Uhlu Lokuphakathi
May 15, 2013
© 2013 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.
UMAGAZINI OFUNDWAYO
JULY 1-7, 2013
Feza Indima Yakho Njengomvangeli
IKHASI 3 • IZINGOMA: 103, 102
JULY 8-14, 2013
Ingabe ‘Uyayishisekela Imisebenzi Emihle’?
IKHASI 8 • IZINGOMA: 108, 93
JULY 15-21, 2013
Qinisani Umshado Wenu Ngokukhulumisana Okuhle
IKHASI 14 • IZINGOMA: 36, 87
JULY 22-28, 2013
Bazali, Zingane—Khulumisanani Ngothando
IKHASI 19 • IZINGOMA: 88, 3
JULY 29, 2013–AUGUST 4, 2013
Qapha Ifa Lakho Ngokukhetha Ngokuhlakanipha
IKHASI 26 • IZINGOMA: 14, 134
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ Feza Indima Yakho Njengomvangeli
Kusho ukuthini ukuba umvangeli? Lesi sihloko siphendula lo mbuzo futhi sibonise ukuthi kungani abantu bedinga izindaba ezinhle. Sichaza nokuthi singaphumelela kanjani ekufezeni indima yethu njengabavangeli.
▪ Ingabe ‘Uyayishisekela Imisebenzi Emihle’?
Lesi sihloko sidingida izindlela ezimbili ‘ukushisekela kwethu imisebenzi emihle’ okudonsela ngazo abantu kuNkulunkulu. (Thithu 2:14) Eyokuqala iwumsebenzi wethu wokushumayela. Eyesibili iwukuziphatha kwethu ngendlela ejabulisa uNkulunkulu.
▪ Qinisani Umshado Wenu Ngokukhulumisana Okuhle
▪ Bazali, Zingane—Khulumisanani Ngothando
Ukukhulumisana okuhle kubalulekile ukuze umbhangqwana ube nomshado nokuphila komkhaya okujabulisayo. Isihloko sokuqala sibonisa izimfanelo ezingasisiza ukuba sikhulumisane kahle. Isihloko sesibili sibonisa lokho okungase kwenziwe ukuze kunqotshwe izithiyo ekukhulumisaneni phakathi kwabazali nezingane.
▪ Qapha Ifa Lakho Ngokukhetha Ngokuhlakanipha
Iliphi ifa elingokomoya elibekwe phambi kwamaKristu? Yini esingayifunda ngefa lethu esibonelweni esiyisixwayiso sika-Esawu? Ukuthatha ziphi izinyathelo okuyosisiza ukuba sikhethe ngokuhlakanipha ngokuphathelene nefa lethu? Le mibuzo iyaphendulwa kulesi sihloko.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
24 Okwenza Ukuphila Kwethu Kube Nenjongo Yangempela
31 Ezivela Ezinqolobaneni Zethu
ISEMBOZO: Odade bafakaza kumninisitolo enyakatho-ntshonalanga yeLondon besebenzisa izincwadi zesiGujarati
ELONDON, ENGILANDI