Uhlu Lokuphakathi
March 15, 2013
© 2013 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.
UMAGAZINI OFUNDWAYO
APRIL 29, 2013–MAY 5, 2013
“Akunasikhubekiso” Kulabo Abathanda UJehova
IKHASI 3 • IZINGOMA: 45, 32
MAY 6-12, 2013
Ingabe ‘Unenhliziyo Yokwazi’ UJehova?
IKHASI 8 • IZINGOMA: 62, 60
MAY 13-19, 2013
Njengoba ‘Sesimazi UNkulunkulu’—Yini Okumelwe Siyenze?
IKHASI 13 • IZINGOMA: 81, 135
MAY 20-26, 2013
UJehova Uyindawo Yethu Yokuhlala
IKHASI 19 • IZINGOMA: 51, 95
MAY 27, 2013–JUNE 2, 2013
Dumisa Igama LikaJehova Elikhulu
IKHASI 24 • IZINGOMA: 27, 101
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ “Akunasikhubekiso” Kulabo Abathanda UJehova
Wonke amaKristu asemncintiswaneni wokuzuza umklomelo wokuphila okuphakade. Kodwa ngenxa yesono esisizuze njengefa, sonke siyakhubeka. Lesi sihloko sizosisiza sibone izikhubekiso ezinhlanu futhi sichaze nendlela yokuzigwema ukuze zingasivimbi ukuba siphumelele.
▪ Ingabe ‘Unenhliziyo Yokwazi’ UJehova?
Incwadi kaJeremiya isitshela okuningi ngenhliziyo. Lesi sihloko sizosisiza sibone ukuthi iyini ‘inhliziyo engasokile’ nokuthi ingaba kanjani yingozi ngisho nakumaKristu. Sizobona nokuthi, yini esingayenza ukuze sibe ‘nenhliziyo yokwazi’ uJehova?—Jer. 9:26; 24:7.
▪ Njengoba ‘Sesimazi UNkulunkulu’—Yini Okumelwe Siyenze?
Yiziphi izinyathelo ezihilelekile ukuze simazi uNkulunkulu naye asazi? Kungani ukukhula komKristu kuqhubeka ngemva kokuba umuntu esefinyelele ukuvuthwa okungokomoya futhi kwenzeka kanjani? Lesi sihloko sizokusiza ukuba uphendule le mibuzo.
▪ UJehova Uyindawo Yethu Yokuhlala
Siphila ezweni elinenzondo ngokomoya, kodwa akudingeki sesabe. Lesi sihloko sibonisa ukuthi thina sinendawo yokuhlala ephephe kunazo zonke—uJehova uNkulunkulu wethu.
▪ Dumisa Igama LikaJehova Elikhulu
Kusho ukuthini ukuba omunye wabantu ababizwa ngegama likaNkulunkulu? Kusho ukuthini ukuhamba ngalelo gama? UNkulunkulu ubabheka kanjani labo abadelela igama lakhe? Lesi sihloko sinikeza izimpendulo.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
29 Ingabe Walotshwa NguJosephus Ngempela?
30 Ungalokothi Ulilahle Ithemba!
ISEMBOZO: IFinland inogu olude oluneziqhingi eziningi. Kuphinde kube nezinkulungwane zamachibi, ikakhulukazi maphakathi kanye nasempumalanga yeFinland. Abanye abamemezeli abakhonza isikhashana lapho kunendingeko enkulu khona bangase basebenzise izikebhe lapho beshumayela
EFINLAND
INANI LABANTU:
5 375 276
ISILINGANISO:
1:283
AMAPHAYONA AVAMILE:
1 824