyisixwayiso. Abavumelanga lutho ukuba lubaphazamise. Ukuphela kwalesi simiso sezinto kungafika noma nini; ngakho, sonke thina esizinikezele kuNkulunkulu kudingeka siqiniseke ukuthi siyaqhubeka senza konke okusemandleni ethu ekulingiseni lezi zibonelo ezinhle ezisemiBhalweni. (Math. 24:42; 2 Thim. 2:15) Ngokwenza lokho, singajabulisa uJehova futhi sithole izibusiso zakhe ezicebile.—Funda uMalaki 3:10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi ethi UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya, amakhasi 104-106.
[Isithombe ekhasini 21]
Abantu abasinakanga isixwayiso sikaNowa
[Isithombe ekhasini 24]
Usuye wakucabangela yini ngokungathi sína ukuba iphayona elivamile?