ISIHLOKO ESISEKUQALENI: LOKHO ESIKUFUNDA KUMOSE
Wayengubani UMose?
Yini efika engqondweni yakho lapho uzwa igama elithi Mose? Ingabe kufika . . .
umntwana ofihlwe unina kubhasikidi wabe esewubeka eMfuleni iNayile?
umfana owakhuliswa indodakazi kaFaro ebukhazikhazini baseGibhithe—kodwa ongazange akhohlwe ukuthi ungumIsrayeli?
indoda eyaba umalusi kwaMidiyani iminyaka engu-40?
indoda eyakhuluma noJehovaa iphambi kwesihlahla esivuthayo?
indoda eyaya enkosini yaseGibhithe, ngesibindi yacela le nkosi ukuba ikhulule ama-Israyeli ebugqilini?
indoda eyalalela isiqondiso sikaNkulunkulu ngokumemezela iziNhlupho Eziyishumi kwabaseGibhithe lapho inkosi yakhona idelela uNkulunkulu weqiniso?
indoda eyahola ama-Israyeli ngenkathi ephuma eGibhithe?
indoda eyasetshenziswa ekuhlukaniseni uLwandle Olubomvu?
indoda eyanikeza ama-Israyeli iMiyalo Eyishumi evela kuNkulunkulu?
KONKE lokhu kanye nokunye kwenzeka kuMose. Yingakho amaKristu, amaJuda namaSulumane eyihlonipha le ndoda ethembekile!
Kusobala ukuthi uMose wayengumprofethi owenza “izenzo ezinkulu ezithuthumelisayo.” (Duteronomi 34:10-12) Wavumela uNkulunkulu ukuba amsebenzise ngendlela ekhethekile. Noma kunjalo, uMose wayengumuntu ofana nawo wonke umuntu. Njengomprofethi u-Eliya, uMose wayengumuntu “onemizwa efana neyethu.” (Jakobe 5:17) UMose wabhekana nezinkinga eziningi ezifana nesibhekana nazo namuhla, futhi wazinqoba.
Ungathanda yini ukwazi ukuthi wakwenza kanjani lokho? Ake sixoxe ngezimfanelo ezintathu ezinhle uMose azibonisa nalokho esingakufunda esibonelweni sakhe.
a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu elembulwe eBhayibhelini.